Umfanekiso wezintombi eziyishumi
1Khona umbuso wezulu uzakufaniswa nezintombi eziyishumi ezathatha izibani zazo, zaphuma ukuyohlangabeza umyeni.
2Kepha eziyisihlanu kuzo zaziyiziwula, neziyisihlanu zazihlakaniphile.
3Ngokuba eziyiziwula zithatha izibani kaziwaphathanga amafutha.
4Kodwa ezihlakaniphileyo zaphatha amafutha ezitsheni kanye nezibani zazo.
5Umyeni esalibele, zozela zonke, zalala.
6Kepha phakathi kobusuku kwamenyezwa ukuthi: Nangu umyeni; phumani niye kumhlangabeza!
7Khona zavuka lezozintombi zonke, zalungisa izibani zazo.
8Eziyiziwula zase zithi kwezihlakaniphileyo: Sipheni amafutha kwawenu, ngokuba izibani zethu ziyacima.
9Kepha ezihlakaniphileyo zaphendula zathi: Qha, funa angasaneli thina nani. Okungcono hambani niye kwabathengisayo, nizithengele.
10Zisaya kuthenga, wafika umyeni. Ezazilungele zangena naye emshadweni; kwavalwa emnyango.
11Ngasemuva zafika nezinye izintombi, zathi: Nkosi, nkosi, sivulele.
12Kepha waphendula wathi: Ngiqinisile ngithi kini: Anginazi.
13Ngakho lindani, ngokuba anilwazi usuku nehora.
Umninimuzi namatalenta*
14Ngokuba kunjengomuntu owathi eyakuhambela kwelinye izwe wabiza izinceku zakhe, wazinika impahla yakhe;
15enye wayinika amatalenta* ayisihlanu, enye aba-mabili, enye laba-linye, kwaba-yileyo naleyo njengamandla ayo; wamuka-ke.
16Lowo obamukele amatalenta ayisihlanu wahamba masinyane, wasebenza ngawo, wazuza amanye ayisihlanu.
17Kanjalo obamukele amabili wazuza amanye amabili.
18Kepha obamukele lalinye waya wemba emhlabathini, wayifihla imali yenkosi yakhe.
19Kepha emva kwesikhathi eside yafika inkosi yalezozinceku, yalandisana nazo.
20Weza obamukele amatalenta ayisihlanu, waletha amanye amatalenta ayisihlanu, wathi: Nkosi, wanginika amatalenta ayisihlanu; bheka, ngizuzé amanye amatalenta ayisihlanu.
21Inkosi yakhe yathi kuye: Kuhle, nceku enhle nethembekileyo, uthembekile ezintweni eziyingcosana; ngizakukubeka phezu kokuningi; ngena ekuthokozeni kwenkosi yakho.
22Weza nobamukele amatalenta amabili, wathi: Nkosi, wanginika amatalenta amabili; bheka, ngizuzé amanye amatalenta amabili.
23Inkosi yakhe yathi kuye: Kuhle, nceku enhle nethembekileyo, uthembekile ezintweni eziyingcosana; ngizakukubeka phezu kokuningi; ngena ekuthokozeni kwenkosi yakho.
24Kepha weza nobamukele italenta lalinye, wathi: Nkosi, bengikwazi ukuthi ungumuntu olukhuni; uvuna lapho ungahlwanyelanga khona, ubutha lapho ungafazanga khona;
25ngesaba, ngaya ngalithukusa emhlabathini italenta lakho; bheka, nakhu okwakho.
26Kepha inkosi yakhe yaphendula, yathi kuye: Nceku embi nevilaphayo, ubukwazi ukuthi ngivuna lapha ngingahlwanyelanga khona, ngibutha lapha ngingafazanga khona, na?
27Ngakho wawumelwe ukubeka imali yami kwabebhange*, mina-ke ekufikeni kwami ngabe ngitholile okwami kanye nenzalo.
28Ngakho mamukeni italenta, nilinike onamatalenta ayishumi.
29Ngokuba yilowo nalowo onakho uyakuphiwa, avame; kepha ongenakho uyakwamukwa nalokho anakho.
30Leyonceku engasiziyo yiphonseni ebumnyameni obungaphandle; lapho kuyakuba-khona ukukhala nokugedla amazinyo.
Ukwahlulela kweNdodana yomuntu
31Kepha nxa iNdodana yomuntu iza ngenkazimulo yayo nezingelosi zonke ezingcwele kanye nayo, khona izakuhlala esihlalweni sayo senkazimulo;
32kuzakubuthelwa phambi kwayo izizwe zonke, ibahlukanise abanye kwabanye, njengomalusi ahlukanisa izimvu nezimbuzi,
33imise izimvu ngakwesokunene sayo kepha izimbuzi ngakwesokhohlo.
34Khona iNkosi izakuthi kwabangakwesokunene sayo: Zanini nina enibusisiwe nguBaba, nidle ifa lombuso eniwulungiselweyo selokhu kwasekelwa umhlaba.
35Ngokuba ngangilambile, nangipha ukudla; ngangomile, nangiphuzisa; ngangingumfokazi, nangingenisa;
36ngihamba-ze nangembathisa; ngangigula, nangihamba; ngangisetilongweni, neza kimi.
37Khona bayakuyiphendula abalungileyo ngokuthi: Nkosi, sakubona nini ulambile sakupha ukudla, noma womile sakuphuzisa, na?
38Sakubona nini ungumfokazi sakungenisa, noma uhamba-ze sakwembathisa, na?
39Sakubona nini ugula, noma usetilongweni, seza kuwe, na?
40Isiyakuphendula iNkosi, ithi kubo: Ngiqinisile ngithi kini, njengokuba nikwenzile komunye walababafowethu abancane, nikwenzile kimi.
41Khona iyakuthi kwabangakwesokhohlo: Dedani kimi nina-baqalekisiweyo, niye emlilweni ophakade olungiselwe uSathane nezingelosi zakhe.
42Ngokuba ngangilambile, aningiphanga ukudla; ngangomile, aningiphuzisanga;
43ngangingumfokazi, aningingenisanga; ngihamba-ze aningembathisanga; ngigula, ngisetilongweni, aningihambanga.
44Khona bayakuphendula nabo, bathi: Nkosi, sakubona nini ulambile, noma womile, noma ungumfokazi, noma uhamba-ze, noma ugula, noma usetilongweni, singakukhonzanga, na?
45Khona iyakubaphendula ithi: Ngiqinisile ngithi kini: Lokho eningakwenzanga komunye walaba abancinyane anikwenzanga nakimi.
46Laba bayakumuka, baye ekujezisweni okuphakade, kodwa abalungileyo baye ekuphileni okuphakade.