1USAMUELI wa ti kuSauli, uJehova wa ngi tuma ukuba ngi ku gcobe u be inkosi yabantu bake, abaIsraeli, lalelake izwi lika Jehova.
2U tyo uJehova wemikosi, u ti, Ngi qondile loko a kwenzayo uAmaleki kuIsraeli, ukuti wa m mela endhleleni ekukupukeni kwake Egipite.
3A ku hambe, u nqobe uAmaleki, ni qede konke a nako, u nga m haukeli, u bulale abesilisa nabesifazana, izingane nezincelayo, izinkabi nezimvu; amakameli nezimbongolo.
4uSauli wa mema abantu, wa ba bala eTelaimi, izinkulungwane ezimakulu amabili zaba hamba pansi, nezinkulungwane ezi ishumi zabantu ba kwa Juda.
5uSauli wa ya emzini ka Amaleki, wa beka abalaleli esigodini.
6uSauli wa ti kuwo amaKeni, Hambani, ni muke, nehle ni suke kuwo amaAmaleki, funa ngi ni cite kanye nawo, ngokuba na ba pata kahle abaIsraeli bonke ekukupukeni kwabo Egipite. Kona amaKeni emuka kumaAmaleki.
7uSauli wa nqoba amaAmaleki, ku suka eHavila, ku ze ku fike eShuri, eli bhekene neEgipite.
8Wa bamba uAgagi inkosi yamaAmaleki epilile, bonke abantu wa ba qeda ngobukali benkemba.
9Kepa uSauli nabantu ba yeka uAgagi, nezinhle izimvu nezinkabi, nezilungileyo namaundhlu, nako konke okuhle ba be nga vumi ukukuqeda impela; kepa izinto zonke ezimbi nezi namacala ba zi qeda impela.
10Izwi lika Jehova leza kuSamueli, li ti,
11Se ngi zisola ngokuba ngi bekile uSauli a be inkosi; ngokuba u ngi hlubukile, ka wa gcinanga amazwi ami. Wa dabuka uSamueli, wa kala kuJehova ubusuku bonke.
12uSamueli wa vuka kusasa ukuya kumhlangabeza uSauli ekuseni; kwa bikwa ku Samueli, kwa tiwa, uSauli wa fika eKarmeli, bheka wa zimisela inkumbuzo, wesuka, wa dhlula, wehla wa ya eGilgali.
13uSamueli wesuka wa ya kuSauli, uSauli wa ti kuye, Ma u busiswe uJehova; ngi li fezile izwi lika Jehova.
14uSamueli wa ti, Ku ini lokukukala kwezimvu ezindhlebeni zami, nokukala kwezinkabi e ngi ku zwayo?
15uSauli wa ti, Ba buya nazo kuwo amaAmaleki; ngokuba abantu ba yeka oku izona ezinhle izimvu nezinkabi, ukuba ba m hlabele uJehova uTixo wako; ezinye si zi qedile impela.
16uSamueli wa ti kuSauli, Yekake, ngi ku tyele loku a ku tyiloyo kimi uJehova ngalobubusuku. Wa ti kuye, Kulumake.
17uSamueli wa ti, Lapo wa u semncane ngokuzibona kwako, a wenziwanga ini u be inhloko yezizwe za kwa Israeli, uJehova wa ku gcoba u be inkosi ya kwa Israeli?
18uJehova wa ku tuma endhleleni, wa ti, Hamba u ye u qede impela izoni amaAmaleki, u lwe nabo ba ze ba pele.
19A u lalelanga ngani izwi lika Jehova? kepa wa gijimela empangweni, wenza okubi emehlweni ka Jehova.
20uSauli, wa ti kuSamueli, Ngi li lalele izwi likaJehova, ngi hambile ngendhlela a ngi tuma ngayo uJehova, ngi m letile uAgagi inkosi yamaAmaleki, nga qeda amaAmaleki impela.
21Abantu ba tabata impango izimvu nezinkabi, nempahla oku i yona ya yi yinhle e nga ba i qeda ukuba ba m hlabele uJehova uTixo wako eGilgali.
22uSamueli wa ti, Iminikelo nemihlatyelo i ya m tokozisa ini uJehova njengokuba ku lalelwe izwi lika Jehova? Bheka, ukulalela kuhle ku nomhlatyelo, ukuqapela kuhle ku namanoni ezinqama.
23Ngokuba ukutakata ku isono sokuhlubuka, ukukonza imifanekiso nezitombe ku ubuula. Ngokuba u li delile izwi lika Jehova, naye u ku delile ukuba u nga bi inkosi.
24uSauli wa ti, kuSamueli, Ngonile, ngokuba ngi dhlulile umteto namazwi ako ngokuba ngesaba abantu, nga lalela izwi labo.
25Manjeke sale u su ngi tetelela isono sami, u buye nami, ukuba ngi m dumise uJehova.
26uSamueli wa ti kuSauli, A ngi yi kubuya nawe; ngokuba u delile izwi lika Jehova; uJehova u ku delile ukuba u nga bi inkosi ya kwa Israeli.
27uSamueli e sa penduka ukuba a hambe, wa bamba umpeto wengubo yake, ya dabuka.
28uSamueli wa ti kuye, uJehova u kwamukile umbuso wa kwa Israeli namhla, u u nikile umhlobo wako olungileyo kunawe.
29Futi Itemba lika Israeli a li yi kuguquka; ngokuba a si ye umuntu ukuba a nga guquka.
30Wa ti, Ngonile; noko ngi tuse manje pambi kwamalunga abantu bami, na pambi kuka Israeli, u buye nami, ngi dumise uJehova uTixo wako.
31uSamueli wa buya wa m landela uSauli; uSauli wa m dumisa uJehova.
32uSauli wa ti, Letani kimi uAgagi inkosi yamaAmaleki. uAgagi wa fika kuye e sasile. uAgagi wa ti, Impela ukubaba ku dhlulile.
33uSamueli wa ti, Njengaloku inkemba yako i bamukile abafazi abantwana, unyoko u ya kwamukwa abantwana kunabafazi. uSamueli wa m hlahlela uAgagi pambi kuka Jehova eGilgali.
34uSamueli wesuka wa ya eRama; uSauli wa kupuka wa ya ekaya eGibea lika eGilgali.
35uSamueli ka pindanga a be sa m bona uSauli wa za wa fa, kepa uSamueli wa m kalela uSauli. uJehova wa zisola ngokuba wa e m enzile uSauli a be inkosi ya kwa Israeli.