Izipho zezikhulu ezinikelelwa ithempeli
1Kwathi ngosuku uMose aqeda ngalo ukumisa itabernakele*, waligcoba, walingcwelisa kanye nayo yonke impahla yalo, nealtare, nazo zonke izitsha zalo, wazigcoba, wazingcwelisa,
2izikhulu zakwaIsrayeli, izinhloko zezindlu zawoyise zanikela; lezo zaziyizikhulu zezizwe, zazibekwé phezu kwababalwayo.
3Zaletha iminikelo yazo phambi kukaJehova, izinqola eziyisithupha ezimboziwe, nezinkabi eziyishumi nambili, yilezozikhulu ezimbili zinenqola inye, yileso sinenkunzi; zazethula phambi kwetabernakele*.
4UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
5Zamukele kuzo, ukuze zenze inkonzo yetende lokuhlangana, uzinike amaLevi, kube-yilowo nalowomuntu ngokomsebenzi wakhe.
6UMose wathatha izinqola nezinkabi, wazinika amaLevi.
7Izinqola ezimbili nezinkabi ezine wazinika amadodana kaGereshoni ngomsebenzi wawo,
8nezinqola ezine nezinkabi eziyisishiyagalombili wazinika amadodana kaMerari ngomsebenzi wawo phansi kwesandla sikaItamari indodana ka-Aroni umpristi.
9Kepha amadodana kaKohati akawanikanga-lutho, ngokuba inkonzo yendlu engcwele yayiyiwo eyawo; ayithwala emahlombe awo.
10Izikhulu zanikelela ukwahlukaniselwa kwealtare ngosuku lokugcotshwa kwalo, izikhulu zanikela ngomnikelo wazo phambi kwealtare.
11UJehova wathi kuMose: Izikhulu ziyakunikela ngomnikelo wazo, yileso naleso ngosuku lwaso, ube-ngowahlukaniselwa kwealtare.
12Owanikela ngomnikelo wakhe ngosuku lokuqala nguNaheshoni indodana ka-Aminadaba, owesizwe sakwaJuda.
13Umnikelo wakhe wawuluqwembe lwesiliva, isisindo salo singamashekeli* ayikhulu namashumi amathathu, nokhamba lwesiliva olungamashekeli angamashumi ayisikhombisa ngokweshekeli lendlu engcwele, zombili zigcwele impuphu ecolekileyo exovwé namafutha, kubengumnikelo wempuphu,
14nenkezo yegolide engamashekeli* ayishumi egcwele impepho,
15neduna libe-linye, nenqama ibenye, nemvu yeduna enomnyaka munye, kubengumnikelo wokushiswa,
16nempongo ibenye, ibe-ngumnikelo wesono;
17okomhlatshelo kweminikelo yokuthula nakhu: izinkabi ezimbili, nezinqama eziyisihlanu, nezimpongo eziyisihlanu, nezimvu eziyisihlanu zamaduna ezinomnyaka munye; lokho kwakungumnikelo kaNaheshoni indodana ka-Aminadaba.
18Ngosuku lwesibili kwanikela uNethaneli indodana kaSuwari, isikhulu sakwaIsakare.
19Wanikela kwaba-ngumnikelo wakhe uqwembe lwesiliva, isisindo salo singamashekeli* ayikhulu namashumi amathathu, nokhamba olungamashekeli angamashumi ayisikhombisa ngokweshekeli lendlu engcwele, zombili zigcwele impuphu ecolekileyo exovwé namafutha, kube-ngumnikelo wempuphu,
20nenkezo yegolide engamashekeli* ayishumi egcwele impepho,
21neduna libe-linye, nenqama ibenye, nemvu yeduna enomnyaka munye, kube-ngumnikelo wokushiswa,
22nempongo ibenye, ibe-ngumnikelo wesono;
23okomhlatshelo weminikelo yokuthula nakhu: izinkabi ezimbili, nezinqama eziyisihlanu, nezimpongo eziyisihlanu, nezimvu eziyisihlanu zamaduna ezinomnyaka munye; lokho kwakungumnikelo kaNethaneli indodana kaSuwari.
24Ngosuku lwesithathu nguEliyabe indodana kaHeloni, isikhulu sabantwana bakwaZebuloni:
25umnikelo wakhe wawuluqwembe lwesiliva, isisindo salo singamashekeli* ayikhulu namashumi amathathu, nokhamba lwesiliva olungamashekeli angamashumi ayisikhombisa ngokweshekeli lendlu engcwele, zombili zigcwele impuphu ecolekileyo exovwé namafutha, kubengumnikelo wempuphu,
26nenkezo yegolide engamashekeli* ayishumi egcwele impepho,
27neduna libe-linye, nenqama ibenye, nemvu yeduna enomnyaka munye, kube-ngumnikelo wokushiswa,
28nempongo ibenye, ibe-ngumnikelo wesono;
29okomhlatshelo weminikelo yokuthula nakhu: izinkabi ezimbili, nezinqama eziyisihlanu, nezimpongo eziyisihlanu, nezimvu eziyisihlanu zamaduna ezinomnyaka munye; lokho kwakungumnikelo kaEliyabe indodana kaHeloni.
30Ngosuku lwesine nguElisuri indodana kaShedewuri, isikhulu sabantwana bakwaRubeni:
31umnikelo wakhe wawuluqwembe lwesiliva, isisindo salo singamashekeli* ayikhulu namashumi amathathu nokhamba lwesiliva olungamashekeli angamashumi ayisikhombisa ngokweshekeli lendlu engcwele, zombili zigcwele impuphu ecolekileyo exovwé namafutha, kubengumnikelo wempuphu,
32nenkezo yegolide engamashekeli* ayishumi egcwele impepho,
33neduna libe-linye, nenqama ibenye, nemvu yeduna enomnyaka munye, kube-ngumnikelo wokushiswa,
34nempongo ibenye, ibe-ngumnikelo wesono;
35okomhlatshelo weminikelo yokuthula nakhu: izinkabi ezimbili, nezinqama eziyisihlanu, nezimpongo eziyisihlanu, nezimvu eziyisihlanu zamaduna ezinomnyaka munye; lokho kwakungumnikelo kaElisuri indodana kaShedewuri.
36Ngosuku lwesihlanu nguShelumiyeli indodana kaSurishadayi, isikhulu sabantwana bakwaSimeyoni:
37umnikelo wakhe wawuluqwembe lwesiliva, isisindo salo singamashekeli* ayikhulu namashumi amathathu, nokhamba lwesiliva olungamashekeli angamashumi ayisikhombisa ngokweshekeli lendlu engcwele, zombili zigcwele impuphu ecolekileyo exovwé namafutha, kubengumnikelo wempuphu,
38nenkezo yegolide engamashekeli* ayishumi egcwele impepho,
39neduna libe-linye, nenqama ibenye, nemvu yeduna enomnyaka munye, kubengumnikelo wokushiswa,
40nempongo ibenye, ibe-ngumnikelo wesono;
41okomhlatshelo weminikelo yokuthula nakhu: izinkabi ezimbili, nezinqama eziyisihlanu, nezimpongo eziyisihlanu, nezimvu eziyisihlanu zamaduna ezinomnyaka munye; lokho kwakungumnikelo kaShelumiyeli indodana kaSurishadayi.
42Ngosuku lwesithupha nguEliyasafa indodana kaDehuweli, isikhulu sabantwana bakwaGadi:
43umnikelo wakhe wawuluqwembe lwesiliva, isisindo salo singamashekeli* ayikhulu namashumi amathathu, nokhamba lwesiliva olungamashekeli angamashumi ayisikhombisa ngokweshekeli lendlu engcwele, zombili zigcwele impuphu ecolekileyo exovwé namafutha, kube-ngumnikelo wempuphu,
44nenkezo yegolide engamashekeli* ayishumi egcwele impepho,
45neduna libe-linye, nenqama ibenye, nemvu yeduna enomnyaka munye, kube-ngumnikelo wokushiswa,
46nempongo ibenye, ibe-ngumnikelo wesono;
47okomhlatshelo weminikelo yokuthula nakhu: izinkabi ezimbili, nezinqama eziyisihlanu, nezimpongo eziyisihlanu, nezimvu eziyisihlanu zamaduna ezinomnyaka munye; lokho kwakungumnikelo kaEliyasafa indodana kaDehuweli.
48Ngosuku lwesikhombisa nguElishama indodana ka-Amihudi, isikhulu sabantwana bakwaEfrayimi:
49umnikelo wakhe wawuluqwembe lwesiliva, isisindo salo singamashekeli* ayikhulu namashumi amathathu, nokhamba lwesiliva olungamashekeli angamashumi ayisikhombisa ngokweshekeli lendlu engcwele, zombili zigcwele impuphu ecolekileyo exovwé namafutha, kubengumnikelo wempuphu,
50nenkezo yegolide engamashekeli* ayishumi egcwele impepho,
51neduna libe-linye, nenqama ibenye, nemvu yeduna enomnyaka munye, kubengumnikelo wokushiswa,
52nempongo ibenye, ibe-ngumnikelo wesono;
53okomhlatshelo weminikelo yokuthula nakhu: izinkabi ezimbili, nezinqama eziyisihlanu, nezimpongo eziyisihlanu, nezimvu eziyisihlanu zamaduna ezinomnyaka munye; lokho kwakungumnikelo kaElishama indodana ka-Amihudi.
54Ngosuku lwesishiyagalombili nguGamaliyeli indodana kaPedasuri, isikhulu sabantwana bakwaManase:
55umnikelo wakhe wawuluqwembe lwesiliva, isisindo salo singamashekeli* ayikhulu namashumi amathathu, nokhamba lwesiliva olungamashekeli angamashumi ayisikhombisa ngokweshekeli lendlu engcwele, zombili zigcwele impuphu ecolekileyo exovwé namafutha, kube-ngumnikelo wempuphu,
56nenkezo yegolide engamashekeli* ayishumi egcwele impepho,
57neduna libe-linye, nenqama ibenye, nemvu yeduna enomnyaka munye, kube-ngumnikelo wokushiswa,
58nempongo ibenye, ibe-ngumnikelo wesono;
59okomhlatshelo weminikelo yokuthula nakhu: izinkabi ezimbili, nezinqama eziyisihlanu, nezimpongo eziyisihlanu, nezimvu eziyisihlanu zamaduna ezinomnyaka munye; lokho kwakungumnikelo kaGamaliyeli indodana kaPedasuri.
60Ngosuku lwesishiyagalolunye nguAbidani indodana kaGideyoni, isikhulu sabantwana bakwaBenjamini:
61umnikelo wakhe wawuluqwembe lwesiliva, isisindo salo singamashekeli* ayikhulu namashumi amathathu, nokhamba lwesiliva olungamashekeli angamashumi ayisikhombisa ngokweshekeli lendlu engcwele, zombili zigcwele impuphu ecolekileyo exovwé namafutha, kubengumnikelo wempuphu,
62nenkezo yegolide engamashekeli* ayishumi egcwele impepho,
63neduna libe-linye, nenqama ibenye, nemvu yeduna enomnyaka munye, kube-ngumnikelo wokushiswa,
64nempongo ibenye, ibe-ngumnikelo wesono;
65okomhlatshelo weminikelo yokuthula nakhu: izinkabi ezimbili, nezinqama eziyisihlanu, nezimpongo eziyisihlanu, nezimvu eziyisihlanu zamaduna ezinomnyaka munye; lokho kwakungumnikelo ka-Abidani indodana kaGideyoni.
66Ngosuku lweshumi nguAhiyezeri indodana ka-Amishadayi, isikhulu sabantwana bakwaDani:
67umnikelo wakhe wawuluqwembe lwesiliva, isisindo salo singamashekeli* ayikhulu namashumi amathathu, nokhamba lwesiliva olungamashekeli angamashumi ayisikhombisa ngokweshekeli lendlu engcwele, zombili zigcwele impuphu ecolekileyo exovwé namafutha, kubengumnikelo wempuphu,
68nenkezo yegolide engamashekeli* ayishumi egcwele impepho,
69neduna libe-linye, nenqama ibenye, nemvu yeduna enomnyaka munye, kubengumnikelo wokushiswa,
70nempongo ibenye, ibe-ngumnikelo wesono;
71okomhlatshelo weminikelo yokuthula nakhu: izinkabi ezimbili, nezinqama eziyisihlanu, nezimpongo eziyisihlanu, nezimvu eziyisihlanu zamaduna ezinomnyaka munye; lokho kwakungumnikelo ka-Ahiyezeri indodana ka-Amishadayi.
72Ngosuku lweshumi nanye nguPagiyeli indodana kaOkirani, isikhulu sabantwana bakwa-Asheri:
73umnikelo wakhe wawuluqwembe lwesiliva, isisindo salo singamashekeli* ayikhulu namashumi amathathu, nokhamba lwesiliva olungamashekeli angamashumi ayisikhombisa ngokweshekeli lendlu engcwele, zombili zigcwele impuphu ecolekileyo exovwé namafutha, kubengumnikelo wempuphu,
74nenkezo yegolide engamashekeli* ayishumi egcwele impepho,
75neduna libe-linye, nenqama ibenye, nemvu yeduna enomnyaka munye, kube-ngumnikelo wokushiswa,
76nempongo ibenye, ibe-ngumnikelo wesono;
77okomhlatshelo weminikelo yokuthula nakhu: izinkabi ezimbili, nezinqama eziyisihlanu, nezimpongo eziyisihlanu, nezimvu eziyisihlanu zamaduna ezinomnyaka munye; lokho kwakungumnikelo kaPagiyeli indodana kaOkirani.
78Ngosuku lweshumi nambili nguAhira indodana kaEnani, isikhulu sabantwana bakwaNafetali:
79umnikelo wakhe wawuluqwembe lwesiliva, isisindo salo singamashekeli* ayikhulu namashumi amathathu, nokhamba lwesiliva olungamashekeli ayisikhombisa ngokweshekeli lendlu engcwele, zombili zigcwele impuphu ecolekileyo exovwé namafutha, kube-ngumnikelo wempuphu,
80nenkezo yegolide engamashekeli* ayishumi egcwele impepho,
81neduna libe-linye, nenqama ibenye, nemvu yeduna enomnyaka munye, kubengumnikelo wokushiswa,
82nempongo ibenye, ibe-ngumnikelo wesono;
83okomhlatshelo weminikelo yokuthula nakhu: izinkabi ezimbili, nezinqama eziyisihlanu, nezimpongo eziyisihlanu, nezimvu eziyisihlanu zamaduna ezinomnyaka munye; lokho kwakungumnikelo ka-Ahira indodana kaEnani.
84Lokho kwakungukwahlukaniselwa kwealtare ngosuku lokugcotshwa kwalo ngezandla zezikhulu zakwaIsrayeli: izingqwembe eziyishumi nambili zesiliva, nezinkamba eziyishumi nambili zesiliva, nezinkezo eziyishumi nambili zegolide,
85yilolo naloloqwembe lwesiliva lungamashekeli* ayikhulu namashumi amathathu, yilolo nalolokhamba lungamashumi ayisikhombisa, lonke isiliva lezitsha libe-yizinkulungwane ezimbili namakhulu amane ngokweshekeli lendlu engcwele,
86nezinkezo zegolide eziyishumi nambili ezigcwele impepho, yileyo naleyo ingamashekeli* ayishumi ngokweshekeli lendlu engcwele; lonke igolide lezinkezo lalingamashekeli ayikhulu namashumi amabili;
87zonke izinkomo zomnikelo wokushiswa zaziyizinkunzi eziyishumi nambili, nezinqama eziyishumi nambili, nezimvu zamaduna ezinomnyaka munye eziyishumi nambili kanye nomnikelo wazo wempuphu, nezimpongo zomnikelo wesono eziyishumi nambili;
88izinkomo zonke zomhlatshelo weminikelo yokuthula zaziyizinkunzi ezingamashumi amabili nane, nezinqama ezingamashumi ayisithupha, nezimpongo ezingamashumi ayisithupha, nezimvu zamaduna ezingamashumi ayisithupha. Lokho kwakungokwahlukaniselwa kwealtare; lapho lase ligcotshiwe.
89Nanxa uMose engena etendeni lokuhlangana ukuba akhulume naye, wezwa izwi likhuluma kuye, livela ngaphezu kwesihlalo somusa esisemphongolweni wobufakazi ngaphakathi kwamakherubi* omabili; wayesekhuluma kuye.