1BHEKANI utando olungaka a si nike lona uYise lokuba si tiwe abantwana baka Tixo! ngako loku umhlaba a u sazi, ngokuba u nga m azanga yena.
2Batandwa, manje si ngabantwana baka Tixo, kepa a ku ka bonakali into esi ya kuba iyo; kodwa si yazi, nxa e bonakala, si ya kuba njengaye; ngokuba si ya kumbona njengokuba e njalo.
3Bonke aba nalo lelitemba kuye ba ya zihlambulula, njengokuba yena e hlambululekile.
4Bonke abenzayo ukona ba yeqa umteto; ngokuba ukona ku ukuweqa umteto.
5Ni yazi, wa bonakaliswa yena ukuze a suse izono zetu; a kuko ukona kuye.
6Yena o hlala kuye a koni; owonayo ka m bonanga, ka m azanga.
7Bantwana, ma ni nga kohliswa muntu; owenzayo ukulunga u lungile; njengokuba yena e lungile.
8Owenzayo ukona u ngoka Satani; ngokuba uSatani wona na sekuqaleni. Indodana ka Tixo ya bonakaliswa nga loku, ukuze i cite imisebenzi ka Satani.
9Yena o zelwe uTixo a kenzi ukona; ngokuba imbeu yake i hlala kuye; a ngone ngokuba e zelwa uTixo.
10Ku ya bonakaliswa abantwana baka Tixo nabantwana baka Satani nga loku; o ngenziyo ukulunga ka siye oka Tixo, naye o nga m tandiyo umzalwane wake.
11Ngokuba leli li izwi ena li zwayo ekuqaleni lokuti ma si tandane.
12Si nga bi njengaye uKani owa ba ngowa lowo omubi, wa bulala umfo wabo. Wa m bulalelani na? Wa m bulala ngokuba imisebenzi yake i bi mibi, kepa eyomfo wabo i bi lungile.
13Ni nga mangali, bazalwane bami, noma izwe li ni zonda.
14Si yazi ukuti si dhlulile ekufeni si ngene ekupileni, ngokuba si tanda abazalwane. O nga m tandiyo umzalwane wake u sa hlezi ekufeni.
15Yena o zondayo umzalwane wake u ngumbulali; ni yazi ukuti a ku ko umbulali o nokupila okupakade oku hlezi kuye.
16Si ya bona utando luka Tixo nga loku, wa beka ukupila kwake ngenxa yetu; nati nga si beka ukupila kwetu ngenxa yabazalwane.
17Kodwa nxa umuntu e nezinto za lelizwe, e bona umzalwane wake e swele, a m valele umbilini wake wobubele, utando luka Tixo lu nga hlala kanjani kuye na?
18Bantwana bami, a si nga tandi ngezwi, na ngolimi, kodwa a si tande ngokwenza na ngeqiniso.
19Si yazi nga loku ukuti si seqinisweni, si ya kuqinisa izinhliziyo zetu pambi kwake.
20Ngokuba, uma inhliziyo yetu i si lahla; uTixo umkulu ku nenhliziyo yetu, u ya kwazi konke.
21Batandwa, uma inhliziyo yetu i nga si lahli, si nokwetemba kuTixo.
22Konke esi ku celayo, si ya kwamkela kuye, ngokuba si ya i gcina imiteto yake, senze okutandekayo kuye.
23Lo u umyalo wake wokuti si kolwe egameni leNdodana yake uJesu Kristu, si landane njengokusiyala kwake.
24O gcinayo imiyalo yake u hlala kuye, naye u hlala kuye. Si yazi nga loku ukuti u hlala kitina, ngaye uMoya a si nikile yena.