Imithetho yeminikelo
1Ngenyanga yesikhombisa ngolokuqala lwenyanga niyakuba-nomhlangano ongcwele; ningasebenzi-msebenzi; kulusuku lokubetha amacilongo kini.
2Niyakunikela ngomnikelo wokushiswa ube-yiphunga elimnandi kuJehova: iduna, nenqama, nezimvu zamaduna eziyisikhombisa ezinomnyaka munye ezingenasici,
3kanye nomnikelo wazo wempuphu, impuphu ecolekileyo exovwé namafutha, okweshumi okuthathu ngenkunzi, nokweshumi okubili ngenqama,
4nokweshumi ngaleyo naleyomvu yezimvana eziyisikhombisa,
5nempongo ibenye, ibe-ngumnikelo wesono, ukunenzela ukubuyisana,
6ngaphandle komnikelo wokushiswa wenyanga eyethwasayo nomnikelo wawo wempuphu, nomnikelo oshiswa imihla yonke nomnikelo wawo wempuphu, neminikelo yayo yokuphuzwa ngokwesimiso sayo, kube-yiphunga elimnandi, umnikelo womlilo kuJehova.
7Ngolweshumi lwaleyonyanga yesikhombisa niyakuba-nomhlangano ongcwele, nithobise imiphefumulo yenu; ningasebenzi-msebenzi,
8kepha ninikele ngomnikelo wokushiswa kuJehova ube-yiphunga elimnandi: iduna, nenqama, nezimvu zamaduna eziyisikhombisa ezinomnyaka munye, zibe-ngezingenasici kini,
9kanye nomnikelo wazo wempuphu, impuphu ecolekileyo exovwé namafutha, okweshumi okuthathu ngenkunzi, nokweshumi okubili ngenqama,
10nokweshumi ngaleyo naleyomvu yezimvana eziyisikhombisa,
11nempongo ibenye, ibe-ngumnikelo wesono, ngaphandle komnikelo wesono wokubuyisana, nomnikelo oshiswa imihla yonke nomnikelo wawo wempuphu, neminikelo yayo yokuphuzwa.
12Ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga yesikhombisa niyakuba-nomhlangano ongcwele; ningasebenzi-msebenzi, nimgcinele uJehova umkhosi izinsuku eziyisikhombisa,
13ninikele ngomnikelo wokushiswa, umnikelo womlilo wephunga elimnandi kuJehova: amaduna ayishumi nantathu, nezinqama ezimbili, nezimvu zamaduna eziyishumi nane ezinomnyaka munye, zibe-ngezingenasici,
14kanye nomnikelo wazo wempuphu, impuphu ecolekileyo exovwé namafutha, okweshumi okuthathu ngaleyo naleyonkunzi yezinkunzi eziyishumi nantathu, nokweshumi okubili ngaleyo naleyonqama yezinqama ezimbili,
15nokweshumi ngaleyo naleyomvu yezimvana eziyishumi nane,
16nempongo ibenye, ibe-ngumnikelo wesono, ngaphandle komnikelo oshiswa imihla yonke nomnikelo wawo wempuphu nomnikelo wawo wokuphuzwa.
17Ngosuku lwesibili: amaduna ayishumi nambili, nezinqama ezimbili, nezimvu zamaduna eziyishumi nane ezinomnyaka munye ezingenasici,
18kanye nomnikelo wazo wempuphu, neminikelo yazo yokuphuzwa ngezinkunzi nangezinqama nangezimvu, njengokomumo wazo ngokwesimiso,
19nempongo ibenye, ibe-ngumnikelo wesono, ngaphandle komnikelo oshiswa imihla yonke nomnikelo wawo wempuphu neminikelo yayo yokuphuzwa.
20Ngosuku lwesithathu: izinkunzi eziyishumi nanye, nezinqama ezimbili, nezimvu zamaduna eziyishumi nane ezinomnyaka munye ezingenasici,
21kanye nomnikelo wazo wempuphu, neminikelo yazo yokuphuzwa ngezinkunzi nangezinqama nangezimvu, njengokomumo wazo ngokwesimiso,
22nempongo ibenye, ibe-ngumnikelo wesono, ngaphandle komnikelo oshiswa imihla yonke nomnikelo wawo wempuphu nomnikelo wawo wokuphuzwa.
23Ngosuku lwesine: izinkunzi eziyishumi, nezinqama ezimbili, nezimvu zamaduna eziyishumi nane ezinomnyaka munye ezingenasici,
24kanye nomnikelo wazo wempuphu, neminikelo yazo yokuphuzwa ngezinkunzi nangezinqama nangezimvu, njengokomumo wazo ngokwesimiso,
25nempongo ibenye, ibe-ngumnikelo wesono, ngaphandle komnikelo oshiswa imihla yonke nomnikelo wawo wempuphu nomnikelo wawo wokuphuzwa.
26Ngosuku lwesihlanu: izinkunzi eziyisishiyagalolunye, nezinqama ezimbili, nezimvu zamaduna eziyishumi nane ezinomnyaka munye ezingenasici,
27kanye nomnikelo wazo wempuphu, neminikelo yazo yokuphuzwa ngezinkunzi nangezinqama nangezimvu, njengokomumo wazo ngokwesimiso,
28nempongo ibenye, ibe-ngumnikelo wesono, ngaphandle komnikelo oshiswa imihla yonke nomnikelo wawo wempuphu nomnikelo wawo wokuphuzwa.
29Ngosuku lwesithupha: izinkunzi eziyisishiyagalombili, nezinqama ezimbili, nezimvu zamaduna eziyishumi nane ezinomnyaka munye ezingenasici,
30kanye nomnikelo wazo wempuphu, neminikelo yazo yokuphuzwa ngezinkunzi nangezinqama nangezimvu, njengokomumo wazo ngokwesimiso,
31nempongo ibenye, ibe-ngumnikelo wesono, ngaphandle komnikelo oshiswa imihla yonke nomnikelo wawo wempuphu neminikelo yawo yokuphuzwa.
32Ngosuku lwesikhombisa: izinkunzi eziyisikhombisa, nezinqama ezimbili, nezimvu zamaduna eziyishumi nane ezinomnyaka munye ezingenasici,
33kanye nomnikelo wazo wempuphu, neminikelo yazo yokuphuzwa ngezinkunzi nangezinqama nangezimvu, njengokomumo wazo ngokwesimiso,
34nempongo ibenye, ibe-ngumnikelo wesono, ngaphandle komnikelo oshiswa imihla yonke nomnikelo wawo wempuphu nomnikelo wawo wokuphuzwa.
35Ngosuku lwesishiyagalombili niyakuba-nomhlangano ozothileyo; ningasebenzi-msebenzi,
36kepha ninikele ngomnikelo wokushiswa, umnikelo womlilo wephunga elimnandi kuJehova: inkunzi ibenye, nenqama ibenye, nezimvu zamaduna eziyisikhombisa ezinomnyaka munye ezingenasici,
37kanye nomnikelo wazo wempuphu neminikelo yazo yokuphuzwa ngenkunzi nangenqama nangezimvu, njengokomumo wazo ngokwesimiso,
38nempongo ibenye, ibe-ngumnikelo wesono, ngaphandle komnikelo oshiswa imihla yonke nomnikelo wawo wempuphu nomnikelo wawo wokuphuzwa.
39Lokho niyakunikela ngakho kuJehova ngemikhosi yenu emisiweyo, ngaphandle kwezithembiso zenu neminikelo yenu yesihle, kube-yiminikelo yenu yokushiswa, neminikelo yenu yempuphu, neminikelo yenu yokuphuzwa, neminikelo yenu yokuthula.
40UMose wabatshela abantwana bakwaIsrayeli njengakho konke uJehova amyalé ngakho uMose.