Ukulandela uKristu ekuthotshisweni kwakhe nasekuphakanyisweni kwakhe
1Ngakho-ke uma kukhona induduzo kuKristu, uma kukhona ukududuzeka kothando, uma kukhona inhlangano kaMoya, uma kukhona isisa nesihawu,
2gcwalisani ukuthokoza kwami ukuba nibe-nomqondo munye, ninothando lunye, nibe-nhliziyonye, niqonde into inye;
3ningenzi-lutho ngombango nangodumo lwezwe; kepha ngokuthobeka nishaye sengathi abanye bakhulu kunani,
4yilowo nalowo angabheki okwakhe, kepha yilowo abheke nokwabanye.
5Mawube-kini lowomqondo owawukhona nakuKristu Jesu
6owathi enesimo sikaNkulunkulu, akaze asho ukuthi kuyinto yokuphangwa ukulingana noNkulunkulu,
7kepha wazidela ethabatha isimo senceku, enziwe ngomfanekiso wabantu;
8wathi efunyenwe enjengomuntu ngesimilo, wazithobisa, elalela kwaze kwabasekufeni, yebo, ekufeni kwesiphambano.
9Ngalokho-ke uNkulunkulu wamphakamisa kakhulu, wamnika igama eliphezu kwamagama onke,
10ukuze kuthi ngegama likaJesu amadolo onke aguqe, awabasezulwini, nawabasemhlabeni, nawabangaphansi komhlaba,
11nezilimi zonke zivume ngokuthi UJESU KRISTU UYINKOSI, kube-yinkazimulo kuNkulunkulu uYise.
Isiluleko sokuqaphelisisa ukusindiswa
12Ngakho-ke, bathandiweyo bami, njengalokho nilalele ngezikhathi zonke, kungesikho nxa ngikhona kuphela, kodwa ikakhulu manje nxa ngingekho, fezani ukusindiswa kwenu ngokwesaba nangokuthuthumela,
13ngokuba nguNkulunkulu osebenza kini nokuthanda nokwenza njengentando yakhe.
14Yenzani konke ngokungakhononi nokungangabazi,
15ukuze nibe-ngabangasolekiyo nabangenacala, abantwana bakaNkulunkulu abangenasici phakathi kwesizukulwane esiyisigwegwe nesiphambeneyo, enikhanya phakathi kwaso njengezinkanyiso ezweni,
16nibambelele ezwini lokuphila, ngize ngibe-nokuzibonga ngosuku lukaKristu ngokuthi angigijimelanga ize, angisebenzelanga ize.
17Yebo, nokuba nginikelwa emhlatshelweni nasenkonzweni yokukholwa kwenu, ngiyathokoza, ngithokoza kanye nani nonke;
18ngokunjalo-ke thokozani nani, nithokoze kanye nami.
UPawulu uyakubathumela oThimothewu noEphafrodithu
19Kepha ngiyethemba eNkosini uJesu ukuthuma uThimothewu kini masinyane, ukuze nami ngename nxa sengazi izindaba zenu.
20Ngokuba anginamuntu onenhliziyo enjengeyakhe, onganakekela izindaba zenu ngobuqotho;
21ngokuba bonke bafuna okwabo, abafuni okukaJesu Kristu.
22Kepha niyakwazi ukuthembeka kwakhe ukuthi ukhonzile kanye nami ngenxa yevangeli njengomntwana kuyise.
23Yena-ke ngiyethemba ukumthuma masinyane, uma sengibonile ukuthi okuqondene nami kophelelaphi;
24kepha ngiyethemba eNkosini ukuthi nami ngizakuza eduzane.
25Kodwa ngiboné ukuthi kudingekile ukuba ngithume kinina uEphafrodithu, umzalwane nesisebenzi nebutho kanye nami, nesithunywa senu, isikhonzi ekusweleni kwami,
26lokhu wayenilangazelela nonke, eyaluza ngokuba nizwile ukuthi wayegula.
27Ngokuba nempela wayegula ephansi kokufa; kepha uNkulunkulu wamhawukela, kungeyena yedwa, wangihawukela nami, ukuze ngingabi-nalusizi phezu kosizi.
28Ngalokho ngakhuthalela kakhulu ukumthuma, ukuze kuthi nxa senimbona futhi nithokoze, kimi kunciphe usizi.
29Ngakho-ke mamukeleni eNkosini ngokuthokoza konke, abanjalo-ke nibaphathe ngokubatusa,
30ngokuba ngenxa yomsebenzi kaKristu wacishe wafa ezidela amathambo, ukuze agcwalise okusileleyo ekungikhonzeni kwenu.