UJoshuwa umpristi omkhulu ephambi kwengelosi kaJehova
1Wayesengibonisa uJoshuwa umpristi omkhulu emi phambi kwengelosi kaJehova, noSathane emi ngakwesokunene sakhe ukumelana naye.
2UJehova wathi kuSathane: UJehova uyakukukhuza, Sathane, yebo, uJehova olikhethile iJerusalema uyakukukhuza; lo akasiso isikhuni esophulwé emlilweni na?
3UJoshuwa wayembethe izingubo ezingcolileyo; wayemi phambi kwengelosi.
4Yathatha yasho kwababemi phambi kwayo, yathi: Mkhumuleni izingubo ezingcolileyo. Kuyena yathi: Bheka, ngidedisile kuwe ububi bakho; ngiyakukwembathisa ezobukhosi.
5Ngase ngithi: Mababeke isigqoko esihlanzekileyo ekhanda lakhe. Base bebeka isigqoko esihlanzekileyo ekhanda lakhe, bamembathisa izingubo, ingelosi kaJehova isemi khona.
6Ingelosi kaJehova yagomela kuJoshuwa, yathi:
7Usho kanje uJehova-Sebawoti, uthi: Uma uhamba ngezindlela zami, ugcine inkonzo yami, uyakwahlulela endlini yami, ugcine namagceke ami; ngiyakukunika ukuba uhambe phakathi kwalaba abemi lapha.
8Ake uzwe, Joshuwa, mpristi omkhulu, wena nabangane bakho abahlala phambi kwakho, ngokuba bangabantu abayisibonakaliso: bhekani, ngiyakuveza inceku yami, uHlumela.
9Ngokuba bheka, itshe engilibeké phambi kukaJoshuwa — kukhona amehlo ayisikhombisa etsheni lilodwa — ngiyakuqopha ukuqoshwa kwalo, usho uJehova-Sebawoti, ngidedisele kude ububi balelozwe ngalusuku lunye.
10Ngalolosuku, usho uJehova-Sebawoti, niyakumema, kube-yilowo nalowo umngane wakhe phansi komvini naphansi komkhiwane.