1NGOKUHLATYELWE izitombe si yazi ukuti, si nokwazi sonke, Ukwazi ku ya kukumeza; kepa utando lu yaka.
2Uma umuntu e ti u yazi into, ka yazi njengokuba ku fanele a yazi.
3Kepa uma umuntu e tanda uTixo, lo u yaziwa uye.
4Njalo ngokudhla okuhlatyelwe izitombe, si yazi ukuti, izitombe a zi luto ezweni, nokuti a ku ko omunye uTixo, munye kupela.
5Ngokuba, noma ku kona okutiwa otixo, nokuba ezulwini, nokuba emhlabeni, loku ku kona otixo baningi namakosi maningi;
6Kepa kitina munye uTixo uBaba, oku ngaye konke, nati si kuye; inye iNkosi, uJesu Kristu, oku ngayo konke nati si ngayo.
7Kepa a ba nakwazi bonke; ngokuba abanye be nenhliziyo e sesitombeni namanje ba dhla ngokungati ku hlatyelwe isitombe; inhliziyo yabo i butakataka; yonakele.
8Ukudhla a ku si lungisi kuTixo; ngokuba, noma si dhla, a si lungile, noma si nga dhli, a si babi.
9Kepa qapelani, funa lawamandhla enu a be isikubekiso kwaba butakataka.
10Ngokuba, uma umuntu e ku bona wena o nokwazi u cambalala etempelini lezitombe, inhliziyo ya lowo o butakataka a i yi kuqiniseka ukuba a dhle okuhlatyelwe izitombe na?
11Kona, ngokwazi kwako, u za kububa umzalwane o butakataka, a m felayo uKristu.
12Kepa uma nona njalo kubazalwane, ni cunule inhliziyo yabo e butakataka, ni yona kuKristu.
13Ngaloku, uma ukudhla ku m kubekisa umzalwane wami, a ngi sa yi kudhla inyama ku ze ku be nini, funa ngi m kubekise umzalwane wami.