Ukwahlulelwa kukaJuda noIsrayeli
1Izwi likaJehova elafika kuMika waseMoresheti ezinsukwini zikaJothamu, noAhazi, noHezekiya, amakhosi akwaJuda, owalibona ngeSamariya neJerusalema.
2Zwanini, bantu bonke,
uqaphele, mhlaba nokugcwala kwakho,
iNkosi uJehova ibe-ngufakazi ngani,
iNkosi isethempelini layo elingcwele.
3Ngokuba bhekani, uJehova uphuma endaweni yakhe,
ehle, anyathele ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba.
4Izintaba ziyakuncibilika phansi kwakhe,
nezigodi ziyakuqhekezeka
njengengcina phambi komlilo,
njengamanzi athululwé emaweni.
5Konke lokhu kungenxa yesiphambeko sikaJakobe
nangezono zendlu yakwaIsrayeli.
Siyini isiphambeko sikaJakobe? Asiyilo iSamariya na?
Ziyini izindawo eziphakemeyo zakwaJuda? Aziyilo iJerusalema na?
6Ngiyakwenza iSamariya libe-yizihlephu zasendle
nendawo yokutshala izivini,
ngiqulele amatshe alo esigodini,
ngambule isisekelo salo.
7Zonke izithombe zalo ezibaziweyo ziyakwaphulwa,
nakho konke elikukhokhelweyo kuyakushiswa ngomlilo,
nayo yonke imifanekiso ngiyakuyenza ukuba ibe-yincithakalo,
ngokuba likuqoqile ngenkokhelo yobufebe;
kuyakubuye kube-yinkokhelo yobufebe.
8Ngenxa yalokho ngiyakukhala, ngihewule,
ngihambe ngihlutshuliwe, ngihambaze;
ngenze isililo njengamakhanka,
ngikhale njengezintshe.
9Ngokuba amanxeba alo awanakuphulukiswa,
lokhu sekufikile nakwaJuda,
kufinyelela esangweni labantu bami
naseJerusalema.
10Ningakulandisi eGati, ningakhali eAkha;
eBeti-Afera huquzelani othulini.
11Dlulani nina enakhileyo eShafiri ngobunqunu nangehlazo;
abakhé eSawanani abaphumi;
ukukhala kwaseBeti-Eseli akunivumeli ukuhlala khona.
12Ngokuba abakhé eMaroti banemihelo ngokuhle,
lokhu okubi kwehlile kuvela kuJehova,
kwafika esangweni laseJerusalema.
13Bophelani enqoleni ihashi elinejubane, nina enakhileyo eLakishi;
lona lalingukuqala kwezono kuyo indodakazi yaseSiyoni,
ngokuba iziphambeko zakwaIsrayeli zafunyanwa kuwe.
14Ngalokho uyakupha iMoresheti-Gati isipho sokuvalelisana;
izindlu zaseAkizibi ziyakuba-yinkohliso kuwo amakhosi akwaIsrayeli.
15Ngisezakwehlisa phezu kwenu enakhileyo eMaresha oyakunidla:
udumo lukaIsrayeli luyakufika eAdulamu.
16Ziphucule, zigunde ngenxa yabantwana bokwenama kwakho,
wandise ubumpandla bakho njengenqe, ngokuba bayakuthunjwa kuwe.