Ukuchithwa kweJerusalema nokufika kweNdodana yomuntu
1Kuthé ephuma ethempelini, omunye wabafundi bakhe wathi kuye: Mfundisi, bheka amatshe anjani nezakhiwo ezinjani!
2UJesu wathi kuye: Uyabona lezizakhiwo ezinkulu na? Akuyikushiywa itshe phezu kwetshe elingayikudilizelwa phansi.
3Esahlezi eNtabeni yemiNqumo maqondana nethempeli, oPetru noJakobe noJohane noAndreya bambuza bebodwa,
4bathi: Sitshele ukuthi lokhu kuyakuba-nini, nesibonakaliso siyakuba-yini, lapho sekuyakufezeka konke lokhu, na?
5Khona uJesu waqala ukukhuluma kubo, ethi: Qaphelani ningadukiswamuntu.
6Kuyakuza abaningi ngegama lami, bathi: Nginguye, badukise abaningi.
7Nxa nizwa izimpi namahemuhemu ezimpi, ningethuki; kumelwe ukuba kwenzeke, kepha ukuphela koba kungakafiki.
8Ngokuba isizwe siyakuvukela isizwe, nombuso uvukele umbuso; kuyakuba-khona ukuzamazama komhlaba izindawo ngezindawo, kube-khona indlala; lokhu kungukuqala kwemihelo.
9Kepha ziqapheleni nina. Bayakunikhaphela emiphakathini; niyakushaywa emasinagogeni*; niyakumiswa phambi kwababusi namakhosi ngenxa yami, kube-ngubufakazi kubo.
10Kepha ivangeli limelwe ukushunyayelwa kuqala ezizweni zonke.
11Uma beniqhuba, benikhaphela, ningakhathaleli ngaphambili eniyakukukhuluma, kodwa lokho eniyakukunikwa ngalesosikhathi, kukhulumeni; ngokuba kakunina enikhulumayo kodwa nguMoya oNgcwele.
12Khona umuntu uyakukhaphela umfowabo ekufeni noyise umntanakhe, yebo, abantwana bayakuvukela abazali babo, bababulale.
13Niyakuzondwa yibo bonke ngenxa yegama lami, kodwa okhuthazelayo kuze kube-sekupheleni nguyena oyakusindiswa.
14Kepha nxa nibona amanyala encithakalo emi lapho kungafanele khona — ofundayo makaqaphele — khona abaseJudiya mababalekele ezintabeni,
15ophezu kwendlu angehli, angangeni ukuyothatha utho endlini yakhe,
16osensimini angabuyeli emuva ukuyothatha ingubo yakhe.
17Kepha maye kwabakhulelweyo nabancelisayo ngalezozinsuku!
18Khulekani ukuba kungabi-sebusika.
19Ngokuba lezozinsuku ziyakubanosizi olungazange lube-khona olunjalo kwasekuqaleni kokudalwa akudalayo uNkulunkulu kuze kube-manje, nolungasayikuba-khona.
20Uma iNkosi ibingazifinyezi lezozinsuku, bekungesindiswe-muntu; kepha ngenxa yabakhethiweyo eyabakhetha yazifinyeza lezozinsuku.
21Khona-ke uma umuntu ethi kini: Bhekani, nangu uKristu, noma: Bhekani, nanguya, ningakholwa.
22Ngokuba kuyakuvela okristu bamanga nabaprofethi bamanga, benze izibonakaliso nezimangaliso, ukuze badukise abakhethiweyo, uma kungenzeka.
23Kepha qaphelani nina; senginitshelé konke ngaphambili.
24Kodwa ngalezozinsuku emva kwalolosizi ilanga liyakufiphazwa, nenyanga ayiyikukhanya,
25nezinkanyezi ziyakuwa ezulwini, namandla asezulwini ayakuzanyazanyiswa.
26Khona-ke bayakubona iNdodana yomuntu iza emafwini, inamandla amakhulu nenkazimulo.
27Lapho iyakuthuma izingelosi, iqoqe abakhethiweyo bayo emimoyeni yomine, kusukela emkhawulweni womhlaba kuze kube-semkhawulweni wezulu.
28Fundani umfanekiso emkhiwaneni; nxa igatsha lawo selithamba, lihlume amaqabunga, niyazi ukuthi ihlobo seliseduze.
29Kanjalo nani, nxa nibona lokhu kwenzeka, yazini ukuthi iseduze ngasemnyango.
30Ngiqinisile ngithi kini: Lesisizukulwane asiyikudlula, kungakenzeki konke lokhu.
31Kuyakudlula izulu nomhlaba, kepha amazwi ami awayikudlula.
32Kepha lolosuku nalelohora akakho owazi-lutho ngalo, nazingelosi ezulwini, naNdodana, nguBaba kuphela.
33Qaphelani, nilinde, ngokuba anisazi isikhathi ukuthi siyakuba-nini.
34Kunjengomuntu owahambela kwelinye izwe; washiya indlu yakhe, wanika izinceku zakhe amandla, yileyo naleyo wayinika umsebenzi wayo, wayala umlindisango ukuba alinde.
35Ngakho lindani, ngokuba anazi ukuthi inkosi yendlu iyakufika nini, noma ngokuhlwa, noma phakathi kobusuku, noma ngokukhala kwezinkuku, noma ekuseni,
36funa ifike ngokuzuma, inifumane nilele.
37Kepha lokhu engikusho kini ngikusho kubo bonke, ngithi: Lindani.