Uthando lukaJehova kuIsrayeli
1Isiprofetho.
Izwi likaJehova kuIsrayeli ngesandla sikaMalaki.
2Nginithandile, usho uJehova. Nokho nithi: Usithandé kanjani na?
UEsawu akasiye umfowabo kaJakobe na? usho uJehova.
Ngamthanda uJakobe,
3kepha uEsawu ngamzonda,
ngenza izintaba zakhe incithakalo,
nefa lakhe ngalinika amakhanka asehlane.
4Uma uEdomi ethi: Sichithiwe, kepha siyakubuye sakhe izincithakalo, usho kanje uJehova-Sebawoti, uthi:
Bayakwakha bona,
kepha mina ngiyakudiliza,
babizwe ngokuthi uMkhawulo wobuBi,
nabantu uJehova abathukuthelelayo kuze kube-phakade.
5Amehlo enu ayakukubona, besenithi: UJehova uyakuba-mkhulu, kudlule nasemkhawulweni kaIsrayeli.
UJehova uyadelelwa
6Indodana idumisa uyise, nenceku inkosi yayo; uma nginguyise, kuphi ukudunyiswa kwami? Uma ngiyinkosi, kuphi ukwesatshwa kwami? usho uJehova-Sebawoti kinina-bapristi enilidelela igama lami. Nokho nithi: Silidelele kanjani igama lakho na?
7Ngokunikela ngesinkwa esingcolileyo ealtare lami. Besenithi: Sikungcolisé ngani na? Ngokusho kwenu ukuthi: Itafula likaJehova lidelelekile.
8Lapho ninikela ngesilwane esiyimpumputhe sibe-ngumhlatshelo, akukubi na? Lapho ninikela ngesilwane esiqhugayo nesigulayo, akukubi na? Mawusisondeze kumbusi wakho; uyakubanomusa kuwe na? Uyakukwamukela na? usho uJehova-Sebawoti.
9Manje ake ninxuse kuNkulunkulu ukuba abe-nomusa kithi; njengokuba ninokunjalo ezandleni zenu, uyakunamukela na? usho uJehova-Sebawoti.
10Sengathi kungaba-khona phakathi kwenu ongavala izicabha, ukuze ningabaseli ize ealtare lami! Angithokozi ngani, usho uJehova-Sebawoti, angiyikwamukela iminikelo ezandleni zenu.
11Ngokuba kusukela ekuphumeni kwelanga kuze kube-sekushoneni kwalo igama lami likhulu phakathi kwezizwe; ezindaweni zonke igama lami lishiselwa impepho kanye neminikelo ehlambulukileyo, ngokuba igama lami likhulu phakathi kwezizwe, usho uJehova-Sebawoti.
12Kepha niyalihlambalaza ngokusho kwenu ukuthi: Itafula leNkosi lingcolile lona, nesithelo salo, ukudla kwalo, sidelelekile.
13Nisho futhi ukuthi: Bheka ukuhlupheka! besenilincimfela, usho uJehova-Sebawoti, niletha okuthathwé ngobudlova, nokuqhugayo, nokugulayo, niletha kanjalo umnikelo; bengiyakwamukela lokhu esandleni senu na? usho uJehova.
14Makaqalekiswe okhohlisayo, okukhona emhlambini wakhe iduna, kanti athembise, ahlabele iNkosi okonakeleyo; ngokuba ngiyinkosi enkulu, usho uJehova-Sebawoti, negama lami liyesabeka phakathi kwezizwe.