Umsebenzi wamaLevi
1UJehova wakhuluma kuMose nakuAroni, wathi:
2Bala umumo wamadodana kaKohati phakathi kwamadodana kaLevi ngemindeni yawo nangezindlu zawoyise,
3kusukela kwabaneminyaka engamashumi amathathu kuya phezulu kuze kufike kwabaneminyaka engamashumi ayisihlanu, bonke abangena enkonzweni ukwenza umsebenzi etendeni lokuhlangana.
4Nanku umsebenzi wamadodana kaKohati etendeni lokuhlangana: izinto ezingcwelengcwele.
5Nxa ikamu* lisuka, uAroni uyakungena kanye namadodana akhe, behliseiveli lesihenqo, basibekele umphongolo wobufakazi ngalo,
6bawembese isikhumba samatahasi*, bendlale phezu kwawo indwangu eluhlaza yonke, bafake izinti zawo.
7Etafuleni lezinkwa zokubukwa bayakwendlala indwangu eluhlaza, babeke kuyo izingqwembe, nezinkezo, nezinkamba, nezindebe zokuthela; nesinkwa esinganqamukiyo siyakuba-phezu kwalo.
8Bayakwendlala phezu kwazo indwangu ebomvu, bayisibekele ngesikhumba samatahasi*, bafake izinti zalo.
9Bayakuthabatha indwangu eluhlaza, balusibekele uthi lwezibani, nezib nizalo, nezizenze zalo, nezitsha zalo zomlotha, nezitsha zonke zalo zamafutha abakhonza ngazo kulo;
10bayakulufaka kanye nezinto zalo zonke esikhumbeni samatahasi*, babeke konke ohlakeni.
11Ealtare legolide bayakwendlala indwangu eluhlaza, bayisibekele ngesikhumba samatahasi*, bafake izinti zalo.
12Bayakuthabatha zonke izitsha zokukhonza abakhonza ngazo endlini engcwele, bazifake endwangwini eluhlaza, bazisibekele ngesikhumba samatahasi*, bazibeke ohlakeni.
13Bayakususa umlotha ealtare, bendlale kulo indwangu ebubende,
14babeke kuyo zonke izinto zalo abakhonza ngazo kulo, imicengezi yempepho, nezimfoloko, namafosholo, nezitsha, nezinto zonke zealtare, bendlale phezu kwazo isimbozo sesikhumba samatahasi*, bafake izinti zalo.
15Nxa uAroni namadodana akhe sebeqedile ukusibekela indlu engcwele nempahla yonke yendlu engcwele, lapho ikamu* liyakusuka, emva kwalokho amadodana kaKohati ayakufika ukukuthwala, kepha awayikuthinta okungcwele, funa afe. Lezozinto zingumthwalo wamadodana kaKohati etendeni lokuhlangana.
16Imfanelo kaEleyazare indodana ka-Aroni umpristi iyakuba-ngamafutha okukhanyisa, nempepho ethaphukayo, nomnikelo wempuphu wemihla yonke, namafutha okugcoba; imfanelo yakhe iyitabernakele* lonke nakho konke okukulo, indlu engcwele nezinto zayo.
17UJehova wakhuluma kuMose nakuAroni, wathi:
18Ninganqumi isizwe semindeni yamaKohati kumaLevi,
19kepha ukuba baphile, bangafi, lapho besondela ezintweni ezingcwelengcwele, nenze kanje kubo: uAroni namadodana akhe bayakungena, babamise, kube-yilowo nalowo emsebenzini wakhe nasemthwalweni wakhe;
20kepha abayikungena ukubona okungcwele nangesikhashana nje, funa bafe.
21UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
22Bala umumo wamadodana kaGereshoni nawo ngezindlu zawoyise nangemindeni yawo
23kusukela kwabaneminyaka engamashumi amathathu kuya phezulu kuze kube-kwabaneminyaka engamashumi ayisihlanu, bonke abangena enkonzweni ukwenza umsebenzi etendeni lokuhlangana.
24Nanku umsebenzi wemindeni yamaGereshoni ngokukhonza nangokuthwala:
25bayakuthwala izilenge zetabernakele*, netende lokuhlangana, nesimbozo salo, nesimbozo sesikhumba samatahasi* esiphezu kwalo, neveli lomnyango wetende lokuhlangana,
26nezilenge zegceke, neveli lomnyango wesango legceke elingasetabernakele* nangasealtare nxazonke, nezintambo zakho, nezinto zonke zokukhonza kwabo; nakho konke okwenzelwa zona bayakukwenza.
27Ngesiyalezo sika-Aroni nangesamadodana akhe uyakwenziwa wonke umsebenzi wamadodana amaGereshoni emithwalweni yawo yonke nasemisebenzini yawo yonke; niwamisele yonke imithwalo yawo ezakugcinwa yiwo.
28Lowo ungumsebenzi wemindeni yamadodana amaGereshoni etendeni lokuhlangana; okugcinwa yiwo kube-phansi kwesandla sikaItamari indodana ka-Aroni umpristi.
29Amadodana kaMerari uwabale ngemindeni yawo nangezindlu zawoyise;
30kusukela kwabaneminyaka engamashumi amathathu kuya phezulu kuze kube-kwabaneminyaka engamashumi ayisihlanu wobabala bonke abangena emsebenzini ukwenza umsebenzi wetende lokuhlangana.
31Nakhu okuzakugcinwa yibo ukuba bakuthwale ngokomsebenzi wabo wonke etendeni lokuhlangana: amapulangwe etabernakele*, nemishayo yalo, nezinsika zalo, nezinyawo zalo,
32nezinsika zegceke nxazonke, nezinyawo zazo, nezikhonkwane zazo, nezintambo zazo, nempahla yonke yazo, nenkonzo yonke yazo, nibamisele ngamagama impahla abafanele ukuyithwala.
33Lowo ungumsebenzi wemindeni yamadodana kaMerari ngokomsebenzi wabo wonke etendeni lokuhlangana phansi kwesandla sikaItamari indodana ka-Aroni umpristi.
34OMose noAroni nezikhulu zenhlangano babala amadodana amaKohati ngemindeni yawo nangezindlu zawoyise,
35kusukela kwabaneminyaka engamashumi amathathu kuya phezulu kuze kube-kwabaneminyaka engamashumi ayisihlanu, bonke abangena emsebenzini ukukhonza etendeni lokuhlangana;
36labo ababalwayo kubo ngemindeni yabo babeyizinkulungwane ezimbili namakhulu ayisikhombisa namashumi ayisihlanu.
37Yilabo ababalwayo bemindeni yamaKohati, bonke abakhonza etendeni lokuhlangana, ababalwa nguMose nanguAroni njengesiyalezo sikaJehova ngesandla sikaMose.
38Labo ababalwayo bamadodana kaGereshoni ngemindeni yawo nangezindlu zawoyise,
39kusukela kwabaneminyaka engamashumi amathathu kuya phezulu kuze kube-kwabaneminyaka engamashumi ayisihlanu, bonke abangena emsebenzini ukukhonza etendeni lokuhlangana,
40labo ababalwayo kubo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise babeyizinkulungwane ezimbili namakhulu ayisithupha namashumi amathathu.
41Yilabo ababalwayo bemindeni yamadodana kaGereshoni, bonke abakhonza etendeni lokuhlangana, ababalwa nguMose nanguAroni njengesiyalezo sikaJehova.
42Labo ababalwayo bemindeni yamadodana kaMerari ngemindeni yawo nangezindlu zawoyise,
43kusukela kwabaneminyaka engamashumi amathathu kuya phezulu kuze kube-kwabaneminyaka engamashumi ayisihlanu, bonke abangena emsebenzini ukukhonza etendeni lokuhlangana,
44labo ababalwayo kubo ngemindeni yabo babeyizinkulungwane ezintathu namakhulu amabili.
45Yilabo ababalwayo bemindeni yamadodana kaMerari ababalwa nguMose nanguAroni njengesiyalezo sikaJehova ngesandla sikaMose.
46Bonke ababalwayo bamaLevi ababalwa nguMose nanguAroni nayizikhulu zakwaIsrayeli ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise,
47kusukela kwabaneminyaka engamashumi amathathu kuya phezulu kuze kube-kwabaneminyaka engamashumi ayisihlanu, bonke abangena ukwenza umsebenzi wenkonzo nomsebenzi wokuthwala etendeni lokuhlangana,
48labo ababalwayo kubo babeyizinkulungwane eziyisishiyagalombili namakhulu ayisihlanu namashumi ayisishiyagalombili.
49Njengesiyalezo sikaJehova babalwa ngesandla sikaMose, yilowo nalowo ngokomsebenzi wakhe nangokomthwalo wakhe; base bebalwa-ke, njengalokho uJehova emyalile uMose.