Incwadi enamathelisiwe ngezimpawu eziyisikhombisa
1Ngase ngibona esandleni sokunene sakhe owayehlezi esihlalweni sobukhosi incwadi ilotshiwe ngaphakathi nangaphandle, inamathelisiwe ngezimpawu eziyisikhombisa.
2Ngase ngibona ingelosi enamandla imemeza ngezwi elikhulu, ithi: Ngubani ofanele ukuvula lencwadi nokuqaqa izimpawu zayo na?
3Kwakungekho namunye ezulwini, nasemhlabeni, nangaphansi komhlaba owayenamandla okuyivula incwadi, abuke kuyo.
4Ngakhala kakhulu ngokuba kungafunyanwanga namunye ofanele ukuyivula leyoncwadi, abuke kuyo.
5Omunye wamalunga wayesethi kimi: Ungakhali; bheka, inqobile iNgonyama yesizwe sakwaJuda, iMpande kaDavide, ukuba ivule incwadi nezimpawu zayo eziyisikhombisa.
6Ngase ngibona ngaphakathi kwesihlalo sobukhosi nezidalwa ezine nangaphakathi kwamalunga kumi iWundlu kungathi lihlatshiwe, linezimpondo eziyisikhombisa namehlo ayisikhombisa angoMoya abayisikhombisa bakaNkulunkulu abathunyelwe emhlabeni wonke.
7Leza, layithabatha esandleni sokunene sakhe owayehlezi esihlalweni sobukhosi.
8Kuthé seliyithabathile incwadi, izidalwa ezine namalunga angamashumi amabili nane awa phansi phambi kweWundlu, kuyilelo nalelo linehabhu* nezitsha zegolide zigcwele impepho eyimikhuleko yabangcwele.
9Ahlabelela igama elisha, athi:
Ufanele wena ukuyithabatha incwadi
nokuvula izimpawu zayo,
ngokuba wahlatshwa,
wabathengela uNkulunkulu ngegazi lakho
abavela kuyo yonke imindeni, nezilimi, nabantu, nezizwe,
10wabenza babe-ngumbuso nabapristi kuNkulunkulu wethu,
babuse emhlabeni.
11Ngase ngibona, ngezwa izwi lezingelosi eziningi zihaqé isihlalo sobukhosi, nezidalwa, namalunga, nomumo wazo wawuyizigidi zezigidi nezinkulungwane zezinkulungwane, 12zithi ngezwi elikhulu:
Lifanele iWundlu elahlatshwayo ukwamukela amandla nengcebo,
nokuhlakanipha, nokunqoba, nodumo, nenkazimulo, nesibusiso.
13Nakho konke okudaliweyo okusezulwini, nokusemhlabeni, naphansi komhlaba, naselwandle, nakho konke okukukho, ngakuzwa kuthi:
Kuyena ohlezi esihlalweni sobukhosi nakulo iWundlu makubeyisibusiso,
nodumo, nenkazimulo, namandla kuze kube-phakade naphakade.
14Nezidalwa ezine zathi Amen; namalunga awa phansi, akhuleka.