Isibingelelo
1UPawulu, inceku kaNkulunkulu nomphostoli kaJesu Kristu ngokokukholwa kwabakhethiweyo bakaNkulunkulu nangokokwazi iqiniso elingokokukhonza uNkulunkulu,
2ethembeni lokuphila okuphakade uNkulunkulu ongaqambi amanga akwethembisa phambi kwezikhathi zaphakade,
3kepha ngesikhathi esifaneleyo ubonakalisile izwi lakhe entshumayelweni engayiphathiswayo ngokomyalo kaNkulunkulu uMsindisi wethu,
4kuThithu, umntanami ngempela ngokokukholwa esikuhlanganyele sonke: Makube-kuwe umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba nakuKristu Jesu uMsindisi wethu.
UPawulu ukhumbuza uThithu ngomsebenzi eKrethe wokuhlela amabandla nokulwa nabafundisi bamanga
5Ngakushiya eKrethe ngenxa yalokhu ukuba uhlele okusaseleyo, umise amalunga emizini yonke, njengokuba ngakuyala,
6uma kukhona ongasolekiyo, indoda emfazi munye, enabantwana abakholwayo abangenakusolwa ngokushinga nabangalaleliyo.
7Ngokuba umbonisi umelwe ukuba abe-ngongasolekiyo njengomphathimuzi kaNkulunkulu, ongaziqhenyi, ongesiso isififane, ongesiso isiphuzi, ongesiso isilwi, ongesiye ohahela inzuzo embi,
8kepha ophatha kahle izihambi, othanda okuhle, oqondileyo, olungileyo, ongcwele, ozithibayo,
9obambelele ezwini elithembekileyo ngokwesifundiso, aze abe-nakho nokuyala ngesifundiso esiphilileyo nokwahlula abaphikayo.
10Ngokuba baningi abangalaleliyo abakhuluma ize, nabakhohlisayo, ikakhulu abokusoka,
11abamelwe ukuthuliswa, abachitha indlu iphela, befundisa okungafanele ngenxa yenzuzo embi.
12Omunye kubona, umprofethi wakubo, washo wathi:
AbaseKrethe bangabaqambimanga njalo, izilwane ezimbi,
iziminzi ezivilaphayo.
13Lobobufakazi buqinisile. Ngalokho-ke ubayalisise, ukuze baphile ekukholweni,
14benganaki izinganekwane zabaJuda nemiyalo yabantu abafulathela iqiniso.
15Kwabahlanzekileyo konke kuhlanzekile; kepha kwabangcolileyo nabangakholwayo akukho-lutho oluhlanzekileyo, kodwa kungcolé ingqondo yabo nonembeza wabo.
16Bavuma ukuthi bayamazi uNkulunkulu, kepha bayamphika ngemisebenzi yabo bengabenyanyekayo, nabangalaleliyo, nasemisebenzini yonke emihle kabasizi-lutho.