Ukubalwa kwamaLevi nokwamazibulo
1Lezi ziyizizukulwane zika-Aroni nezikaMose ngalolosuku uJehova akhuluma ngalo kuMose entabeni yaseSinayi.
2Lawa angamagama amadodana ka-Aroni: uNadabi izibulo, noAbihu, noEleyazare, noItamari.
3Yilawo angamagama amadodana ka-Aroni, abapristi abagcotshiweyo, abahlukaniselwa ukukhonza esikhundleni sobupristi.
4ONadabi noAbihu bafa phambi kukaJehova, benikela ngomlilo ongafanele ebusweni bukaJehova ehlane laseSinayi; babengenabantwana. Kwase kukhonza oEleyazare noItamari esikhundleni sobupristi ebusweni buka-Aroni uyise.
5UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
6Sondeza isizwe sakwaLevi, usimise phambi kuka-Aroni umpristi ukuba simkhonze.
7Bayakugcina izimfanelo zakhe nezimfanelo zenhlangano yonke phambi kwetende lokuhlangana ukwenza inkonzo yetabernakele*.
8Bayakugcina yonke impahla yetende lokuhlangana nezimfanelo zabantwana bakwaIsrayeli ukwenza inkonzo yetabernakele*.
9Uyakunikela amaLevi kuAroni nakumadodana akhe; ayanikelwa ngempela kuye, evela kubantwana bakwaIsrayeli.
10Uyakumisa uAroni namadodana akhe, bagcine ubupristi babo; umfokazi osondelayo uyakubulawa.
11UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
12Mina ngikhiphile amaLevi phakathi kwabantwana bakwaIsrayeli esikhundleni samazibulo onke avula isizalo phakathi kwabantwana bakwaIsrayeli; amaLevi ayakuba-ngawami.
13Ngokuba onke amazibulo angawami; ngalolosuku engabulala ngalo onke amazibulo ezweni laseGibithe ngazingcwelisela amazibulo onke kwaIsrayeli, awabantu nawezilwane; ayakuba-ngawami; nginguJehova.
14UJehova wakhuluma kuMose ehlane laseSinayi, wathi:
15Bala abantwana bakwaLevi ngezindlu zawoyise nangemindeni yabo; uyakubala bonke abesilisa kusukela kwabanenyanga kuya phezulu.
16UMose wababala njengezwi likaJehova, njengalokho wayalwa.
17Lawa angamadodana kaLevi ngamagama awo: oGereshoni, noKohati, noMerari.
18Lawa angamagama amadodana kaGereshoni ngemindeni yawo: oLibini noShimeyi.
19Namadodana kaKohati ngemindeni yawo: oAmramu, noJisihari, noHebroni, noUziyeli.
20Namadodana kaMerari ngemindeni yawo: oMaheli noMushi. Leyo iyimindeni yamaLevi ngezindlu zawoyise.
21KwaGereshoni kwavela umndeni wamaLibini nomndeni wamaShimeyi; yileyo eyimindeni yamaGereshoni.
22Labo ababalwayo kubo njengokomumo wabesilisa bonke kusukela kwabanenyanga kuya phezulu, ababalwayo kubo babeyizinkulungwane eziyisikhombisa namakhulu ayisihlanu.
23Imindeni yamaGereshoni iyakumisa emva kwetabernakele* ngasentshonalanga.
24Isikhulu sendlu kayise wamaGereshoni siyakuba-nguEliyasafa indodana kaLayeli.
25Imfanelo yamadodana kaGereshoni etendeni lokuhlangana iyakuba-yitabernakele*, netende, nesimbozo salo, neveli lomnyango wetende lokuhlangana,
26nezilenge zegceke, neveli lomnyango wegceke elingasetabernakele* nangasealtare nxazonke, nezintambo zalo, nayo yonke inkonzo yalokho.
27KwaKohati kwavela umndeni wama-Amramu, nomndeni wamaJisihari, nomndeni wamaHebroni, nomndeni wamaUziyeli; yileyo eyimindeni yamaKohati.
28Njengokomumo wabo bonke abesilisa kusukela kwabanenyanga kuya phezulu babeyizinkulungwane eziyisishiyagalombili namakhulu ayisithupha, begcina inkonzo yendlu engcwele.
29Imindeni yamadodana kaKohati iyakumisa eceleni kwetabernakele* ngaseningizimu.
30Isikhulu sendlu kayise wemindeni yamaKohati siyakuba-nguElisafani indodana kaUziyeli.
31Okugcinwa yibo kuyakuba-ngumphongolo, netafula, nothi lwezibani, nama-altare, nezimpahla zendlu engcwele abakhonza ngazo, nevili, nayo yonke inkonzo yalokho.
32UEleyazare indodana ka-Aroni umpristi uyakuba-yisikhulu sezikhulu zamaLevi, abonise abagcina inkonzo yendlu engcwele.
33KwaMerari kwavela umndeni wamaMaheli nomndeni wamaMushi; yileyo eyimindeni yamaMerari.
34Labo ababalwayo kubo njengokomumo wabesilisa bonke kusukela kwabanenyanga kuya phezulu babeyizinkulungwane eziyisithupha namakhulu amabili.
35Isikhulu sendlu kayise wemindeni yamaMerari sasinguSuriyeli indodana ka-Abihayili; bayakumisa eceleni kwetabernakele* ngasenyakatho.
36Imfanelo emiselwe amadodana kaMerari iyakuba-ngamapulangwe etabernakele*, nemishayo yalo, nezinsika zalo, nezinyawo zalo, nezinto zonke zalo, nenkonzo yonke yalokho,
37nezinsika zegceke nxazonke, nezinyawo zazo, nezikhonkwane zazo, nezintambo zazo.
38Labo abamisa phambi kwetabernakele* ngasempumalanga, ngaphambi kwetende lokuhlangana ngasekuphumeni kwelanga, bayakuba-ngoMose noAroni namadodana akhe, begcina inkonzo yendlu engcwele, begcina imfanelo yabantwana bakwaIsrayeli; umfokazi osondelayo uyakubulawa.
39Bonke ababalwayo bamaLevi ababalwa nguMose nanguAroni ngesiyalezo sikaJehova ngemindeni yabo, bonke abesilisa kusukela kwabanenyanga kuya phezulu, babeyizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili.
40UJehova wathi kuMose: Bala onke amazibulo esilisa abantwana bakwaIsrayeli kusukela kwabanenyanga kuya phezulu, ubale umumo wamagama abo.
41Uyakungithabathela amaLevi — nginguJehova — esikhundleni samazibulo onke abantwana bakwaIsrayeli, nezinkomo zamaLevi esikhundleni samazibulo onke ezinkomo zabantwana bakwaIsrayeli.
42UMose wabala, njengalokho uJehova emyalile, onke amazibulo phakathi kwabantwana bakwaIsrayeli.
43Onke amazibulo esilisa njengokomumo wamagama kusukela kwabanenyanga kuya phezulu alabo ababalwayo kubo ayeyizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili namakhulu amabili namashumi ayisikhombisa nantathu.
44UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
45Thabatha amaLevi esikhundleni samazibulo onke phakathi kwabantwana bakwaIsrayeli nezinkomo zamaLevi esikhundleni sezinkomo zabo, amaLevi abe-ngawami; nginguJehova.
46Ukuba kuhlengwe labo abangamakhulu amabili namashumi ayisikhombisa nantathu bamazibulo abantwana bakwaIsrayeli abadlula amaLevi,
47uyakuthabatha amashekeli* ayisihlanu ngamunye ngenhloko; ngokweshekeli lendlu engcwele uyakuwathabatha — ishekeli lingamagera* angamashumi amabili;
48umnike uAroni namadodana akhe imali umumo wabo odlulelayo ohlengwa ngayo.
49UMose wayesethatha imali yokuhlenga kulabo abadlula abahlengiwe ngamaLevi;
50kuwo amazibulo abantwana bakwaIsrayeli wayithatha imali, amashekeli* ayinkulungwane namakhulu amathathu namashumi ayisithupha nanhlanu ngokweshekeli lendlu engcwele.
51UMose wamnika uAroni namadodana akhe imali yokuhlenga njengezwi likaJehova, njengalokho uJehova emyalile uMose.