Isiprofetho ngoEdomi
1Umbono kaObadiya.
Isho kanje iNkosi uJehova ngoEdomi, ithi:
Sizwile imibiko evela kuJehova,
kuthunyiwe isithunywa phakathi kwabezizwe ngokuthi:
Vukani, simvukele ngokulwa.
2Bheka, ngiyakukwenza ube-mncane phakathi kwabezizwe;
udeleleke kakhulu.
3Ukuzidla kwenhliziyo yakho kukukhohlisile
wena ohlezi emifantwini yamawa,
ondawo yakho yokuhlala iphakeme,
othi enhliziyweni yakho:
Ngubani ongangehlisela phansi na?
4Noma uphakama njengokhozi,
kubekwe isidleke sakho phakathi kwezinkanyezi,
ngiyakukwehlisa khona, usho uJehova.
5Uma amasela efika kuwe,
nabaphangi ebusuku —
yeka ukuchithwa kwakho —
bebengayikweba baze baneliswe na?
Uma abavuna izithelo zomvini befika kuwe,
bebengayikushiya umkhothozo na?
6Yeka ukufunisiswa kukaEsawu,
yeka ukuphenywa kwamagugu akhe afihliweyo!
7Bonke abantu besivumelwano sakho
bayakukuxosha emkhawulweni;
abantu ababehlalisana nawe ngokuthula bayakukukhohlisa,
bakwahlule;
abadla isinkwa sakho
bayakubeka ugibe phansi kwakho;
akakho oluqondayo.
8Angithi ngiyakuchitha abahlakaniphileyo kwaEdomi
ngalolosuku, usho uJehova,
nokuqonda entabeni yakwaEsawu, na?
9Amaqhawe akho, Themani, ayakuphela amandla,
ukuze yilowo nalowo anqunywe entabeni yakwaEsawu ngokubulawa.
10Ngenxa yendluzula eyenziwa kumfowenu uJakobe,
amahloni ayakukusibekela,
unqunywe kuze kube-phakade.
11Ngosuku owema kude ngalo,
ngosuku abafokazi abasusa ngalo imfuyo yakhe,
nabezizwe bangena ngamasango akhe,
benza inkatho ngeJerusalema,
nawe wawunjengomunye wabo.
12Kepha ungabheki usuku lomfowenu
ngosuku lobufokazi bakhe,
ungathokozi ngabantwana bakwaJuda
ngosuku lokuchithwa kwabo,
ungaqhalazi
ngosuku losizi.
13Ungangeni ngesango labantu bami
ngosuku lwesigemegeme sabo,
ungabheki ukuhlupheka kwabo
ngosuku lwesigemegeme sabo,
ningabeki-sandla emfuyweni yabo
ngosuku lwesigemegeme sabo.
14Ungemi enhlanganweni yezindlela
ukunquma abaphunyukileyo bakhe,
ungakhapheli abaseleyo bakhe
ngosuku losizi.
15Ngokuba usuku lukaJehova lusondele ezizweni zonke;
njengokwenza kwakho kuyakwenziwa kanjalo kuwe;
izenzo zakho ziyakubuyela ekhanda lakho.
16Ngokuba njengalokho niphuzile entabeni yami engcwele,
bayakuphuza kanjalo bonke abezizwe,
baphuze, bagwinye,
babe-njengokungathi abazange babekhona.
17Kepha entabeni yaseSiyoni kuyakubakhona abasindayo,
ibe-ngcwele,
nendlu yakwaJakobe iyakudla ifa layo.
18Indlu yakwaJakobe iyakuba-ngumlilo,
indlu kaJosefa ibe-yilangabi,
indlu kaEsawu ibe-ngamabibi,
bawashise, bawaqede;
akuyikubakho oseleyo endlini kaEsawu,
ngokuba uJehova ukhulumile.
19Abaseningizimu bayakudla ifa lentaba yakwaEsawu,
nabasehlanzeni ifa lamaFilisti,
badle ifa lezwe lakwaEfrayimi nezwe laseSamariya,
uBenjamini adle iGileyadi.
20Abathunjwa balempi yabantwana bakwaIsrayeli
abaphakathi kwamaKhanani kuze kube-seSarefati
nabathunjwa baseJerusalema abaseSefaradi
bayakudla ifa lemizi yaseningizimu.
21Abasindisi bayakukhuphukela entabeni yaseSiyoni
ukuyakwahlulela intaba yakwaEsawu,
umbuso besewuba-ngokaJehova.