AMAHUBO 43
Ukukhuleka kuNkulunkulu, umahluleli wezinto zonke
1Ngahlulele, Nkulunkulu, ungimele endabeni yami esizweni esingenamusa,
ngikhulule kumuntu wenkohliso nongenakulunga.
2Ngokuba wena-Nkulunkulu uyisiphephelo sami; ungilahleleni na?
Ngihambelani ngilila, ngicindezelwe yisitha, na?
3Thuma ukukhanya kwakho neqiniso lakho,
kungihole, kungiyise entabeni yakho engcwele
nasezindlini zakho,
4ngize ngifike kulo ialtare likaNkulunkulu,
kuNkulunkulu wenjabulo yokwethaba kwami,
ngikudumise ngehabhu*, Nkulunkulu, Nkulunkulu wami.
5Yini ukuba undangale, mphefumulo wami,
uyaluze phakathi kwami, na?
Methembe uNkulunkulu, ngokuba ngisezakumdumisa yena
oyinsindiso yobuso bami noNkulunkulu wami.
© Bible Society of South Africa 1959. Used with permission. All rights reserved.