1Lapho uhlezi ekudleni nombusi,
qonda nokuqonda ophambi kwakho,
2ubeke umese emphinjeni wakho,
uma ungumuntu wephango.
3Unganxaneli izilovela zakhe,
lokhu zingukudla okukhohlisayo.
4Ungakhandlekeli ukuceba;
kuyeke ngokuqonda kwakho.
5Amehlo akho ayandizela kulokho, kepha akusekho,
ngokuba kuyazenzela impela amaphiko
njengokhozi olundizela ezulwini.
6Ungadli ukudla koneso elibi,
ungafisi izilovela zakhe,
7ngokuba unjengozicabangelayo;
uthi kuwe: Yidla uphuze,
kepha inhliziyo yakhe ayikho kuwe.
8Umthamo owudlileyo uyakuwuhlanza,
uchithe amazwi akho amnandi.
9Ungakhulumi ezindlebeni zesiwula,
ngokuba siyakudelela ukuhlakanipha
kwamazwi akho.
10Ungasusi isikhonkwane esidala,
ungangeni emasimini ezintandane,
11ngokuba umhlengi wazo unamandla;
uyakumela indaba yazo kuwe.
12Beka inhliziyo yakho ekulayweni,
nezindlebe zakho emazwini okwazi.
13Ungayeki ukumlaya umntwana,
ngokuba uma umshaya ngoswazi akayikufa.
14Uyakumshaya ngoswazi,
wophule umphefumulo wakhe endaweni yabafileyo.
15Ndodana yami, uma inhliziyo yakho ihlakanipha,
inhliziyo yami iyakuthokoza, yebo, eyami.
16Izinso zami ziyakujabula,
lapho izindebe zakho zikhuluma okulungileyo.
17Inhliziyo yakho mayingabi-namhawu ngezoni,
kepha mawube-sekumesabeni uJehova usuku lonke.
18Ngokuba impela umvuzo ukhona,
nethemba lakho aliyikunqunywa.
19Yizwa wena-ndodana yami, uhlakaniphe,
uhole inhliziyo yakho ngendlela.
20Ungabi-phakathi kwezinseli zewayini
nabayiziminzi zenyama.
21Ngokuba inseli noyisiminzi bayakuba-mpofu;
ukozela kuyakwembathisa umuntu amanikiniki.
22Lalela uyihlo owakuzalayo,
ungamdeleli unyoko lapho esemdala.
23Thenga iqiniso, ungathengisi ngalo,
nokuhlakanipha, nokulaywa, nokuqonda.
24Uyise wolungileyo uyakwethaba nokwethaba,
nozala ohlakaniphileyo uyathokoza ngaye.
25Mabathokoze uyihlo nonyoko,
ethabe owakubelethayo.
26Ndodana yami, ngiphe inhliziyo yakho,
amehlo akho enamele izindlela zami.
27Ngokuba isifebe singumgodi ojulileyo,
nowesifazane ondindayo ungumholo onyinyeneyo.
28Uqamekela njengomphangi;
uyandisa abambuluzayo phakathi kwabantu.
29Ngubani othi: Maye! Ngubani othi: Wo! Ngubani oxabanayo?
Ngubani okhalayo, ngubani onezilonda ngeze, na?
Ngubani onamehlo aklwelayo na?
30Yibo abalibala ngasewayinini,
abaya ukunambitha iwayini elixutshanisiweyo.
31Ungalibuki iwayini ukuthi libomvu,
nokuthi licwebezela endebeni,
ukuba lehle kalula.
32Ngasekugcineni liyaluma njengenyoka,
lihlabe njengebululu.
33Amehlo akho ayakubona imihlola,
inhliziyo yakho ikhulume okuphambeneyo.
34Uyakuba-njengolele ekujuleni kolwandle
nohlezi esihlokweni sensika yomkhumbi.
35Uyakuthi: Bangishayile, angilimalanga;
bangigalele, angikwazanga.
Lapho ngivuka, ngiyakubuye ngilifune.