Umkhuleko wososizini
Umkhuleko kaDavide
1Beka indlebe yakho, Jehova, ungiphendule,
ngokuba ngilusizi, ngimpofu.
2Londoloza umphefumulo wami, ngokuba ngingoqotho;
wena-Nkulunkulu wami, sindisa inceku yakho ekwethembayo.
3Yiba-nomusa kimi, Nkosi,
ngokuba ngikhala kuwe usuku lonke.
4Thokozisa umphefumulo wenceku yakho,
ngokuba kuwena-Nkosi ngiwuphakamisela umphefumulo wami.
5Ngokuba wena-Nkosi umuhle, ungothethelelayo,
unomusa omkhulu kubo bonke abakhala kuwe.
6Jehova, beka indlebe ekukhulekeni kwami,
ulalele izwi lokunxusa kwami.
7Ngosuku losizi lwami ngikhala kuwe,
ngokuba uzakungiphendula.
8Phakathi kwawonkulunkulu akakho onjengawe-Nkosi;
akukho okunjengemisebenzi yakho.
9Izizwe ozenzileyo ziyakufika zonke, zikhuleke phambi kwakho, Nkosi,
zidumise igama lakho.
10Ngokuba umkhulu wena, uyenza izimangaliso,
unguNkulunkulu wena wedwa.
11Ngifundise, Jehova, indlela yakho;
ngiyakuhamba eqinisweni lakho;
yenza inhliziyo yami iqonde-ntonye,
yesabe igama lakho.
12Ngiyakukubonga, Nkosi Nkulunkulu wami, ngenhliziyo yonke yami,
ngidumise igama lakho kuze kube-phakade.
13Ngokuba umusa wakho mkhulu phezu kwami,
ukhululile umphefumulo wami endaweni yabafileyo ephansi.
14Nkulunkulu, izideleli zingivukele,
ibandla lezidlwangudlwangu lifuna umphefumulo wami;
azibekanga wena phambi kwazo.
15Kepha wena-Nkosi unguNkulunkulu ohawukelayo, onomusa nokubekezela,
uvamé ubumnene nokuthembeka.
16Phendukela kimi, ube-nomusa kimi,
uyiphe inceku yakho amandla akho,
usindise indodana yencekukazi yakho.
17Ngenzele isiboniselo sokuhle
ukuze abangizondayo babone, bajabhe,
ngokuba wena-Jehova uyangisiza, uyangiduduza.