Ukushumayela kukaJohane uMbhapathizi
1Ngaleyomihla kwavela uJohane uMbhapathizi eshumayela ehlane laseJudiya, ethi:
2Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele!
3Ngokuba nguye akhuluma ngaye umprofethi uIsaya, ethi:
Izwi lomemezayo ehlane, lithi:
Lungisani indlela yeNkosi,
nenze imikhondo yayo iqonde.
4Yena uJohane wayenengubo yoboya bekamela noqhotho lwesikhumba okhalweni lwakhe; ukudla kwakhe kwakuyizinkumbi nezinyosi zasendle.
5Khona kwaphumela kuye iJerusalema, neJudiya lonke, nezwe lonke laseJordani,
6babhapathizwa nguye emfuleni iJordani bevuma izono zabo.
7Kepha kwathi ebona abaningi kubaFarisi nabaSadusi beza embhapathizweni, wathi kubo: Nzalo yezinyoka, ngubani onibonisé ukubalekela intukuthelo ezayo na?
8Ngakho vezani izithelo ezifanele ukuphenduka.
9Ningacabangi ukuba ningasho phakathi kwenu ukuthi: Sinobaba uAbrahama; ngokuba ngithi kini: UNkulunkulu angamvusela uAbrahama abantwana kulawamatshe.
10Izembe selibekiwe empandeni yemithi; ngakho yonke imithi engatheli izithelo ezinhle iyanqunywa, iphonswe emlilweni.
11Mina nginibhapathiza ngamanzi, kube-ngukuphenduka; kepha yena oza emva kwami unamandla kunami engingafanele ukuthwala izicathulo zakhe; yena uzakunibhapathiza ngoMoya oNgcwele nangomlilo,
12ombenge yakhe yokwela isesandleni sakhe; uzakushanelisisa isibuya sakhe, abuthele amabele enqolobaneni yakhe; kepha amakhoba uzakuwashisa ngomlilo ongacimekiyo.
Ukubhapathizwa kukaJesu
13Khona uJesu evela eGalile wafika kuJohane eJordani ukuba azobhapathizwa nguye.
14Kepha uJohane wamalela wathi: Yimi engiswela ukubhapathizwa nguwe; wena uza kimi na?
15UJesu waphendula, wathi kuye: Vuma kalokhu, ngokuba kusifanele ukugcwalisa kanjalo ukulunga konke. Khona wayesemvumela.
16UJesu esebhapathiziwe wakhuphuka masinyane emanzini; bheka, izulu lavuleka, wabona uMoya kaNkulunkulu ehla njengejuba, eza phezu kwakhe.
17Bheka, kwavela izwi ezulwini, lithi: Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo.