Ukuhlakanipha nobuwula
1Ukuhlakanipha kwakhile indlu yakho;
kuzibazile izinsika zakho eziyisikhombisa.
2Kuhlabile umhlatshelo, kuvubele iwayini lakho;
futhi kulungisile itafula lakho.
3Kuthumile izintombi zakho, kuyamema
emagqumeni aphakemeyo omuzi, kuthi:
4Ongenalwazi makaphambukele lapha;
kongenangqondo kuthi:
5Wozani nidle isinkwa sami,
niliphuze iwayini engilivubeleyo.
6Yekani ubuwula, niphile,
nihambe ngendlela yokuqonda.
7Osola isideleli uzithathela inhlamba;
othethisa omubi uzitholela isisihla.
8Ungathethisi isideleli, funa sikuzonde;
thethisa isihlakaniphi, siyakukuthanda.
9Siphe isihlakaniphi, siyakwanda ngokuhlakanipha;
fundisa olungileyo, uyakwenezela emfundweni.
10Ukuqala kokuhlakanipha kungukumesaba uJehova,
nokumazi oNgcwele kungukuqonda.
11Ngokuba ngami izinsuku zakho ziyakuba-ziningi,
neminyaka yokuphila kwakho iyakwenezelwa kuwe.
12Uma uhlakaniphile, uzihlakaniphele;
uma udelela, uyakukuthwala wena wedwa.
13Ubuwula bungowesifazane oyisithutha onomsindo,
ongazi-lutho.
14Uhlezi ngasemnyango wendlu yakhe
esihlalweni ezindaweni eziphakemeyo zomuzi
15ukuba ameme abadlula endleleni,
abaqonda emikhondweni yabo, ngokuthi:
16Ongenalwazi makaphambukele lapha;
kongenangqondo uthi:
17Amanzi ebiweyo amnandi,
nesinkwa sentukuso singesenamisayo.
18Kepha akazi ukuthi kuyizithunzi ezilapho
nokuthi izimenywa zakhe zisezigodini zendawo yabafileyo.