Umahluleli wezwe nesitsha sakhe sentukuthelo
Kumholi wokuhlabelela; indlela: Ungachithi; ihubo lika-Asafa; igama
1Siyakubonga, Nkulunkulu, siyabonga;
igama lakho liseduze; balanda izimangaliso zakho.
2Lapho ngiyakugcina isikhathi esimisiweyo,
ngiyakwahlulela ngokulunga.
3Umhlaba uyancibilika nabo bonke abakhé kuwo;
mina ngimisile izinsika zawo. Sela*.
4Ngithé kwabazidlayo: Ningazidli,
nakwababi: Ningaphakamisi uphondo.
5Ningaluphakamiseli phezulu uphondo lwenu,
ningajoqi ngentamo elukhuni.
6Ngokuba ukuphakanyiswa akuveli empumalanga nasentshonalanga
nasehlane lasezintabeni,
7kepha uNkulunkulu ungumahluleli;
omunye uyamehlisa, omunye amphakamise.
8Ngokuba esandleni seNkosi kukhona isitsha;
iwayini liyakhephuza; sigcwele ngeliqungiweyo,
yona iyathulula ngaso;
impela bonke ababi emhlabeni bayakuyimunca inhleze yalo, bayiphuze.
9Kepha mina ngiyakumemezela ngakho kuze kube-phakade,
ngidumise uNkulunkulu kaJakobe.
10Zonke izimpondo zababi ngiyakuzinquma;
kepha izimpondo zolungileyo ziyakuphakanyiswa.