1AMADODANA aka Isakari, a be uTola, uPua, uJashube, noShimroni, e mane.
2Namadodana ka Tola; uUzi. uRefaia, uJerieli uJamai, uJibsamu, noShemueli, izinhloko zendhlu ya oyise e nge ka Tola; a be amaqawe a namandhla ezizukulwaneni zabo, umumo wabo ezinsukweni zika Davida wa u izinkulungwane ezi mashumi amabili nambili namakulu a isitupa.
3Namadodana ka Uzi; uIzrahia; namadodana ka Izrahia; uMikaeli, uObadia, uJoeli, noIshia e isihlanu; onke a be amakosana.
4Kanye nabo, kwa ku kona ngezizukulwana zabo, njengendhlu ya oyise, izigaba zamabuto, empi abantu aba izinkulungwane ezi mashumi amatatu nesitupa ngokuba ba be nabafazi nabantwana abaningi.
5Nabafo wabo pakati kwemindeni yonke ka Isakari ba be amaqawe abantu aba namandhla be balwa bonke ngezizukulwane zabo, izinkulungwane ezi amashumi a shiyagalombili nesikombisa.
6Amadodana aka Benjamini; uBela, uBekeri noJediale e matatu.
7Namadodana ka Bela; uEzebone, uUzi, uUzieli, uJerimote, noIri amahlanu, izinhloko zendhlu ya oyise a ba namandhla, amaqawe; a balwa ngezizukulwane zabo, izinkulungwane ezi mashumi amabili nambili namashumi amatatu nane.
8Namadodana ka Bekeri; uZemira, uJoashi, uElieza, uElioenai, uOmri, uJerimote, uAbia, uAnatoti noAlameti. Onke lawa amadodana ka Bekeri.
9Umumo wabo ngezizukulwana zabo, ngokuzala kwabo izinhloko zendhlu za oyise amaqawe, a namandhla izinkulungwane ezi mashumi amabili namakulu amabili.
10Namadodana aka Jediale; uBilhani; namadodana ka Bilhani uJushi, uBenjamini uEhudi uKenana, uZethane uTarshishi noAhishaha.
11Onke lawa amadodana aka Jediale ngezinhloko za oyise, aba namandhla abamaqawe izinkulungwane ezi ishumi nesikombisa namakulu amabili amabuto a fanele ukuya empini.
12noShupime noHupime abantwana ka Iri noHushime, amadodana ka Ahere.
13Namadodana ka Naftali; uJazile, uGuni, uGezere, noShaluma, amadodana ka Bilha.
14Namadodana ka Manasa uAsrieli a m zalayo kodwa owesitembu sake umArami wa zala uMakiri uyise ka Giladi;
15uMakiri wa tatela uHupime noShupime abafazi; igama lika dade wabo la li uMakiri negama lawesibili la li Zelofehade; uZelofehade wa e namadodakazi.
16uMaakiri umka Makiri wa zala indodana wa biza igama lake ngokuti uPereshe; igama lomfo wabo la li uShereshe namadodana ake a be uUlamu noRakemu.
17Namadodana aka Ulamu; uBedane. Lawa a be amadodana ka Giladi, indodana ka Makiri indodana ka Manasa,
18Udade wabo uHammolekete wa m zala uIshode, uAbieza, noMahala.
19Namadodana ka Shemida a be uAhiani uShekemi, uLikhi, noAniamu.
20Namadodana ka Efraimi; uShutela uBerede indodana yake, uTahate indodana yake uElada, indodana yake noTahate indodana yake.
21NoZabadi indodana yake, uShutela indodana yake, noEzere, noEleadi aba bulawa abakwa Gati a ba be zelwe kulelozwe ngokuba ba behlile ukupanga izinkomo zabo.
22uEfraimi uyise wabo wa lila imihla eminingi, ba ti abafo wabo beza ukumduduza.
23Lapo wa ya kumkake, wa kulelwa wa zala indodana, wa biza igama lake ngokuti uBeria ngokuba kwa konakele endhlini yake.
24(Indodakazi yake ya i uShera o waka iBetihorani ela se zansi nela ngasendhla, neUzenshera.)
25NoRefa wa e indodana yake noReshepa noTela indodana yake noTahane indodana yake.
26uLadani indodana yake uAmmihudi indodana yake uElishama indodana yake.
27uNuni indodana yake, noJoshua indodana yake.
28Imfuyo yabo nendawo yabo yokuhlala kwa ku iBeteli nemizi yalo na ngasempumalanga iNaharane na ngasentyonalanga iGezeri, nemizi yalo neShekemi nemizi yalo, kulo iGaza nemizi yalo.
29Nangasemacaleni abakwa Manasa, iBetshani nemizi yalo, eTahanaki nemizi yalo, eMegiddo nemizi yalo, iDore nemizi yalo; Kulezi zindawo kwa ku hlala aba kwaJosefa indodana kaIsraeli.
30Amadodana aka Asheri; uImna, uIsua, uIshua, uBeria, noSera, udade wabo.
31Namadodana aka Beria; uHeberu noMalkieli o nguyise ka Birzavite.
32uHeberu wa zala uJaflete uShamere, uHotamu, noShua, udade wabo.
33Namadodana aka Jaflete; uPasaka, uBimhale noAshvate. Laba ba ngabantwana baka Jaflete.
34Namadodana aka Shameri, uAhi uRoga uJehuba noAramu.
35Namadodana aka Helemu umfo wabo; uZofa, uImna, uSheleshe, noAmali.
36Namadodana aka Zofa; uSua, noHarnefere, noShuali noBeri noImra.
37uBezere, noHode, noShama, noShilsha, noIthrane noBeera.
38Namadodana akaJetro; uJefuna, uPispa, noAra.
39Namadodana aka Ula; uAra uHannieli noKezia;
40Laba bonke aba kwa Asheri, izinhloko zendhlu ya oyise, abantu aba ketiweyo, amaqawe a namandhla, izikulu zamakosana. Umumo ezizukulwaneni zabo aba be puma impi ukulwa wa u izinkulungwane ezi amashumi amabili nesitupa.