UJesu ushumayela ngemifanekiso
1Kwathi emva kwalokho wayehamba imizi nemizana eshumayela ememezela ivangeli lombuso, benaye abayishumi nambili
2nabesifazane abathile ababephulukiswé kubo omoya ababi nasezifweni: uMariya obizwa ngokuthi uMagdalena, okwakuphumé kuye amademoni ayisikhombisa,
3noJowana umkaKhuza induna kaHerode, noSusana, nabanye abaningi ababebakhonza ngempahla yabo.
4Sekubuthene kuye isixuku esikhulu sivela emizini ngemizi, wakhuluma ngomfanekiso, wathi:
5Kwaphuma umhlwanyeli ukuyohlwanyela imbewu yakhe. Ekuhlwanyeleni kwakhe enye yawela ngasendleleni; yanyathelwa, izinyoni zezulu zayidla, zayiqeda.
6Enye yawela edwaleni; kuthé imila, yabuna, ngokuba ingenamswakama.
7Enye yawela phakathi kwameva, kwaze kwathi ameva esemila kanye nayo, ayiminyanisa.
8Enye yawela emhlabathini omuhle; kuthé imila, yathela ngekhulu. Ekusho lokhu wamemeza wathi: Onezindlebe zokuzwa makezwe.
9Abafundi bakhe bambuza ukuthi ungaba-yini lowomfanekiso na?
10Wathi-ke: Niphiwe nina ukwazi izimfihlakalo zombuso kaNkulunkulu, kepha abanye bakuphiwa ngemifanekiso ukuba bebona bangaboni, bezwa bangaqondi.
11Umfanekiso yilokhu-ke: imbewu iyizwi likaNkulunkulu.
12Abangasendleleni yilabo abathi sebezwile, besekufika uSathane, alisuse izwi enhliziyweni yabo ukuba bangakholwa, basindiswe.
13Abasedwaleni yilabo abathi sebezwile, balamukele izwi ngokuthokoza; kepha laba kabanampande, bakholwa isikhashana nje, kuthi ngesikhathi sokulingwa bahlubuke.
14Okuwelé phakathi kwameva yilabo abathi sebezwile, bahambe, baminyaniswe ngeminako nengcebo nezinjabulo zokuphila, bangatheli izithelo ezivuthiwe.
15Okusemhlabathini omuhle yilabo abathi belizwile izwi, balibambe ngenhliziyo enhle nelungileyo, bathele izithelo ngokubekezel.
16Akakho othi esokhela isibani, asimboze ngesitsha nokuba asibeke phansi kombhede, kepha usifaka othini, ukuze abangenayo babone ukukhanya.
17Ngokuba akukho okusithekileyo okungayikuhlaluka nokuyisifuba okungayikwaziwa, kube-sobala.
18Ngakho-ke anobheka ukuba nizwa kanjani; ngokuba yilowo nalowo onakho uyakuphiwa; kepha lowo ongenakho uyakwamukwa nalokho athi unakho.
Izihlobo eziyizo zikaJesu
19Kwase kufika kuye unina nabafowabo, kepha behluleka ukufinyelela kuye ngenxa yesixuku.
20Wabikelwa ukuthi: Unyoko nabafowenu bemi ngaphandle befuna ukukubona.
21Kepha waphendula, wathi kubo: Umame nabafowethu yilabo abalizwa izwi likaNkulunkulu, balenze.
Ukuthuliswa kwesivunguvungu
22Kwathi-ke ngolunye lwalezozinsuku wangena emkhunjini, yena kanye nabafundi bakhe, wathi kubo: Asiwele siye ngaphesheya kolwandle; basuka-ke.
23Kuthé besahamba ngomkhumbi, walala ubuthongo; kwehlela-ke isivunguvungu somoya elwandle, bagcwala amanzi, babesengozini.
24Base besondela, bamvusa bathi: Nkosi, Nkosi, safa. Wavuka-ke, wakhuza umoya nokugubha kwamanzi. Kwanqamuka, kwathula kwathi du.
25Wayesethi kubo: Kuphi ukukholwa kwenu na? Besaba, bamangala, bathi omunye komunye: Ungubani lo ukuba ayale nomoya namanzi, kumlalele?
Ukukhishwa kwamademoni
26Bafika ngomkhumbi ezweni lamaGerasa elibhekene neGalile.
27Esephumele emhlabathini, kwamhlangabeza indoda ethile yomuzi eyayinamademoni; kwase kuyisikhathi eside ingembathi-ngubo, ingahlali-ndlu kodwa emathuneni.
28Isimbona uJesu yadazuluka, yawa phansi phambi kwakhe, yathi ngezwi elikhulu: Nginamsebenzi muni nawe-Jesu, Ndodana kaNkulunkulu oPhezukonke? Ngiyakuncenga, ungangihluphi.
29Ngokuba wayala umoya ongcolileyo ukuba aphume kulowomuntu. Ngokuba wayesembambé kaningi; walindwa eboshwé ngawozankosi nangamaketanga ezinyawo; kepha wathi esegqabulé izibopho, waqhutshelwa yidemoni ehlane.
30UJesu wambuza wathi: Ungubani igama lakho? Wathi: ULegiyona*, ngokuba amademoni amaningi ayengené kuye.
31Amncenga ukuba angawayali ukuya kwalasha.
32Kwakukhona lapho umhlambi wezingulube eziningi ziklabile entabeni; amncenga ukuba awavumele angene kuzo; wawavumela.
33Aphuma-ke amademoni kuye umuntu, angena ezingulubeni, umhlambi wagulukudela eweni, waphonseka elwandle, waminza.
34Kwathi ababezalusa bebona okwenzekileyo, babaleka, bakubika emzini nasemaphandleni.
35Khona baphuma ukuyobona okwenzekileyo, bafika kuJesu, bamfumanisa umuntu okuphumé kuye amademoni ehlezi ngasezinyaweni zikaJesu embethe, esangulukile; bashaywa luvalo.
36Ababekubonile babatshela ukuthi usindé kanjani owayekhwelwe ngamademoni.
37Abantu bonke bakulelozwe lamaGerasa bamcela ukuba amuke kubo, ngokuba babephethwe ngukwesaba okukhulu; yena wayesengena emkhunjini, waphindela emuva.
38Kepha indoda okuphumé kuyo amademoni yamnxusa ukuba ibe-naye; kodwa wayimukisa, ethi:
39Buyela ekhaya, ulande ukuthi kungakanani uNkulunkulu akwenzele khona. Wamuka elanda emzini wonke ngokuthi kungakanani abekwenzelwe nguye uJesu.
Indodakazi kaJayiru ivuswa ekufeni
40Kepha ekubuyeni kwakhe uJesu isixuku samthakazela; ngokuba bonke babembhekile.
41Bheka, kwafika indoda, nguJayiru igama layo, ingumphathi wesinagoge*, yaziphonsa phansi ngasezinyaweni zikaJesu, yamncenga ukuba angene endlini yayo.
42Ngokuba yayinendodakazi eyodwa kungathi ineminyaka eyishumi nambili, yona isifa. Kepha esahamba, izixuku zamminyanisa.
43Owesifazane owayenomopho iminyaka eyishumi nambili, esekhokhele izinyanga konke abephila ngakho, engenakuphulukiswa-muntu,
44weza ngasemuva, wathinta umphetho wengubo yakhe; kwanqamuka masinyane ukugobha kwegazi lakhe.
45UJesu wathi: Ngubani ongithintileyo na? Bephika bonke, wathi uPetru nababenaye: Nkosi, izixuku zikuminyanisa, zikucindezele.
46Kepha uJesu wathi: Ukhona ongithintileyo, ngokuba ngizwile kuphuma amandla kimi.
47Owesifazane ebona ukuthi kanakufihleka, weza ethuthumela, eziphonsa phansi phambi kwakhe, walanda phambi kwabantu bonke isisusa sokuba amthinte nokuthi usindé khona-lapho.
48Wayesethi kuye: Ndodakazi, ukukholwa kwakho kukusindisile; hamba, ube-nokuthula.
49Esakhuluma, kwafika othile evela kwamphathi wesinagoge*, wathi kuye: Indodakazi yakho isifile; ungabe usamkhathaza uMfundisi.
50Kepha uJesu ekuzwa lokho wamphendula wathi: Ungesabi, kholwa kuphela; izakusinda.
51Esefiké endlini kavumanga ukuba kungene-muntu naye, kuphela oPetru, noJohane, noJakobe, noyise wentombazana, nonina.
52Babekhala bonke beyililela; kepha wathi: Ningakhali; ayifile, kodwa ilele.
53Bamhleka usulu, bazi ukuthi ifile.
54Kepha yena wayibamba ngesandla, wamemeza wathi: Ntombazana, vuka!
55Wabuyela umoya wayo, yavuka khona-lapho; wayala ukuba inikwe ukudla.
56Abazali bayo bethuka; wabayala ukuba bangatsheli-muntu okwenzekileyo.