Indlela yokulunga nendlela yobubi
1Nazi izaga zikaSolomoni:
Indodana ehlakaniphileyo ithokozisa uyise,
kepha indodana eyisiwula ilusizi kunina.
2Ingcebo yobubi ayisizi-lutho,
kepha ukulunga kophula ekufeni.
3UJehova akavumi ukuba olungileyo alambe,
kepha isifiso somubi uyasihlohloloza.
4Isandla esinobudenge siveza ubumpofu,
kepha isandla sokukhuthala siyacebisa.
5Obutha ehlobo uyindodana ehlakaniphileyo;
olele ubuthongo ngesikhathi sokuvuna uyindodana ehlazisayo.
6Izibusiso zisekhanda lolungileyo,
kepha umlomo wababi uyafihla ubudlwangudlwangu.
7Ukukhunjulwa kolungileyo kubusisekile,
kepha igama lababi liyabola.
8Ohlakaniphile ngenhliziyo uyakwamukela imiyalo,
kepha isiwula esiphoshozayo siyakuwiswa.
9Ohamba ngobuqotho uhamba ngokulondeka,
kepha ohlanekezela izindlela zakhe uyakwaziwa.
10Oqwayiza iso ubanga usizi,
kepha osola ubuso nobuso uveza ukuthula.
11Umlomo wolungileyo ungumthombo wokuphila,
kepha umlomo wababi ufihla ubudlwangudlwangu.
12Inzondo iyabanga ukuxabana,
kepha uthando luyasibekela iziphambeko zonke.
13Ezindebeni zoqondileyo kufunyanwa ukuhlakanipha,
kepha uswazi lungolomhlane wongenangqondo.
14Abahlakaniphileyo bayabekelela ukwazi,
kepha umlomo wesiwula uyincithakalo eseduze.
15Imfuyo yesicebi ingumuzi waso onamandla;
incithakalo yabampofu ingubumpofu babo.
16Umsebenzi wolungileyo ungowokuphila;
inzuzo yababi ingeyokona.
17Onaka ukulaywa usendleleni yokuphila,
kepha owenqaba ukusolwa uyaduka.
18Ofihla inzondo unezindebe zamanga;
ophumisa inhlebo uyisiwula.
19Lapho amazwi emaningi khona, akuphuthi ukuphambeka;
obamba umlomo wakhe uhlakaniphile.
20Ulimi lolungileyo luyisiliva elikhethekileyo;
ingqondo yababi iyinto encane.
21Izindebe zolungileyo ziyondla abaningi,
kepha iziwula ziyafa ngokuswela ingqondo.
22Isibusiso sikaJehova siyacebisa;
akenezeli usizi kuso.
23Ukwenza okubi kunjengokudlala kuso isiwula;
kunjalo ukuhlakanipha kumuntu onengqondo.
24Akwesabayo omubi kuyamehlela,
nabakufisayo abalungileyo bayakuphiwa.
25Lapho sidlula isivunguvungu, akasekho omubi,
kepha olungileyo uyisisekelo esingunaphakade.
26Njengoviniga emazinyweni nomusi emehlweni,
linjalo ivila kwabalithumileyo.
27Ukumesaba uJehova kuyandisa izinsuku,
kepha iminyaka yababi iyancishiswa.
28Ithemba labalungileyo liyakuba-yintokozo,
kepha abakwethembayo ababi kuyakubhubha.
29Indlela kaJehova iyinqaba kopheleleyo,
kepha incithakalo ikubenzi bokona.
30Olungileyo akayikunyakaziswa kuze kube-phakade,
kepha ababi abayikuhlala ezweni.
31Umlomo wolungileyo uyathela ukuhlakanipha,
kepha ulimi oluphambeneyo luyakunqunywa.
32Izindebe zolungileyo ziyakwazi okuhle,
kepha umlomo wababi okuphambeneyo.