1Ozahlukanisayo ufuna esakhe isifiso,
uphika konke ukuhlakanipha.
2Isiwula asithokozi ngokuqonda,
kuphela ngokuveza okusenhliziyweni yakhe.
3Lapho kufika omubi, kufika nokudelela;
kanye nehlazo kukhona inhlamba.
4Amazwi omlomo womuntu anjengamanzi ajulileyo,
nomfula ogobhozayo, nomthombo wokuhlakanipha.
5Ukukhetha ubuso bomubi
ukuba olungileyo aphambukiswe ekwahlulelweni akukuhle.
6Izindebe zesiwula ziletha ukuxabana,
nomlomo waso ubiza imivimbo.
7Umlomo wesiwula ungukubhujiswa kwaso,
nezindebe zaso zilugibe lomphefumulo waso.
8Amazwi omncethezi anjengezibiliboco;
ayehlela kokuphakathi komuntu.
9Ovilapha emsebenzini wakhe
yena ungumfowabo wochithayo.
10Igama likaJehova lingumbhoshongo onamandla;
olungileyo ugijimela kuwo, alondeke.
11Imfuyo yesicebi ingumuzi waso onamandla;
injengogange oluphakemeyo emicabangweni yaso.
12Ngaphambi kokubhujiswa inhliziyo yomuntu iyaziqhenya;
ukuthobeka kwandulela udumo.
13Obuyisa izwi engakezwa,
kungubuwula nehlazo kuye.
14Umoya womuntu uyasekela ubuthakathaka bakhe,
kepha ngubani ongathwala umoya owaphukileyo na?
15Inhliziyo yoqondileyo iyazuza ukwazi,
nezindlebe zabalungileyo ziyafuna ukwazi.
16Isipho somuntu siyamenzela indawo,
simholele kwabakhulu.
17Ongowokuqala ecaleni lakhe usengathi ulungile,
kepha umakhelwane wakhe ufika, amphenye.
18Inkatho iyaqeda ukuxabana,
yahlukanise phakathi kwabanamandla.
19Umzalwane owoniweyo ulukhuni kunomuzi onamandla,
nokuxabana kunjengemigoqo yenqaba.
20Isisu somuntu siyasutha ngesithelo somlomo wakhe,
saneliswe ngokuthela kwezindebe zakhe.
21Ukufa nokuphila kusemandleni olimi,
nabaluthandayo bayakudla izithelo zalo.
22Ofumana umfazi uthola okuhle;
uzuzile isisa kuJehova.
23Ompofu ukhuluma ngokuncenga,
kepha isicebi siphendula kalukhuni.
24Umuntu wabangane uyazilimaza,
kepha kukhona abangane ababambelela kuneselamani.