Iphasika lasehlane
1UJehova wakhuluma kuMose ehlane laseSinayi ngenyanga yokuqala yomnyaka wesibili, sebephumile ezweni laseGibithe, wathi:
2Futhi abantwana bakwaIsrayeli bayakugcina iphasika ngesikhathi salo esinqunyiweyo.
3Ngosuku lweshumi nane lwaleyonyanga ngakusihlwa niyakuligcina ngesikhathi salo esinqunyiweyo; ngokwezimiso zalo zonke nangokwemithetho yalo anoligcina.
4UMose wakhuluma kubantwana bakwaIsrayeli ukuthi bolenza iphasika.
5Balenza-ke iphasika ngenyanga yokuqala ngosuku lweshumi nane ngakusihlwa ehlane laseSinayi; njengakho konke uJehova amyala ngakho uMose, benze njalo-ke abantwana bakwaIsrayeli.
6Kwakukhona amadoda athile ayengcolisiwe yisidumbu somuntu, engenakulenza iphasika ngalolosuku; eza phambi kukaMose naphambi kuka-Aroni ngalowomuhla.
7Lawomadoda athi kuye: Singcolisiwe yisidumbu somuntu; sivinjelelwani ukunikela ngomnikelo kaJehova ngesikhathi sawo esinqunyiweyo phakathi kwabantwana bakwaIsrayeli na?
8UMose wathi kuwo: Yimani ukuba ngizwe ukuthi uJehova uyakuyalani ngani.
9UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
10Yisho kubantwana bakwaIsrayeli, uthi: Uma umuntu wakini noma owezizukulwane zenu engcoliswa yisidumbu noma esekuhambeni, ekude, uyakulenza nokho iphasika kuJehova;
11ngenyanga yesibili ngosuku lweshumi nane ngakusihlwa bayakulenza; bayakulidla nesinkwa esingenamvubelo nemifino ebabayo;
12abayikushiya-lutho kuze kube-sekuseni, bangaphuli-thambo lalo; ngokwezimiso zonke zephasika bayakulenza.
13Kepha umuntu ohlambulukileyo, engekho ekuhambeni, oyeka ukulenza iphasika, lowomuntu uyakunqunywa kubantu bakubo, ngokuba akanikelanga ngomnikelo kaJehova ngesikhathi esinqunyiweyo; lowomuntu uyakuthwala ububi bakhe.
14Uma umfokazi egogobele phakathi kwenu, ethanda ukulenza iphasika kuJehova ngokwesimiso sephasika nangokomthetho walo, uyakwenze njalo; niyakuba-nesimiso sinye kumfokazi nakowokuzalwa ezweni.
Ifu elaliphezu kwetabernakele*
15Ngosuku itabernakele* elamiswa ngalo ifu lalisibekela itabernakele, itende lobufakazi; ngakusihlwa laliphezu kwetabernakele njengokubonakala komlilo kwaze kwaba-sekuseni.
16Kwakunjalo ngesikhathi sonke: ifu lalisibekela, kwabonakala umlilo ebusuku.
17Nalapho ifu lenyuswa etendeni, base behamba abantwana bakwaIsrayeli, nasendaweni lapho ifu lalima khona, lapho abantwana bakwaIsrayeli bamisa khona.
18Ngesiyalezo sikaJehova abantwana bakwaIsrayeli bahamba, nangesiyalezo sikaJehova bamisa; ngesikhathi ifu lihlala phezu kwetabernakele bahlala ekamu*.
19Nalapho ifu lihlala phezu kwetabernakele izinsuku eziningi, abantwana bakwaIsrayeli bagcina isiyalezo sikaJehova, abahambanga.
20Ngesinye isikhathi ifu laliphezu kwetabernakele izinsuku eziyingcosana nje; khona ngesiyalezo sikaJehova bahlala ekamu*, nangesiyalezo sikaJehova bahamba.
21Nangesinye isikhathi ifu lahlala kusihlwa kwaze kwaba-sekuseni; nalapho ifu lenyuswa ekuseni, bahamba; noma lahlala ubusuku nemini, bahamba lapho ifu lenyuswa.
22Noma kwakuyizinsuku ezimbili, noma inyanga, noma isikhathi esingakanani ifu lisahlezi phezu kwetabernakele, abantwana bakwaIsrayeli bahlala ekamu*, abahambanga; kepha lapho lenyuswa, bahamba.
23Ngesiyalezo sikaJehova bamisa, nangesiyalezo sikaJehova bahamba; bagcina inkonzo kaJehova ngesiyalezo sikaJehova ngesandla sikaMose.