Igama lokudumisa
1Bongani uJehova, ngokuba muhle,
ngokuba umusa wakhe umi phakade.
2Makathi uIsrayeli:
Yebo, umusa wakhe umi phakade.
3Mayithi indlu ka-Aroni:
Yebo, umusa wakhe umi phakade.
4Mabathi abamesabayo uJehova:
Yebo, umusa wakhe umi phakade.
5Engcingweni yami ngakhuleka kuJehova,
uJehova wangiphendula endaweni ebanzi.
6UJehova ungakimi, angiyikwesaba;
umuntu angangenzani na?
7UJehova ungakimi ekanye nabangisizayo;
ngalokho ngiyakubabuka bephansi abangizondayo.
8Kuhle ukuphephela kuJehova
kunokwethemba umuntu.
9Kuhle ukuphephela kuJehova
kunokwethemba izikhulu.
10Bonke abezizwe bayangizungeza;
egameni likaJehova ngiyakubachitha.
11Bayangikaka, yebo, bayangizungeza;
egameni likaJehova ngiyakubachitha.
12Bayangibunganyela njengezinyosi,
bacimeka njengomlilo wameva;
egameni likaJehova ngiyakubachitha.
13Bayangihlohloloza ukuba ngiwe,
kepha uJehova uyangisiza.
14UJehova ungamandla ami nesihlabelelo sami,
waba-yinsindiso yami.
15Izwi lokwethaba nelokusindiswa lisezindlini zabalungileyo;
esokunene sikaJehova senza okwamandla.
16Esokunene sikaJehova siphakeme,
esokunene sikaJehova sisebenza ngamandla.
17Angiyikufa, kepha ngiyakuphila,
ngishumayele imisebenzi kaJehova.
18UJehova wangilaya nokungilaya,
kodwa akanginikelanga ekufeni.
19Ngivuleleni amasango okulunga,
ngingene ngawo, ngimdumise uJehova.
20Yileli isango likaJehova;
olungileyo uyakungena ngalo.
21Ngiyakukudumisa, ngokuba ungizwile,
waba-yinsindiso yami.
22Itshe abalinqabayo abakhi
selaba-yinhloko yegumbi.
23Lona lavela kuJehova;
liyisimangaliso emehlweni ethu.
24Yilolu usuku alwenzileyo uJehova;
siyakwethaba, sithokoze ngalo.
25Sindisa, Jehova! ngiyakuncenga;
hlahlamelisa, Jehova! ngiyakucela.
26Makabusiswe ozayo egameni likaJehova;
siyanibusisa sisendlini kaJehova.
27UJehova unguNkulunkulu, usikhanyisele;
hlobisani umkhosi ngamahlamvu kuze kube-sezimpondweni zealtare.
28Wena unguNkulunkulu wami, ngiyakukubonga;
Nkulunkulu wami, ngiyakukuphakamisa.
29Bongani uJehova, ngokuba muhle,
ngokuba umusa wakhe umi phakade.