Izindlu zikaJehova ziyathandeka
Kumholi wokuhlabelela; ngeGititi*; elamadodana kaKora; ihubo
1Zithandeka kangaka izindlu zakho,
Jehova-Sebawoti.
2Umphefumulo wami ulangazelela, womela amagceke kaJehova;
inhliziyo yami nomzimba wami kuyahuba ngokwethaba kuNkulunkulu ophilayo.
3Ngokuba umzwilili ufumene indlu,
nenkonjane isidleke sayo,
lapho ibeka khona amazinyane ayo,
ngisho ama-altare akho, Jehova-Sebawoti, Nkosi yami, Nkulunkulu wami.
4Babusisiwe abahlala endlini yakho;
bayakuhlala bebonga wena. Sela*.
5Ubusisiwe umuntu omandla akhe akuwe,
abazindlela zakho zisezinhliziyweni zabo.
6Bedabula imfunda yezinyembezi
bayenza ibe-yindawo yeziphethu;
yebo, nemvula yokuqala iyayisibekela ngezibusiso.
7Baqhubeka emandleni,
baze babonakale phambi kukaNkulunkulu eSiyoni.
8Jehova Nkulunkulu-Sebawoti, yizwa umkhuleko wami,
ubeke indlebe, Nkulunkulu kaJakobe. Sela*.
9Wena-Nkulunkulu, siHlangu sethu,
bheka, ubuke ubuso bogcotshiweyo wakho.
10Ngokuba usuku lunye emagcekeni akho
luhle kunezinye eziyizinkulungwane.
Ngiyakhetha ukulinda emnyango wendlu kaNkulunkulu wami
kunokuhlala ematendeni ababi.
11Ngokuba uJehova uNkulunkulu uyilanga nesihlangu;
uJehova uyakupha umusa nodumo;
akayikubenqabela okuhle abahamba ngobuqotho.
12Jehova-Sebawoti,
ubusisiwe umuntu okwethembayo.