UPawulu ukhonza kubazalwane
1Ngiyamncoma kini uFebe, udadewethu oyisikhonzi sebandla laseKenikreya,
2ukuze nimamukele eNkosini njengokufanele abangcwele, nimsize noma kuyiphi into angase ayidinge kini, ngokuba yena ubé-ngumsizi wabaningi, nowami uqobo.
3Khonzani koPriska noAkwila, izisebenzi ezikanye nami kuKristu Jesu,
4abadela ukuphila kwabo ngenxa yokuphila kwami, engibabongayo, kungeyimi ngedwa, kodwa namabandla onke abezizwe.
5Khonzani nasebandleni elisendlini yabo. Khonzani kuEphenetu, isithandwa sami, ongulibo lwaseAsiya kuKristu.
6Khonzani kuMariya owanisebenzela kakhulu.
7Khonzani koAnidroniku noJuniya abayizihlobo zami, ababeyiziboshwa kanye nami, abaqhamileyo kubaphostoli nababekuKristu ngaphambi kwami.
8Khonzani kuAmpiliyatu, isithandwa sami eNkosini.
9Khonzani ku-Urbanu, isisebenzi kanye nathi kuKristu nakuStaku, isithandwa sami.
10Khonzani kuAphele, othembekileyo kuKristu. Khonzani kwabakwa-Arisitobulu.
11Khonzani kuHerodiyone, isihlobo sami. Khonzani kwabakwaNarkisu abaseNkosini.
12Khonzani koTrifina noTrifosa abakhandleka eNkosini. Khonzani kuPersisi othandekayo, owakhandleka kakhulu eNkosini.
13Khonzani kuRufu okhethiweyo eNkosini nakunina engumame.
14Khonzani koAsinkiritu, noFilegu, noHerme, noPhatroba, noHerma nabazalwane abanabo.
15Khonzani koFilologu noJuliya, kuNerewu nodadewabo, nakuOlimpa nakwabangcwele bonke abanabo.
16Bingelelanani ngokwanga okungcwele. Ayakhonza kini onke amabandla kaKristu.
UPawulu uxwayisa ngababanga ukwahlukana
17Ngiyanincenga, bazalwane, ukuba niqaphele ababanga ukwahlukana nokukhubekisa, bephambene nesifundiso enafundiswa sona nina, nahlukane nabo;
18ngokuba abanjalo abayikhonzi iNkosi yethu uKristu, bakhonza isisu sabo; nangamazwi amahle namnandi bakhohlisa izinhliziyo zabangenacala.
19Ngokuba ukulalela kwenu kuzwakele kubo bonke; ngakho-ke ngiyathokoza ngani, kepha ngithanda ukuba nihlakaniphe kokuhle, nibe-ngabangahlakaniphile kokubi.
20Kepha uNkulunkulu wokuthula uzakumchoboza masinyane uSathane phansi kwezinyawo zenu. Umusa weNkosi yethu uKristu mawube-nani.
Isigcino
21Uyakhonza kini uThimothewu, isisebenzi kanye nami, noLukiyu, noJasoni, noSosiphatru, izihlobo zami.
22Mina-Tertiyu engilobé lencwadi ngiyakhonza kini eNkosini.
23Uyakhonza kini uGayu ongingenisé kwakhe, mina nebandla lonke. Uyakhonza kini uErastu, umphathisikhwama womuzi, noKwartu umzalwane.
24Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube-nani nonke. Amen.
25Kuye onamandla okuniqinisa ngokwevangeli lami nentshumayelo kaJesu Kristu, ngokwambulwa kwemfihlakalo eyayifihliwe ngezikhathi zaphakade
26kepha manje isibonakalisiwe ngemibhalo yabaprofethi, ngokomyalo kaNkulunkulu ongunaphakade, yazisiwe ezizweni zonke, kube-ngukulalela kokukholwa,
27kuye uNkulunkulu onokwazi yedwa akube-kuye inkazimulo ngoJesu Kristu kuze kube-phakade. Amen.