Abakhulu balulekana ngoJesu
1Kwathi uJesu eseqedile onke lawomazwi, wathi kubafundi bakhe:
2Niyazi ukuthi emva kwezinsuku ezimbili kuyiPhasika; iNdodana yomuntu izakukhashelwa ukuba ibethelwe esiphambanweni.
3Khona kwabuthana abapristi abakhulu namalunga esizwe egcekeni lompristi omkhulu othiwa uKayafase.
4Bacebisana ukuba bambambe uJesu ngobuqili, bambulale.
5Kepha bathi: Makungabi-ngomkhosi, funa kube-khona isiyaluyalu esizweni.
UJesu ugcotshwa eBethaniya
6Kuthé uJesu eseBethaniya endlini kaSimoni owayenochoko,
7kwafika kuye owesifazane ephethe umfuma wealabaste* wamafutha anenani elikhulu, wawathela ekhanda lakhe ehlezi ekudleni.
8Kepha abafundi bakhe bebona lokho bathukuthela, bathi: Kwenzelwani lokhokuchitha na?
9Ngokuba lokho nga kuthengisiwe ngokukhulu, kwaphiwa abampofu.
10Kepha uJesu ekwazi lokho wathi kubo: Nimhluphelani owesifazane na? Ngokuba usebenzile umsebenzi omuhle kimi;
11ngokuba abampofu ninabo njalo, kepha mina aninami njalo.
12Ngokuba lapho ethela lawomafutha emzimbeni wami, ukwenzele ukungilungisela ukumbelwa.
13Ngiqinisile ngithi kini: Nomaphi lapho liyakushunyayelwa khona lelivangeli ezweni lonke, kuyakukhulunywa nangalokho akwenzileyo, kube-yisikhumbuzo ngaye.
Umvuzo wokumkhaphela uJesu
14Khona kwasuka omunye wabayishumi nambili othiwa uJuda Iskariyothe, waya kubapristi abakhulu,
15wathi: Niyakunginikani, ngimkhaphele kini, na? Base bemnika izinhlamvu zesiliva ezingamashumi amathathu.
16Kusukela lapho wafuna ithuba lokumkhaphela.
Ukumiswa kwesidlo esingcwele
17Kepha ngosuku lokuqala lwesinkwa esingenamvubelo abafundi beza kuJesu, bathi: Uthanda ukuba sikulungiselephi ukuba udle iphasika na?
18Wathi: Hambani niye emzini kumuntu othile, nithi kuye: Uthi uMfundisi: Isikhathi sami siseduze; ngizakwenza iphasika kwakho kanye nabafundi bami.
19Abafundi benza-ke njengokuba uJesu ebayalile; balungisa iphasika.
20Kwathi sekuhlwile, wayehlezi ekudleni nabafundi abayishumi nambili.
21Besadla, wathi: Ngiqinisile ngithi kini: Omunye kini uzakungikhaphela.
22Badabuka kakhulu, baqala ukusho kuye, kwaba-yilowo, nalowo, ukuthi: Kungaba-yimi, Nkosi, na?
23Kepha waphendula wathi: Ofaké isandla kanye nami esitsheni nguyena ozakungikhaphela.
24INdodana yomuntu iyamuka kambe njengokulotshiwe ngayo, kepha maye kulowomuntu iNdodana yomuntu ekhashelwa ngaye! Nga kukuhle kulowomuntu ukuba kazalwanga.
25Wayesephendula uJuda omkhaphelayo, wathi: Kungaba-yimi, Rabi, na? Wathi kuye: Usho khona.
26Besadla, uJesu wathabatha isinkwa, wasibusisa, wasihlephula, wanika abafundi bakhe, wathi: Thabathani nidle; lokhu kungumzimba wami.
27Wayesethabatha isitsha, wabonga, wabanika, wathi: Phuzani nonke kuso;
28ngokuba lokhu kuyigazi lami lesivumelwano elithululwa ngenxa yabaningi kukho ukuthethelelwa kwezono.
29Kepha ngithi kini: Kusukela manje angisayikuphuza kulesisithelo somvini, kuze kufike lolosuku engiyakusiphuza ngalo nani sisisha embusweni kaBaba.
30Kwathi sebehlabelele igama lokubonga, baphuma, baya eNtabeni yemiNqumo.
31Khona uJesu wathi kubo: Nina nonke nizakukhubeka ngami ngalobobusuku, ngokuba kulotshiwe ukuthi: Ngiyakushaya umalusi, izimvu zomhlambi zihlakazeke;
32kodwa emva kokuvuswa kwami ngiyakunandulela ukuya eGalile.
33UPetru waphendula, wathi kuye: Noma bonke beyakukhubeka ngawe, mina angisoze ngakhubeka.
34UJesu wathi kuye: Ngiqinisile ngithi kuwe: Ngalobubusuku, lingakakhali iqhude, uzakungiphika kathathu.
35UPetru wayesethi kuye: Noma ngingaze ngife nawe, angisoze ngakuphika. Basho njalo nabafundi bonke.
EGetsemane
36Khona uJesu wafika nabo endaweni ethiwa iGetsemane, wathi kubafundi: Hlalani lapha, ngisaya kukhuleka laphaya.
37Wathatha uPetru namadodana amabili kaZebedewu, waqala ukuba-nomunyu nosizi.
38Khona wathi kubo: Umphefumulo wami ulusizi kakhulu kuze kube-sekufeni; hlalani lapha, nilinde kanye nami.
39Waqhubeka ingcosana, wawa ngobuso bakhe, wakhuleka wathi: Baba, uma kungenzeka, akudlule kimi lesisitsha; nokho kungabi-njengokuba ngithanda mina, kodwa njengokuba uthanda wena.
40Wayeseza kubafundi, wabafumana belele; wathi kuPetru: Kanti beningelinde nami ihora libe-linye na?
41Lindani, nikhuleke ukuba ningangeni ekulingweni; umoya uyavuma, kepha inyama ibuthakathaka.
42Wabuye waya ngokwesibili, wakhuleka wathi: Baba, uma lesisitsha singedlule kimi ngingasiphuzanga, mayenziwe intando yakho.
43Esebuya futhi wabafumana belele, ngokuba amehlo abo ayenzima.
44Wabuye wabashiya, waya wakhuleka ngokwesithathu esho futhi lona lelozwi.
45Khona wafika kubafundi, wathi kubo: Nisalele namanje niphumula; bhekani, ihora selisondele, iNdodana yomuntu isiyakhashelwa ezandleni zezoni.
46Sukumani sihambe; bhekani, ongikhaphelayo usesondele.
Ukuboshwa kukaJesu nokuthethwa kwecala lakhe
47Esakhuluma, bheka, kwafika uJuda, omunye wabayishumi nambili, enesixuku esikhulu sinezinkemba nezinduku, sivela kubapristi abakhulu namalunga esizwe.
48Kepha omkhaphelayo wayebaniké isiboniso sokuthi: Lowo engiyakumanga nguye; mbambeni yena.
49Wafika masinyane kuJesu, wathi: E Rabi! Wamanga.
50UJesu wayesethi kuye: Mngane, ubabeleni na? Khona basondela, babeka izandla kuJesu, bambamba.
51Bheka, omunye kwababenoJesu welula isandla, wahosha inkemba yakhe, wayigenca inceku yompristi omkhulu, wayinquma indlebe.
52UJesu wayesethi kuye: Buyisela inkemba yakho endaweni yayo, ngokuba bonke abaphatha inkemba bayakubhubha ngenkemba.
53Ingabe uthi ngingecele kuBaba angithumele manje amalegiyona* ezingelosi adlula ishumi nambili na?
54Pho-ke ingagcwaliseka kanjani imibhalo yokuthi kumelwe ukuba kubenjalo na?
55Ngalesosikhathi uJesu wathi ezixukwini: Niphumile kungathi nizé kumphangi, niphethe izinkemba nezinduku ukungibamba, na? Bengihlezi ethempelini imihla ngemihla ngifundisa, anangibamba.
56Kepha konke lokho kwenzekile ukuba kugcwaliseke imibhalo yabaprofethi. Khona bonke abafundi bamshiya, babaleka.
57Ababembambile uJesu bamusa kuKayafase umpristi omkhulu, lapho kwakubuthene khona ababhali namalunga.
58Kepha uPetru wamlandela ekude kwaze kwaba-segcekeni lompristi omkhulu; wangena phakathi, wahlala phansi nezikhonzi ukuba abone isigcino.
59Abapristi abakhulu nomphakathi wonke bafuna ubufakazi bamanga ngoJesu, ukuze bambulale;
60kepha ababufumananga, nakuba kwafika ofakazi abaningi bamanga. Kodwa kamuva kwavela ababili,
61bathi: Lo wathi: Nginamandla okudiliza ithempeli likaNkulunkulu, ngibuye ngilakhe ngezinsuku ezintathu.
62Kwase kusukuma umpristi omkhulu, wathi kuye: Awuphenduli-lutho na? Kuyini abakufakaza ngawe laba na?
63Kepha uJesu wathula. Wayesethi kuye umpristi omkhulu: Ngikufungisa uNkulunkulu ophilayo ukuba usitshele uma unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu.
64UJesu wayesethi kuye: Usho khona. Nokho ngithi kini: Kusukela manje niyakubona iNdodana yomuntu ihlezi ngakwesokunene saMandla, iza emafwini ezulu.
65Khona umpristi omkhulu waklebhula izingubo zakhe, wathi: Usehlambalazile; sisaswelelani ofakazi na? Bheka, kalokhu nikuzwile ukuhlambalaza kwakhe.
66Nithini na? Kepha baphendula bathi: Ufanele ukufa.
67Base bemkhafulela ngamathe ebusweni, bamdushuza, kepha abanye bammukula,
68bathi: Siprofethele, Kristu; ngubani okushayileyo na?
Ukuphika kukaPetru
69Kepha uPetru wayehlezi ngaphandle egcekeni; kweza kuye intombazana, yathi: Nawe ubunoJesu waseGalile.
70Kodwa waphika phambi kwabo bonke, wathi: Angikwazi lokhu okushoyo.
71Kwathi esephumele esangweni, enye intombazana yambona, yathi kwababelapho: Lona ubenoJesu waseNazaretha.
72Waphika futhi ngokufunga, wathi: Angimazi lowomuntu.
73Emva kwesikhashana ababemi khona basondela, bathi kuPetru: Nempela nawe ungomunye wabo, ngokuba nokukhuluma kwakho kuyakudalula.
74Khona waqala ukuthuka nokufunga, wathi: Angimazi lowomuntu. Masinyane lase likhala iqhude.
75UPetru wayesekhumbula izwi likaJesu abelishilo lokuthi: Iqhude lingakakhali, uzakungiphika kathathu. Waphumela phandle, wakhala kamunyu.