Umkhuleko wophendukileyo ecela ukukhululwa
Ihubo likaDavide; elokukhumbuza
1Jehova, ungangijezisi ngentukuthelo yakho,
ungangishayi ngolaka lwakho.
2Ngokuba imicibisholo yakho ingihlabile;
isandla sakho singicindezele kanzima.
3Akukho ukuphila enyameni yami ngenxa yentukuthelo yakho;
akukho ukuthula emathanjeni ami ngenxa yesono sami.
4Ngokuba iziphambeko zami zeqile phezu kwekhanda lami;
njengomthwalo osindayo ziyangisinda.
5Izilonda zami ziyanuka, zichicha ubovu
ngenxa yobuwula bami.
6Ngikhonkobele, ngithotshisiwe kakhulu;
usuku lonke ngihamba ngilila.
7Ngokuba ukhalo lwami lutshutshumba kakhulu;
akukho ukuphila enyameni yami.
8Ngibuthakathaka, ngidubekile kabi;
ngiyakhala ngenxa yokugqiha kwenhliziyo yami.
9Nkosi, ukufisa kwami konke kuphambi kwakho;
ukububula kwami akufihlekile kuwe.
10Inhliziyo yami iyagquma kakhulu;
amandla ami angishiyile,
ngisho nokukhanya kwamehlo ami akusekho kimi.
11Abathandekayo bami nabahlobo bami bemi kude nokuhlupheka kwami;
abakwethu bemi kude laphaya.
12Abafuna umphefumulo wami bayangicupha;
abafuna ukungilimaza bakhuluma okubi,
bazindla inkohliso usuku lonke.
13Mina kodwa nginjengesithulu, angizwa;
nginjengesimungulu esingavuli umlomo waso.
14Yebo, nginjengomuntu ongezwayo;
akukho ukuphikisa emlonyeni wakhe.
15Ngokuba ngithemba wena-Jehova;
wena-Nkosi Nkulunkulu wami uzakuphendula.
16Ngokuba ngithé: Funa bajabule ngami,
ekusheleleni konyawo lwami bazikhukhumeze ngami.
17Ngokuba ngiseduze kokuwa,
nobuhlungu bami buphambi kwami ngezikhathi zonke.
18Ngokuba ngiyabika ukona kwami;
ngiyadabuka ngesono sami.
19Kepha izitha zami ziphilile, zinamandla;
baningi abangizonda ngeze.
20Abaphindisela okubi ngokuhle bamelene nami,
ngokuba ngilandela okulungileyo.
21Ungangishiyi, Jehova;
Nkulunkulu wami, ungabi-kude nami.
22Phuthuma, ungisize,
Nkosi, nsindiso yami.