URuthe engasezinyaweni zikaBowazi
1UNawomi uninazala wathi kuye: Ndodakazi yami, angiyikukufunela ukuphumula ukuba kube-kuhle kuwe na?
2Angithi uBowazi owawunamantombazana akhe uyisihlobo sethu na? Bheka, uyela ibhali* kusihlwa esibuyeni.
3Ngakho-ke geza, ugcobe, ugqoke isambatho sakho, wehlele esibuyeni, kepha ungazazisi kulowomuntu, aze aqede ukudla nokuphuza.
4Kuyakuthi nxa eselala, uqaphele indawo ayakulala kuyo, ungene, wambule izinyawo zakhe, ulale; uyakukutshela lokhu oyakukwenza.
5Wathi kuye: Konke okushoyo ngiyakukwenza.
6Wehlela esibuyeni, wenza njengakho konke amyalé ngakho uninazala.
7UBowazi wadla waphuza, inhliziyo yakhe yathokoza, waya ukulala ngasekugcineni kwenqwaba yamabele; wafika kahle, wambula izinyawo zakhe, walala.
8Kwathi phakathi kwamabili yethuka leyondoda, yaphenduka; bheka, kwakulele owesifazane ngasezinyaweni zayo.
9Yathi: Ungubani? Wathi: NginguRuthe incekukazi yakho; yembesa incekukazi yakho umphetho wengubo yakho, ngokuba ungumhlengi.
10Yathi: Mawubusiswe nguJehova, ndodakazi yami; ubonakalisile umusa ekugcineni kakhulu kunasekuqaleni, ngokuba awulandelanga izinsizwa, noma zimpofu noma zicebile.
11Manje, ndodakazi yami, ungesabi; ngiyakukwenzela konke okushoyo, ngokuba wonke umuzi wabantu bakithi uyazi ukuthi ungowesifazane olungileyo.
12Yebo, kuqinisile ukuthi ngingumhlengi, kepha kukhona umhlengi omkhulu kunami.
13Hlala lobubusuku; kuyakuthi ekuseni, uma ekuhlenga, kulungile, makakuhlenge; kepha uma engathandi ukukuhlenga, mina ngiyakukuhlenga, kuphila kukaJehova; lala kuze kuse.
14Walala ngasezinyaweni zakhe kwaze kwasa, wavuka bengakazani. Ngokuba yathi: Makungaziwa ukuthi owesifazane wafika esibuyeni.
15Yayisithi: Letha ingubo ephezu kwakho, uyibambe; wayibamba, yalinganisa kasithupha ibhali*, yamthwesa lona, wangena emzini.
16Wafika kuninazala; wathi yena: Ungubani, ndodakazi yami? Wamtshela konke leyondoda ebimenzele khona.
17Wathi: Ingiphile lezizilinganiso eziyisithupha zebhali*, ngokuba yathi kimi: Ungayi kunyokozala ungaphethe-lutho.
18Wathi: Hlala, ndodakazi yami, uze wazi ukuba lendaba iyakuphethelaphi, ngokuba leyondoda ayiyikuphumula ingakaqedi indaba namuhla.