1NGAKO lahlani okubi konke, nobuqili bonke, nokuzenzisa, nomona, nokuhleba konke,
2Njengezingane ezi sandukuzalwa, fisani ubisi oluhle lwezwi, ukuba ni kule ngalo, ni ze ni sindiswe;
3Uma ni zwisise ukuti, iNkosi i mnene;
4Eni za kuyo, itye elipilileyo, li lahliwe abantu, kepa lihle kuTixo, li igugu,
5Nani, nina matye apilileyo, nakiwe indhlu yokomoya, ubupristi obungcwele, ni ze ni nikele iminikelo yokomoya, elungileyo kuTixo ngaye uJesu Kristu.
6Ngokuba ku kona embalweni okuti, Bheka, ngi ya beka eZioni, itye eli inhloko yegumbi, eliketiweyo, eli igugu; okolwayo uye ka yi ku jaba.
7Ngako kinina enikolwayo u igugu; kepa kwabangalaleliyo, itye aba li lahlayo abaki, ilona li inhloko yegumbi,
8Itye lokukubekisa, idwala lokuwisa; kubona abakubekayo, be nga laleli izwi, a be be miselwe kona.
9Kepa nina ni inzalo eketiweyo, ubupristi obubukosi, isizwe esingcwele, abantu abatoliweyo; ukuze ni memezele ubuqawe bake, owa ni bizayo ni pume ebumnyameni, ni ze ekukanyeni kwake okumangalisayo;
10Kade na ni nge siso isizwe, kepa manje ni isizwe sika Tixo; na ni nga haukelwanga, kepa manje ni haukelwe.
11Batandekayo, ngi ya ni nxusa, njengokufanele aba kwelinye izwe nezihambi, delani izinkanuko zenyama, ezi lwa nompefumlo;
12Ni hambe kahle kwabezizwe; ukuze, lapo be ni hleba ngokungati nenza kabi, ku ti ngemisebenzi yenu e lungileyo aba za kuibona, ba m dumise uTixo ngomhla wokuhanjwa kwabo.
13Vumani izimiso zonke zabantu ngayo iNkosi; nokuba ku inkosi enkulu;
14Nokuba ku ngababusi aba tunywa iyo, ukuba ba jezise abenza okubi, ba tuse abenza okulungileyo.
15Ngokuba ku njalo intando ka Tixo, ukuba ni tulise ukungazi kwabantu abangaqondiyo ngokwenza okulungileyo;
16Ni abakululekileyo, kepa ni ngenzi ukukululeka kwenu ku be ituba lokona; ni izinceku zika Tixo.
17Ba tuseni abantu bonke; ni tande abazalwane; nesabe uTixo; ni dumise inkosi.
18Zisebenzi, lalelani amakosi enu ngokwesaba konke; alungileyo namnene kanye nawo a nolaka.
19Ngokuba kuhle loku, uma umuntu e kutazela ekuhlupekeni ngenhliziyo elungileyo kuTixo, e nga fanele ukuhlupeka.
20Ni nodumo luni uma ni kutazela, ni tyaywa ngezono zenu na? kepa uma ni kutazela, ni hlupeka ngokwenza okulungileyo, loku kuhle ku Tixo.
21Na bizelwa kona loku; ngokuba uKristu wa hlupekela nina, wa ni nika isiboniso sokuba si m landele ekuhambeni kwake;
22A konanga yena; a i funyanwanga inkohliso emlonyeni wake;
23Nxa e tukwa, a ka tukanga; nxa e hlupeka, a ka songelanga; wa zinikela kuyena owahlulayo ngokulunga;
24Yena owa twala izono zetu ngomzimba wake emtini, ukuze si fe ezonweni si pile ekulungeni; ni sindiswa ngemivimbo yake.
25Ngokuba na ni njengezimvu ezidukileyo; kepa manje se ni buyele kumalusi nombonisi wemipefumlo yenu.