1Ebusuku embhedeni wami ngamfuna othandwa ngumphefumulo wami;
ngamfuna, kepha angimtholanga.
2Ngiyakuvuka, ngihambahambe
emzini,
ezitaladini nasezigcawini;
ngiyakufuna othandwa ngumphefumulo wami;
ngamfuna, kepha angimtholanga.
3Abalindi bangifumana
behambahamba emzini:
Nimbonile othandwa ngumphefumulo wami na?
4Ngangidlulé kancane nje kubo;
ngase ngimthola othandwa ngumphefumulo wami;
ngambamba, angivumanga ukuba ahambe,
ngaze ngamngenisa endlini kamame
nasekamelweni lowangikhulisayo.
5Ngiyanifungisa, madodakazi aseJerusalema,
ngezinsephe nangezindluzelekazi zasendle
ukuba ningalunyakazisi, ningaluvusi uthando,
lungakavumi.
Udwendwe lomthimba
6Ngubani owenyuka ehlane
njengezinsika zomusi,
eqholé ngemure* nangenhlaka,
nangawo onke amakha omthengi, na?
7Bheka, luhlaka lukaSolomoni!
Amaqhawe angamashumi ayisithupha aluzungezile
emaqhaweni akwaIsrayeli.
8Onke aphethe izinkemba, afundile ukulwa;
yilowo nalowomuntu unenkemba yakhe okhalweni lwakhe
ngokwesaba ebusuku.
9Inkosi uSolomoni izenzele uhlaka
ngemithi yaseLebanoni.
10Yenza izinsika zalo ngesiliva,
nephansi lalo ngegolide, nesihlalo salo ngokububende,
ukuphakathi kwalo kugandaywé ngothando
lwamadodakazi aseJerusalema.
11Phumani nina-madodakazi aseJerusalema,
nibone inkosi uSolomoni,
inomqhele eyawuqheliswa ngunina
ngosuku lokugcagca kwayo
nangomhla wokuthokoza kwenhliziyo yayo.