1ABA seZifi be za kuSauli eGibea, be ti uDavida a bacile ini entabeni iHakila e nga pambi kweJeshimone?
2Wesuka uSauli, wehlela ehlane laseZifi, e namadoda a ketiweyo a kwa Israeli a izinkulungwane ezintatu ukufuna uDavida ehlane laseZifi.
3uSauli wa ngenisa entabeni iHakila, e nga pambi kweJeshimone, endhleleni, kodwa uDavida wa hlala ehlane wa bona ukuba uSauli u ya m landela kona ehlane.
4uDavida wa kipa izinhloli, wezwa ukuti uSauli u fikile impela.
5Wesuka uDavida, wa fika endaweni lapo uSauli e ngenise kona, uDavida wa bona indawo lapo uSauli e lele kona. uAbneri indodana ka Neri induna yesixuku sake, noSauli wa e lele emseleni nabantu be misa ba m haqa.
6uDavida wa pendula wa ti kuAhimeleki umHiti, naku Abishai indodana ka Zeruia, umfo wabo ka Joabi, e ti, ubani o za kwehlela nami kuSauli ekamu na? uAbishai wa ti imina ngi za kwehla nawe.
7uDavida noAbishai ba fika kubantu ebusuku, bheka uSauli e lele pakati komsele nomkonto wake u gxinyekiwe emhlabatini ngasesicamelweni sake, kodwa uAbneri nabantu ba be lele be m haqile.
8uAbishai wa ti kuDavida, uTixo u se nikele isita sako esandhleni sako namhla, manje, ngi ya kunxusa, ma ngi m gwaze kanye ngomkonto u fike emhlabatini ngi nga m pindi.
9uDavida wa ti kuAbishai, U nga m bulali, ngokuba ubani o ngelula isandhla sake kogcotyiweyo kaJehova, a nga bi nacala na?
10uDavida wa ti futi, ukupila kuka Jehova, uJehova u ya kumtyaya, noma ku fika usuku lwake lokufa, noma ehlele empini, a fe.
11uJehova menqabe ukuba ngelulele isandhla sami kogcotyiweyo ka Jehova, kodwa ngi ya kunxusa, tata wena manje umkonto o sesicamelweni sake nesitya samanzi, si hambe.
12uDavida wa tata umkonto, nesitya samanzi ngasesicamelweni sika Sauli, be muka a kwa bonwa muntu, a kwaziwa muntu, a kwavuka muntu, ngokuba ba be lele bonke, ngokuba ubutongo obukulu obu vela kuJehova ba bu behlele.
13uDavida wa welela ngapesheya wema pezu kwentaba, kude ba hlukana ibanga elikulu.
14uDavida wa memeza abantu noAbneri, indodana ka Neri wa ti, a u penduli wena Abneri na? uAbneri wa pendula wa ti u ubani wena o kala enkosini na?
15uDavida wa ti kuAbneri, a u silo iqawe wena na? Ubani o njengawe kuba Israeli na? yini a u londanga inkosi yako, e inkosi na? Ngokuba kwa ngena omunye kubantu ukubulala inkosi yako.
16Lento a yi lungile o yenzileyo. Ukupila kuka Jehova, ni fanele ukufa ngokuba a ni lindanga umnini wenu o gcotyiweyo ka Jehova, na manje bheka lapo umkonto u kona nesitya samanzi e sa si sesicamelweni sake.
17uSauli wa lazi izwi lika Davida wa ti, izwi lako leli ndodana yami Davida na? uDavida wa ti, Li izwi lami nkosi yami, e nkosi.
18Wa ti, Inkosi yami i yi landelelani njalo inceku yayo na? Ngokuba ngenzeni mina? Intoni embi e sesandhleni sami na?
19Manje ngi ya kunxusa nkosi yami, inkosi ma i zwe amazwi enceku yayo. Uma uJehova e ku nyakazisele mina, ma ka mkele umnikelo, kodwa uma ku ngabantwana babantu, ma ba be abaqalekisiweyo pambi kuka Jehova, ngokuba ba ngi xotyile namhla ekudhleni ifa lika Jehova be ti, hamba, u dumise otixo abanye.
20Manje igazi lami ma li nga citeki emhlabatini pambi kuka Jehova, ngokuba inkosi yabaIsraeli i pumela ukufuna intwakumba, njengomuntu e zingela isikwehle ezintabeni.
21uSauli wa ti, ngonile, buya ndodana yami, Davida, ngokuba a ngi sa yi ku kuhlupa, ngokuba umpefumlo wami wa u igugu emehlweni ako, namhla bheka ngenzile okwesinla, ngonile kakulu.
22uDavida wa pendula, wa ti, bheka umkonto wenkosi! dedela enye insizwa i zo wu tata.
23uJehova a bele kubantu bonke ku be kulowo ukulunga kwake nokukoleka kwake, ngokuba uJehova u ku nikele esandhleni sami namhla, kodwa a ngi selulanga isandhla sami kogcotyiweyo ka Jehova.
24Bheka! ngokuba ukupila kwako kwa ku igugu elikulu namhla emehlweni ami, ngako ukupila kwami ma ku be igugu elikulu emehlweni ka Jehova, ma ka ngi kulule kuzo zonke izinhlupeko.
25uSauli wa ti kuDavida, Ma u busiswe wena ndodana yami Davida, u ya kwenza izinto ezinkulu u me njalo futi. uDavida wa hamba ngendhlela yake, noSauli wa buyela endaweni yake.