1UDAVIDA wa e mdala e neminyaka eminingi wa menza uSolomona indodana yake inkosi pezu kwabaIsraeli.
2Wa butela ndawonye, onke amakosana a kwa Israeli, nabapristi, nabaLevi.
3AbaLevi, ba balwa kwa qalwa kwa ba neminyaka emashumi amatatu ne ngapezulu; umumo wabo ngezinhloko zabo, wabantu bonke wa u izinkulungwane ezi amashumi amatatu nesishiyagalombili.
4Aba izinkulungwane ezi amashumi amabili nane kubo ba be za kuquba umsebenzi wendhlu ka Jehova, nezinkulungwane ezi isitupa za zi izinduna nabahluli.
5Nezinkulungwane ezine za zi abalindi bamasango, nezinkulungwane ezine za dumisa uJehova ngezingubu e nga zenzayo zokudumisa.
6uDavida wa ba hlukanisela amadodana ka Levi oGershoni, noKohati, noMerari ba ba izigaba.
7KumaGershoni kwa ku uLadani noShimi.
8Amadodana ka Ladani a ba be bakulu uJehieli noZetamu noJoeli, batatu.
9Amadodana ka Shimi, uShelomite, noHazieli, noHaranu, batatu; Laba ba be abakulu koyise baka Ladani.
10Amadodana ka Shimi, uJahati, uZiza, noJushi noBeria ba be nge nawo amadodana amaningi;
11uJahati wa e omkulu, owesibili uZiza, uJushi noBeria ba be nge nawo amadodana amaningi; Ngako ba be indhlu inye nesigaba sinye.
12Amadodana ka Kohati uAmramu, uIzha, uHebroni, noUzieli be bane.
13Amadodana ka Amramu, uAroni noMosi; uAroni wa hlukaniswa ukuba a be o ingcwele yena namadodana ake ku ze ku be pakade, ukutyisa impepo pambi kuka Jehova, ukukonza kuye, nokubusisa ngegama lake, njalonjalo.
14uMosi, umuntu ka Tixo; amadodana ake a e bizwa ngesizwe sika Levi.
15Amadodana ka Mosi, uGershoni, noEliezari,
16Kumadodana ka Gershoni, uShebueli wa e mkulu.
17Amadodana ka Eliezari, uRehabia omkulu; uEliezari wa e nge nawo amanye amadodana, kodwa amadodana ka Rehabia a e maningi kakulu.
18Amadodana ka Izha, uShelomite omkulu.
19Amadodana ka Hebroni, uJeria owokuqala, uAmaria owesibili, uJahazieli owesitatu, uJekameami owesine.
20Amadodana ka Uzieli, uMika owokuqala, noJesia owesibili.
21Amadodana ka Merari; uMahli, noMushi. Amadodana ka Mahli; uEliezari, noKishi.
22uEliezari wa fa e nge namadodana, kupela amadodakazi, a gana abafo wabo, amadodana ka Kishi.
23Amadodana ka Mushi; uMahli, noEda, noJeremote, batatu.
24Lawa amadodana ka Levi ngendhlu ya oyise; Abakulu koyise njengokubalwa kwabo, ngomumo wamagama ngezinhloko zabo, a benza umsebenzi wokukonza wendhlu ka Jehova ku qala kwa ba neminyaka e amashumi amabili ne ngapezulu.
25Ngokuba uDavida wa ti, uJehova uTixo ka Israeli u nikile abantu bake ukutula u hlezi eJerusalema ku ze ku be pakade.
26NabaLevi a ba sa yi kwetwala itabanekele nezitya zalo zokukonza kulo.
27Ngokuba ngamazwi okugcina ka Davida abaLevi ba balwa ku qala kwa ba neminyaka e amashumi amabili ne ngapezulu.
28Ngokuba indawo yabo ya yi ngasesandhleni samadodana ka Aroni yokukonza endhlini ka Jehova, emabaleni na sezindhlini ezi pezulu, na sekuhlanzeni zonke izinto ezi ingcwele na semsebenzini wokukonza wendhlu ka Tixo.
29Nowesinkwa sokubhekelwa nempupu enhle yomnikelo wokudhla nowezinkwana ezi nge namvubelo, nowezipekiweyo, nowezosiweyo, nowezilinganiso zonke zobubanzi nobude.
30Nokuma, imihla yonke kusasa, ukubonga nokudumisa uJehova njalo nakusihlwa.
31Nokunikela yonke iminikelo yokutya kuJehova ngamasabata na ngokwetwasa kwezinyanga, na ngokudhla okumisiweyo ngokubalwa, njengokumiswa a ba ku yalelweyo njalo pambi kuka Jehova.
32Ba ya kulinda itabanekele lenhlangano ba gcine nendhlu e ingcwele namadodana ka Aroni, abafo wabo ekukonzeni kwendhlu ka Jehova.