1UDAVIDA wa ti enhliziyweni yake ngi za kufa ngolunye usuku ngesandhla sika Sauli. Akuko oku ngi lungeleyo ku nokuba ngeqele ezweni lamaFilisti, uSauli wo lahla itemba ngami, a nga be e sa ngi funa futi, emkaulweni wabaIsraeli, ngi sinde kanjalo esandhleni sake.
2uDavida wesuka weqa namaJoda a ngamakulu a isitupa a e naye, wa ya ku Akishi, indodana ka Maoke, inkosi yaseGati.
3uDavida wa hlala noAkishi eGati, yena nabantu bake i lowomuntu nomuzi wake. uDavida nabafazi bake ababili, uAhinoami waseJezrili, noAbigaili waseKameli, umka Nabali.
4Kwa tyelwa uSauli, ukuba uDavida a balekele eGati, a ka be sa m funa futi.
5uDavida wa ti kuAkishi, Uma ngi tolile manje umusa emehlweni, ako, ma ba ngi nike indawo emzini osemapandhleni, ukuba ngi hlale kona, ngokuba ku ngani ukuba inceku yako i hlale nawe emzini wobukosi na?
6uAkishi wa m nika iZiklagi ngalolo' suku, ngako iZiklagi elamakosi a seJuda ku ze ku be namhla.
7Isikati sokuhlala kuka Davida emapandhleni kumaFilisti, sa si umnyaka munye nezinyanga ezine.
8uDavida nabantu bake ba kupuka ba hlasela amaGeshuri, namaGezeri, namaAmaleki, ngokuba laba ba be abantu ba lelozwe kwasendulweni, ngenhlela e ya eShuri ku ze ku fike ezweni laseEgipite.
9uDavida wa li tyaya izwe a ka shiyanga muntu e pilile owesilisa nowesifazana, wa muka nezimvu nezinkabi nezimbongolo, namakamelo nezingubo, wa buya, we za kuAkishi.
10Wa ti uAkishi, u hlaselepi namhla na? uDavida wa ti, be ngi hlasele enzantsi kweJuda, nangenzantsi kweJerameli, nangenzantsi kwamaKeni.
11uDavida a ka shiyanga ndoda nowesifazana e pilile ukuya ku bika eGati, e ti funa ba si cebe, be ti, Wenze nje uDavida ku zo ba njalo ukwenza kwake sonke isikati a hlala ngaso ezweni lamaFilisti.
12uAkishi wa kolwa uDavida, e ti, wenzile abantu bake abaIsraeli ukuba ba m zonde, ngako u ya kuba inceku yami njalonjalo.