Izisebenzi zesivini
1Ngokuba umbuso wezulu ufana nomuntu ongumninindlu owaphuma ekuseni ukuqasha izisebenzi ziye esivinini sakhe.
2Esevumelene nezisebenzi ngodenariyu* ngosuku, wazithumela esivinini sakhe.
3Waphuma futhi ngehora lesithathu, wabona abanye bemi esigcawini, bengenzi-lutho;
4nakubo wathi: Yanini nani esivinini; ngiyakuninika okufaneleyo.
5Baya-ke. Waphuma futhi ngehora lesithupha nangelesishiyagalolunye, wenze njalo.
6Esephuma ngehora leshumi nanye wafumana abanye bemi, wathi kubo: Nimeleni lapha usuku lonke ningenzilutho na?
7Bathi kuye: Ngokuba akakho osiqashileyo. Wathi kubo: Hambani nani, niye esivinini.
8Kepha selishonile, umninisivini wathi enduneni yakhe: Biza izisebenzi, uzikhokhele imali yazo, uqale ngezokugcina, ugcine ngezokuqala.
9Kuthé befika abehora leshumi nanye, kwaba-yilowo nalowo wamukela udenariyu*.
10Sekuza abokuqala, bathi bazakwamukela okukhulu; kepha nabo bamukela udenariyu* ngabanye.
11Kepha sebamukela bakhonona ngomninindlu,
12bathi: Laba abokugcina basebenzé ihora linye nje, ubalinganisé nathi esithwalile ubunzima nesifudumezi semini.
13Waphendula, wathi komunye wabo: Mngane, angikoni; kanti asivumelananga ngodenariyu* na?
14Thatha okwakho, uhambe; kepha ngiyathanda ukunika lowokugcina njengawe.
15Angivunyelwe ukwenza engikuthandayo ngokungokwami na? Kumbe iso lakho libi, ngokuba mina ngimuhle na?
16Kanjalo abokugcina bayakuba-ngabokuqala, nabokuqala babe-ngabokugcina.
UJesu ukhuluma ngokuhlupheka kwakhe
17Kwathi uJesu esezakwenyukela eJerusalema, wathatha abafundi abayishumi nambili, wagudluka nabo; besesendleleni, wathi kubo:
18Bhekani, sikhuphukela eJerusalema; iNdodana yomuntu izakukhashelwa kubapristi abakhulu nababhali; bazakuyinqumela ukuba ife,
19bayikhaphele kwabezizwe ukuba iklolodelwe, ishaywe, ibethelwe esiphambanweni; kepha ngosuku lwesithathu izakuvuswa.
UJesu ukhuza amadodana kaZebedewu
20Khona kwafika kuye unina wamadodana kaZebedewu kanye namadodana akhe; wakhuleka, wacela into kuye.
21Yena wathi kuye: Ufunani na? Wathi kuye: Yisho ukuba lawamadodana ami amabili ahlale, enye ngakwesokunene sakho, enye ngakwesokhohlo sakho embusweni wakho.
22UJesu waphendula wathi: Anikwazi enikucelayo. Ningasiphuza yini isitsha engizakusiphuza na? Bathi kuye: Singakwenza.
23Wathi kubo: Yebo, nizakusiphuza isitsha sami, kepha ukuhlala ngakwesokunene sami nangakwesokhohlo akusikho okwami ukuphana ngakho, kodwa kungokwalabo abakulungiselwe nguBaba.
24Bathi ukuzwa lokho abayishumi, bazithukuthelela izelamani ezimbili.
25Kepha uJesu wababiza, wathi: Niyazi ukuthi ababusi bezizwe bazenza amakhosi phezu kwazo, nezikhulu zazo ziphethe amandla phezu kwazo.
26Akunjalo phakathi kwenu, kodwa yilowo nalowo ofuna ukuba-mkhulu phakathi kwenu makabe-yisikhonzi senu;
27nalowo ofuna ukuba-ngowokuqala phakathi kwenu makabe-yinceku yenu,
28njengalokho iNdodana yomuntu ingezelanga ukukhonzwa kepha ukukhonza nokunikela ukuphila kwayo, kubeyisihlengo sabaningi.
UJesu usiza izimpumputhe ezimbili ukuba zibone
29Sebephuma eJeriko, isixuku esikhulu samlandela.
30Bheka, kwakuhlezi izimpumputhe ezimbili ngasendleleni; kuthé zizwa ukuthi uJesu uyadlula, zamemeza zathi: Nkosi, Ndodana kaDavide, sihawukele!
31Kepha isixuku sazikhuza ukuba zithule, kodwa kwayikhona zimemeza kakhulu, zithi: Nkosi, Ndodana kaDavide, sihawukele!
32UJesu wema, wazibiza wathi: Nifuna ukuba nginenzeleni na?
33Zathi kuye: Nkosi, ukuba amehlo ethu avuleke.
34UJesu waba-nesihe, waphatha amehlo azo; zase zibona masinyane, zamlandela.