Impindiselo kwabakwaMidiyani
1UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
2Baphindisele abantwana bakwaIsrayeli kwabakwaMidiyani, andukuba ubuthelwe kubantu bakini.
3UMose wayesekhuluma kubantu, wathi: Hlomiselani impi amadoda phakathi kwenu ukuba ahlasele abakwaMidiyani, aphindisele uJehova kwabakwaMidiyani;
4kuleso nalesosizwe njalo anoyithuma empini inkulungwane ezizweni zonke zakwaIsrayeli.
5Kwase kunikelwa ezinkulungwaneni zakwaIsrayeli inkulungwane kuleso nalesosizwe, izinkulungwane eziyishumi nambili, zihlonyiselwe impi.
6UMose wabathuma empini, kwabayinkulungwane kuleso nalesosizwe, bona noFinehasi indodana kaEleyazare umpristi, baye naye empini ephethe impahla yendlu engcwele namacilongo okuhlaba umkhosi esandleni sakhe.
7Balwa noMidiyani, njengalokho uJehova emyalile uMose, babulala abesilisa bonke.
8Babulala amakhosi akwaMidiyani kanye nabanye ababulawayo: oEvi, noRekemi, noSuri, noHure, noReba, amakhosi ayisihlanu akwaMidiyani; noBileyamu indodana kaBeyori bambulala ngenkemba.
9Abantwana bakwaIsrayeli bathumba abesifazane bakwaMidiyani nabancane babo; nazo zonke izinkomo zabo, nazo zonke izimvu zabo, nayo yonke impahla yabo bakuthatha kwaba-yimpango yabo.
10Yonke imizi yabo yasezindaweni, lapho bebehlala khona, nawo onke amakamu* abo bakushisa ngomlilo.
11Bathatha yonke impango nayo yonke impahla edliweyo, abantu nezilwane.
12Baletha abathunjwa, nempango, nemphala edliweyo kuMose nakuEleyazare umpristi, nakuyo inhlangano yabantwana bakwaIsrayeli ekamu* emathafeni akwaMowabi angaseJordani ngaseJeriko.
13OMose, noEleyazare umpristi, nazo zonke izikhulu zenhlangano baphuma ukubahlangabeza ngaphandle kwekamu*.
14UMose wazithukuthelela iziphathimandla zebandla, izinduna zezinkulungwane nezinduna zamakhulu ezazibuya empini.
15UMose wathi kuzo: Nisindisile bonke abesifazane na?
16Bhekani, laba benza ukuba abantwana bakwaIsrayeli ngesiluleko sikaBileyamu baphambeke kuJehova ngendaba yasePeyori, kwaba-khona isifo phakathi kwenhlangano kaJehova.
17Ngalokho bulalani manje bonke abesilisa phakathi kwabantwana, nibulale nabo bonke abesifazane abayazi indoda ngokulala nayo.
18Kepha onke amantombazana angazanga-ndoda ngokulala nayo, nizisindisele wona.
19Misani ngaphandle kwekamu* izinsuku eziyisikhombisa; yilowo nalowo obulele umuntu, nalowo othintile obuleweyo, makaziphothule ngosuku lwesithathu nangosuku lwesikhombisa, nina nabathunjwa benu.
20Nazo zonke izingubo, nakho konke okwenziwe ngesikhumba, nayo yonke imisebenzi yoboya bezimbuzi, nazo zonke izinto ezenziwe ngomuthi, niyakuziphothula mayelana nakho.
Ukwahlukaniswa kwempango
21Umpristi uEleyazare wathi kumadoda empi ayeyile ekulweni: Lokhu kuyisimiso somthetho uJehova ayalé ngaso uMose:
22kuphela igolide, nesiliva, nethusi, nensimbi, nethini*, nomthofu,
23konke okungahlala emlilweni, niyakukudabulisa emlilweni, kuhlambuluke; kodwa kuyakuhlanjululwa ngamanzi okuphothula, kepha konke okungenakuhlala emlilweni niyakukudabulisa emanzini.
24Niyakuhlanza izingubo zenu ngosuku lwesikhombisa, nihlambuluke, andukuba ningene ekamu*.
25UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
26Balani impango yonke ethathiweyo, abantu nezilwane, wena noEleyazare umpristi, nezinhloko zezindlu zawoyise benhlangano,
27wena wahlukanisele impango kabili phakathi kwamadoda empi aya ekulweni nenhlangano yonke,
28uthelisele uJehova amadoda empi aya ekulweni, kube-kunye emakhulwini ayisihlanu, awabantu, nawezinkomo, nawezimbongolo, nawezimvu,
29nikuthathe enxenyeni yabo, nikunike uEleyazare umpristi, kube-ngumnikelo wokuphakanyiswa kaJehova.
30Enxenyeni yabantwana bakwaIsrayeli wothabatha kube-kunye emashumini ayisihlanu, awabantu, nawezinkomo, nawezimbongolo, nawezimvu, yebo, awezilwane zonke, ukunike amaLevi agcina inkonzo yetabernakele* likaJehova.
31OMose noEleyazare umpristi benza njengalokho uJehova emyalile uMose.
32Impango-ke eyayisele kwethathiwe ngamadoda empi yayiyizimvu eziyizinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha namashumi ayisikhombisa nanhlanu,
33nezinkomo eziyizinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa nambili,
34nezimbongolo eziyizinkulungwane ezingamashumi ayisithupha nanye,
35nabantu, abesifazane abangazangandoda ngokulala nayo, abayizinkulungwane ezingamashumi amathathu nambili, bebonke.
36Nenxenye eyayiyisabelo sabaphuma impi umumo wayo wawuyizimvu eziyizinkulungwane ezingamakhulu amathathu namashumi amathathu nesikhombisa namakhulu ayisihlanu,
37nentela kaJehova yezimvu yayingamakhulu ayisithupha namashumi ayisikhombisa nanhlanu.
38Izinkomo zaziyizinkulungwane ezingamashumi amathathu nesithupha, intela kaJehova kuzo ingamashumi ayisikhombisa nambili.
39Izimbongolo zaziyizinkulungwane ezingamashumi amathathu namakhulu ayisihlanu, intela kaJehova kuzo ingamashumi ayisithupha nanye.
40Abantu babeyizinkulungwane eziyishumi nesithupha, intela kaJehova kubo ingamashumi amathathu nambili.
41UMose wamnika uEleyazare umpristi intela eyayingumnikelo wokuphakanyiswa kaJehova, njengalokho uJehova emyalile uMose.
42Enxenyeni yabantwana bakwaIsrayeli uMose ayahlukanisa neyamadoda ayelwile —
43inxenye yenhlangano yayiyizimvu eziyizinkulungwane ezingamakhulu amathathu namashumi amathathu nesikhombisa namakhulu ayisihlanu,
44nezinkomo eziyizinkulungwane ezingamashumi amathathu nesithupha,
45nezimbongolo eziyizinkulungwane ezingamashumi amathathu namakhulu ayisihlanu,
46nabantu abayizinkulungwane eziyishumi nesithupha —
47yebo, kulenxenye yabantwana bakwaIsrayeli uMose wathatha kube-kunye emashumini ayisihlanu, awabantu nawezilwane, wakunika amaLevi agcina inkonzo yetabernakele* likeJehova, njengalokho uJehova emyalile uMose.
48Iziphathimandla ezaziphezu kwezinkulungwane zebandla, izinduna zezinkulungwane nezinduna zamakhulu, zasondela kuMose, zathi kuMose:
49Izinceku zakho zibalé onke amadoda empi asesandleni sethu, akwasala neyodwa yethu.
50Silethile umnikelo kaJehova, kwaba-yilowo nalowo lokho akutholileyo, izinto zegolide, nezigqizo, namasongo, nezindandatho, namacici, nemigexo ukuyenzela imiphefumulo yethu ukubuyisana phambi kukaJehova.
51OMose noEleyazare bamukela igolide kubo, namagugu asetshenziweyo.
52Lonke igolide lomnikelo wokuphakanyiswa abanikela ngalo kuJehova, elezinduna zezinkulungwane nelezinduna zamakhulu, lalingamashekeli* ayizinkulungwane eziyishumi nesithupha namakhulu ayisikhombisa namashumi ayisihlanu.
53Ngokuba amadoda empi ayezithathele impango, kwaba-yileyo naleyo ngokwayo.
54OMose noEleyazare umpristi bamukela igolide kuzo izinduna zezinkulungwane nakwezamakhulu, baliletha etendeni lokuhlangana, laba-yisikhumbuzo sabantwana bakwaIsrayeli phambi kukaJehova.