1AMAFILISTI a butela onke amabuto awo eAfeki, abakwaIsraeli ba ngenisa eduze nomtombo o seJezrili.
2Amakosi amaFilisti a dhlula ngamakulu, nangezinkulungwane, kodwa uDavida nabantu bake ba dhlula emva kanye noAkishi.
3Za ti izinduna zamaFilisti, Enzani lawa maHeberu lapa na? uAkishi wa ti ezinduneni zamaFilisti, A si ye uDavida lowo inceku kaSauli inkosi yaba kwa Israeli o kade e nami nga lezi 'zinsuku, nanga leminyaka, a ngi bonanga icala kuyena, se loku e za kimi ku ze ku be namhla.
4Izinduna zamaFilisti za m tukutelela, nezinduna zamaFilisti za ti kuye, buyisa lomuntu, a buyele endaweni yake o m nike yona, a nga yi nati empini, funa kanti empini a be isita setu, ngokuba u ya kuzihlangula ngani enkosini yake. Ku nge be ngamakanda a lawa'madoda na?
5A si ye uDavida lo na? aba be sina ngaye, be ti, uSauli u bulele izinkulungwane zake, uDavida izinkulungwane ezi ngamashumi na?
6uAkishi wa biza uDavida wa ti kuye, Impela, ngokupila kukaJehova u lungile wena, nokupuma kwako nokungena kwako nami esixukwini, ku lungile emehlweni ami, ngokuba a ngi bonanga uto olubi ku wena se loku wa fika kimina ku ze ku be namhla, noko amakosi a u ku tandi.
7Ngako buya manje u hambe kahle, ukuze u nga vusi amakosi amaFilisti.
8uDavida wa ti kuAkishi, ngenzeni na? u boneni encekwini yako se loku nga hlala nawe ku ze ku be namhla, ukuba ngi nga yi ukulwa nezita zenkosi yami, nkosi na?
9uAkishi wa pendula, wa ti kuDavida, ngi yazi, u lungile emehlweni ami, njengengelosi ka Tixo, noko izikulu zamaFilisti zi tyilo ukuti, yena a ka yi ku kupuka a ye nati empini.
10Ngako vuka ekuseni kanye nezinceku zomnumuzana wako e zi fikileyo nawe, ni hambe ekuvukeni kwenu kusasa se ku kanya.
11Ngako uDavida nabantu bake ba vuka ekuseni ba hamba ukubuyela ezweni lamaFilisti, amaFilisti a kupukela eJezrili.