1BONKE abaIsraeli ba balwa; bheka, ba balwa encwadini yamakosi a kwa Israeli; Aba kwa Juda, ba tunjwa ba yiswa eBabulona ngezono zabo.
2Kaloku abakileyo bokuqala a ba be kona emazweni abo, emizini yabo ba be abaIsraeli, abapristi, abaLevi, namaNetini.
3NaseJerusalema kwa ku hlezi kubantwana baka Juda, na kubantwana baka Benjamini na kubantwana baka Efraimi noManassa,
4uUthai indodana ka Ammihudi, indodana ka Omri indodana ka Imri indodana ka Bani, kubantwana baka Farezi, indodana kaJuda.
5Na kuba Shiloni; uAsaia o wezibulo namadodana ake,
6Na kumadodana aka Zera; uJueli nabafo wabo, be amakulu a isitupa namashumi a isishiyagalolunye.
7Na kumadodana aka Benjamini; uSalu, indodana ka Meshulamu, indodana ka Hodavia, indodana ka Hasenua.
8NoIbneia indodana ka Jerohamu, noEla indodana ka Uzi indodana ka Mikri noMeshulama indodana ka Shefatia indodana ka Ruli indodana ka Ibnija.
9Nabafo wabo njengezizukulwana zabo be amakulu a isishiyagalolunye namashumi a isihlanu nesitupa. Onke lamadoda a be izikulu za oyise endhlini ya oyise.
10Na kubapristi, uJedaia, noJehoiaribi noJakini.
11NoAraria indodana ka Hilkia, indodana ka Meshulama indodana ka Zadoki indodana ka Meraioti indodana ka Ahitubi, umbusi wendhlu ka Tixo.
12uAaia indodana ka Jerohamu indodana ka Pasure indodana ka Malkija, noMasiyi indodana ka Adieli, indodana ka Jahzera indodana ka Meshulama indodana ka Meshilemiti indodana ka Imma.
13Nabafo wabo, izinhloko zendhlu za oyise be izinkulungwane namakulu a isikombisa namashumi a isitupa; amadoda a namandhla emsebenzini wenkonzo yendhlu ka Tixo.
14No kuba Levi; uShemaia indodana ka Hashube, indodana ka Azrikamu indodana ka Hashabia, kumadodana ka Merari,
15NoBakbaka, noHereshe, noGalali noMatania indodana ka Mika, indodana ka Zikri indodana ka Asafa.
16NoObadia, indodana ka Shemaia, indodana ka Galali, indodana ka Jedutuni noBerekia indodana ka Asa, indodana ka Elkana o wa e hlala emizaneni yaba kwa Netofati.
17Abalindi beminyango, ba be uShaluma, uAkube, uTalmone, uAhimane nabafo wabo; uShaluma wa ye omkulu.
18Wa e ma esangweni lenkosi nga sempumalanga kwa ze kwa ba ileso sikati; ba be abalindi beminyango emabutweni abakwa Levi.
19uShaluma indodana ka Kore, indodana ka Ebiasafu indodana ka Kora, nabafo wabo, bendhlu ka yise, amaKorahi, ba be pezu komsebenzi wenkonzo, abalindi bamasango etabanekele; oyise ba be pezu kwebandhla lika Jehova, be abalindi bomnyango.
20uFinehasi indodana ka Eleazari wa e umbusi pezu kwabo ngesikati esidhlulileyo, uJehova wa e naye.
21uZekaria indodana ka Meshelemia wa e umlindi womnyango wetabanekele lenhlangano.
22Bonke laba aba be ketwe ukuba ba be abalindi emasangweni ba be amakulu amabili neshumi nambili. Laba ba be balwa ngokuzalwa kwabo, emizini yabo, aba miswa uDavida noSamueli umbonisi emsebenzini wabo.
23Ngako bona nabantwana babo ba be bheka amasango endhlu ka Jehova, indhlu yetabanekele, ngokulinda.
24Emahlangotini omane kwa ku kona abalindi ngasempumalanga, entyonalanga, enyakato, na seningizimu.
25Nabazalwane babo a ba be semizini yabo ba beza emva kwezinsuku ezi isikombisa izikati ngezikati kanye nabo.
26Ngokuba laba abaLevi abalindi abakulu abane ba be emsebenzini wabo, be pezu kwezindhlu zempahla yendhlu ka Jehova.
27Ba lala ngapandhle kwendhlu ka Tixo ngokuba ukuyilinda kwa ku okwabo; nokuyivula ekuseni imihla yonke.
28Naba kubo ba be linda izitya zokukonza; ukuzikipa, nokuzingenisa zi baliwe.
29Nabanye bakubo ba miswa uku bonisa izitya nezinto zonke zetabanekele nempupu ecolekileyo, newini, namafuta, nenhlaka, namaka.
30Nabanye kumadodana abapristi, benza amafuta okugcoba ngamaka.
31uMatitia, omunye wabaLevi izibulo lika Shaluma umKorahi, e tembekile, wa e pezu ko kwa kosiwa ngezityana ezibanzana.
32Nabanye kubafo wabo, kumadodana aka Kohati, ba be pezu kwezinkwa zokubhekwa, ukuzilungisa amasabata onke.
33Laba bahlabeleli izikulu za oyise kubaLevi ba be hlala emakamelweni, be kululekile ngokuba ba be miselwe lomsebenzi imini nobusuku.
34Lezizikulu za oyise babaLevi za zi izinhloko ezizukulwaneni zabo, za hlala eJerusalema.
35Kwa ku hlala eGibeoni uyise ka Gibeoni uJehieli, igama lomkake la li uMaka.
36Indodana yake yezibulo, uAbdoni, noZuri, noKishi, noBali, noNeri, noNadabi.
37noGedori, noAhio, noZekiria, noMikloti.
38uMikloti wa zala uShimeame. Nabo ba be hlala, nabazalwane babo eJerusalema, ma lungana nabafo wabo.
39uNeri wa zala uKishi, uKishi wa zala uSauli, uSauli wa zala uJonatani, noMelkisua, noAbinadabi, noEsh-bali.
40Indodana ka Jonatani kwa ku uMeribali; uMeribali wa zala uMika.
41Amadodana ka Mika kwa ku uPitoni. uMeleki, uTahrea, noAhazi.
42uAhazi wa zala uJara, uJara wa zala uAlemeti, uAzmaveti, noZimri; uZimri wa zala uMoza.
43uMoza wa zala uBinea, noRefa, indodana yake, uEleasa indodana yake, noAzeli indodana yake.
44uAzeli wa e namadodana i isitupa amagama awo i lawa, uAzrikamu, uBokeru, uIshmaeli, uSheria, uObadia, noHanani; Lawa amadodana ka Azeli.