Izinhloli eziyishumi nambili
1UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
2Thuma wena abantu ukuba bahlole izwe laseKhanani engibanika lona abantwana bakwaIsrayeli; uthume umuntu waleso nalesosizwe sawoyise, kubeyilowo nalowo abe-yinduna phakathi kwabo.
3UMose wabathuma-ke besuka ehlane lasePharanu ngesiyalezo sikaJehova; bonke babo babengabantu abayizinhloko zabantwana bakwaIsrayeli.
4Lawa angamagama abo: owesizwe sakwaRubeni: uShamuwa indodana kaZakuri.
5Owesizwe sakwaSimeyoni: uShafati indodana kaHori.
6Owesizwe sakwaJuda: uKalebi indodana kaJefune.
7Owesizwe sakwaIsakare: uIgali indodana kaJosefa.
8Owesizwe sakwaEfrayimi: uHosheya indodana kaNuni.
9Owesizwe sakwaBenjamini: uPaliti indodana kaRafu.
10Owesizwe sakwaZebuloni: uGadiyeli indodana kaSodi.
11Owesizwe sakwaJosefa, owesizwe sakwaManase: uGadi indodana kaSusi.
12Owesizwe sakwaDani: uAmiyeli indodana kaGemali.
13Owesizwe sakwa-Asheri: uSethuru indodana kaMikayeli.
14Owesizwe sakwaNafetali: uNabi indodana kaVofisi.
15Owesizwe sakwaGadi: uGewuweli indodana kaMaki.
16Yilawo amagama amadoda athunywa nguMose ukuhlola izwe. UMose wambiza uHosheya indodana kaNuni ngokuthi uJoshuwa.
17UMose wabathuma ukuhlola izwe laseKhanani, wathi kubo: Yenyukani ngalapha, niye ngaseningizimu, nikhuphukele ezintabeni,
18nibone izwe ukuthi linjani, nabantu abakhé kulo ukuthi banamandla noma babuthakathaka, bayingcosana noma baningi yini,
19nokuthi izwe abakhé kulo linjani, noma lihle noma libi, nokuthi imizi abahlala kuyo injani, noma ngamakamu* noma yizinqaba,
20nokuthi izwe linjani, noma livundile noma limpofu, noma linezinkuni noma qha. Yibani-nesibindi, nibuye nezithelo zezwe. Kwase kuyisikhathi sezithelo zokuqala zomvini.
21Base behamba-ke, bahlola izwe kusukela ehlane laseSini kuze kube-seRehobe ekuyeni ngaseHamati.
22Benyukela ngaseningizimu, bafika eHebroni; oAhimani, noSheshayi, noTalimayi, abantwana bakwa-Anaki, babelapho. IHebroni lakhiwa iminyaka eyisikhombisa lingakakhiwa iSowani laseGibithe.
23Bafika esiGodini sase-Eshikoli, banquma khona igatsha elinehlukuzo lezithelo zomvini, balithwala ngothi phakathi kwababili, kanye namapomegranati* namakhiwane.
24Leyondawo yathiwa isiGodi sase-Eshikoli* ngenxa yehlukuzo abantwana bakwaIsrayeli abalinquma khona.
25Base bebuya ekuhloleni izwe ngasekupheleni kwezinsuku ezingamashumi amane.
26Baya bafika kuMose nakuAroni nakuyo yonke inhlangano yabantwana bakwaIsrayeli ehlane lasePharanu eKadeshi, babuyisela izwi kubo nakuyo yonke inhlangano, bababonisa izithelo zezwe.
27Bamtshela bathi: Safika-ke ezweni owasithuma kulo; ngempela livamé ubisi nezinyosi; lokhu kuyizithelo zalo.
28Nokho abantu abakhé ezweni banamandla, imizi ibiyelwe, mikhulu kakhulu; futhi sabona abantwana bakwa-Anaki khona.
29UAmaleki wakhile ezweni laseningizimu, amaHeti, namaJebusi, nama-Amori ahlala ezintabeni; amaKhanani akhile ngaselwandle naseceleni kweJordani.
30UKalebi wathulisa abantu phambi kukaMose, wathi: Masenyuke khona manje, silidle, ngokuba sinamandla okulinqoba.
31Kepha amadoda ayenyuké naye athi: Asinakwenyuka, sihlasele labobantu, ngokuba banamandla kunathi.
32Base belandisa abantwana bakwaIsrayeli umbiko omubingezwe ababelihlolile, bathi: Izwe esilidabulile ukulihlola liyizwe elidla abakhileyo kulo; bonke abantu esababona kulo bangabantu abajaheleyo.
33Sabona khona iziqhwaga, amadodana ka-Anaki avela eziqhwageni; emehlweni ethu saba-njengezintethe, sabanjalo nasemehlweni abo.