Ukulingwa kukaJesu
1UJesu egcwele uMoya oNgcwele wabuya eJordani, waholekela ngoMoya ehlane,
2elingwa nguSathane izinsuku ezingamashumi amane. Akadlanga-lutho kulezozinsuku; seziphelile, walamba.
3Wayesethi kuye uSathane: Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, yisho kulelitshe ukuba libe-yisinkwa.
4UJesu wamphendula wathi: Kulotshiwe ukuthi: Akusinkwa sodwa umuntu azakuphila ngaso.
5Esemenyusela entabeni ende wambonisa imibuso yonke yezwe ngomzuzwanyana.
6USathane wathi kuye: Amandla onke lana ngokunika wena kanye nenkazimulo yawo, ngokuba inikwé mina, futhi ngiyinika noma ubani ngokuthanda kwami.
7Ngakho-ke wena, uma ukhuleka phambi kwami, konke kuzakuba-ngokwakho.
8UJesu waphendula, wathi kuye: Kulotshiwe ukuthi: Wokhuleka eNkosini uNkulunkulu wakho, umkhonze yena yedwa.
9Wayesemholela eJerusalema, wammisa esiqongweni sethempeli, wathi kuye: Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, ziphonse phansi lapha,
10ngokuba kulotshiwe ukuthi:
11Uyakuyaleza izingelosi zakhe ngawe,
zikulinde,
nokuthi:
Ziyakukuthwala ngezandla,
ungaze waqhuzuka etsheni ngonyawo lwakho.
12UJesu waphendula, wathi kuye: Kwathiwa: Ungayilingi iNkosi uNkulunkulu wakho.
13USathane eseqedé ukulinga konke wamuka kuye isikhathi.
UJesu udelelwa ngabaseNazaretha
14UJesu wabuyela eGalile ngamandla kaMoya; udumo lwakhe lwanda kulo lonke izwe langakhona.
15Wafundisa emasinagogeni* abo edunyiswa yibo bonke.
16Wafika eNazaretha, lapho wayondliwa khona, wangena esinagogeni* ngosuku lwesabatha njengokwenza kwakhe, wasukumela ukufunda.
17Wanikwa incwadi kaIsaya umprofethi, wayivula incwadi, wafumana indawo okulotshwé kuyo ukuthi:
18UMoya weNkosi uphezu kwami,
ngokuba ingigcobile ukuba ngishumayele ivangeli kwabampofu,
ingithumele ukumemezela ukukhululwa kwabathunjiweyo,
nokubona kwabayizimpumputhe,
nokuhlenga abacindezelweyo,
19nokumemezela umnyaka omuhle weNkosi.
20Wayigoqonga incwadi, wayinika isikhonzi, wahlala; amehlo abo bonke ababesesinagogeni* amgqolozela.
21Waqala ukukhuluma kubo, ethi: Namhla nje ugcwalisekile lombhalo ezindlebeni zenu.
22Bonke bamfakazela bemangala ngamazwi omusa aphuma emlonyeni wakhe, bathi: Lo akasiyo indodana kaJosefa na?
23Wathi kubo: Nempela niyakusho kimi lesisaga sokuthi: Nyanga, zelaphe wena. Lokho esikuzwile kwenziwa eKapernawume, kwenze nalapha ezweni lakini.
24Wathi-ke: Ngiqinisile ngithi kini: Akukho-mprofethi owamukelwa ezweni lakubo.
25Kepha ngempela ngithi kini: Kwakukhona kwa Israyeli abafelokazi abaningi emihleni kaEliya, lapho izulu lalivalekile iminyaka emithathu nezinyanga eziyisithupha, kwaba-khona indlala enkulu ezweni lonke;
26kepha uEliya kathunyelwanga nakoyedwa kubona, kuphela eSarepita laseSidoni kowesifazane ongumfelokazi.
27Kwakukhona futhi kwaIsrayeli abanochoko abaningi ngesikhathi sikaElisa umprofethi; kepha akuhlanjululwanga namunye kubo, kuphela uNayimani umSiriya.
28Bonke ababesesinagogeni* bagcwala ulaka bekuzwa lokho.
29Basukuma, bamxosha emzini, bamqhubela ekwengameni kwentaba umuzi wabo owakhiwe phezu kwayo, ukuze bamkhalakathelisele phansi.
30Kepha yena edabula phakathi kwabo wamuka.
Ukuphiliswa kweziguli eKapernawume
31Wehlela eKapernawume umuzi waseGalile. Wayebafundisa ngosuku lwesabatha.
32Bamangala ngokufundisa kwakhe, ngokuba izwi lakhe lalinamandla.
33Kwakukhona esinagogeni* umuntu onomoya wedemoni elingcolileyo, wamemeza ngezwi elikhulu, wathi:
34Hiya! Sinamsebenzi muni naweJesu waseNazaretha? Uzé ukusibhubhisa na? Ngiyakwazi ukuba ungubani: ungoNgcwele kaNkulunkulu.
35UJesu wamkhuza wathi: Thula, uphume kuye! Idemoni lamphonsa phansi phakathi kwabo, laphuma kuye lingamlimazanga.
36Behlelwa ngukwesaba bonke, bakhuluma bodwa, bathi: Yizwi lini leli lokuba ayale omoya abangcolileyo ngegunya nangamandla, baphume.
37Kwanda udumo ngaye kuzo zonke izindawo zangakhona.
38Wasuka esinagogeni*, wangena endlini kaSimoni. Kepha umkhwekazi kaSimoni wayebanjwé ngomkhuhlane omkhulu; bamnxusa ngaye.
39Wamengama, wakhuza umkhuhlane; wona wamyeka; wasuka masinyane, wabakhonza.
40Ukushona kwelanga bonke ababenabagulayo izifo ngezifo babaletha kuye; ebeka izandla phezu kwabo ngabanye wabaphulukisa.
41Kwaphuma namademoni kwabaningi ememeza ethi: Wena uyiNdodana kaNkulunkulu. Kepha wawakhuza, kawavumelanga ukuba akhulume, ngokuba ayemazi ukuthi unguKristu.
42Sekusile, waphuma waya endaweni eyihlane; izixuku zamfuna, zaze zafika kuye impela, zambamba ukuba angamuki kuzo.
43Kepha wathi kuzo: Nakweminye imizi ngimelwe ukushumayela ivangeli lombuso kaNkulunkulu, ngokuba ngithunyelwe lokho.
44Washumayela emasinagogeni* aseGalile.