Umthetho weminikelo yesono
1UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
2Yisho kubantwana bakwaIsrayeli, uthi: Uma umuntu ona kungengamabomu kuyo imiyalo uJehova ayalé ngayo ukuthi akunakwenziwa akwenze noma yikuphi,
3uma kungumpristi ogcotshiweyo owoné kanjalo, aze ehlisele abantu icala, wonikela kuJehova ngesono sakhe oné ngaso iduna elingenasici, kube-ngumnikelo wesono,
4ayiyise inkunzi ebusweni bukaJehova ngasemnyango wetende lokuhlangana, abeke isandla sakhe enhloko yenkunzi, ayihlabe inkunzi phambi kukaJehova.
5Umpristi ogcotshiweyo wothabatha igazi lenkunzi, alilethe ngasemnyango wetende lokuhlangana,
6umpristi agcobhoze umunwe wakhe egazini, afafaze ngegazi kasikhombisa phambi kukaJehova, ngaphambi kwesihenqo sendlu engcwele.
7Umpristi abhece igazi ezimpondweni zealtare lempepho ethaphukayo phambi kukaJehova elisetendeni lokuhlangana; lonke elinye igazi lenkunzi wolithulula ngasesinqeni sealtare lomnikelo wokushiswa elingasemnyango wetende lokuhlangana.
8Uyakuthabatha onke amanoni enkunzi yomnikelo wesono, amanoni asibekela izibilini nawo onke amanoni aphezu kwezibilini,
9nezinso zombili namanoni akuzo angasezinkalweni, namanoni aphezu kwesibindi, ewasusa ngasezinsweni,
10njengalokho kwasuswa kuyo inkunzi yomhlatshelo weminikelo yokuthula, umpristi akushise ealtare lomnikelo wokushiswa.
11Isikhumba senkunzi, nayo yonke inyama yayo, nenhloko yayo, namanqina ayo, nezibilini zayo, nomswani wayo,
12yebo, yonke inkunzi uyakuyikhiphela ngaphandle kwekamu*, ayiyise endaweni ehlambulukileyo lapho uthululwa khona umlotha, ayishise phezu kwezinkuni ngomlilo; iyakushiswa lapho uthululwa khona umlotha.
13Uma-ke yonke inhlangano yakwaIsrayeli iduka, leyonto isitheke emehlweni ebandla, benza noma yikuphi kuyo yonke imiyalo uJehova ayalé ngakho ukuthi akunakwenziwa, baze babe-necala,
14lapho isono aboné ngaso sesaziwe, ibandla liyakunikela ngeduna libe-ngumnikelo wesono lililethe phambi kwetende lokuhlangana.
15Amalunga enhlangano ayakubeka izandla zawo enhloko yenkunzi phambi kukaJehova, inkunzi ihlatshwe phambi kukaJehova.
16Umpristi ogcotshiweyo alethe igazi lenkunzi etendeni lokuhlangana.
17Umpristi uyakugcobhoza umunwe wakhe egazini, afafaze ngalo kasikhombisa phambi kukaJehova phambi kwesihenqo.
18Uyakulibheca igazi ezimpondweni zealtare eliphambi kukaJehova, elisetendeni lokuhlangana, athulule lonke elinye igazi ngasesinqeni sealtare lomnikelo wokushiswa elingasemnyango wetende lokuhlangana.
19Abesethabatha kuyo onke amanoni, awashise ealtare.
20Makenze njalo ngenkunzi; njengalokho wenza ngenkunzi yomnikelo wesono, makenze njalo nangalena. Umpristi abenzele ukubuyisana, baze bathethelelwe.
21Uyakuyikhiphela inkunzi ngaphandle kwekamu*, ayishise, njengalokho wayishisa inkunzi yokuqala: lokhu kungumnikelo wesono webandla.
22Nxa kona induna, yenza kungengamabomu noma yikuphi kuyo yonke imiyalo uJehova uNkulunkulu wayo ayalé ngakho ukuthi akunakwenziwa, ize ibenecala,
23uma-ke yaziswa isono sayo eyoné ngaso, iyakuletha umnikelo wayo ubeyimbuzi, eyeduna elingenasici.
24Iyakubeka isandla sayo enhloko yembuzi, iyihlabele endaweni lapho behlabela khona iminikelo yokushiswa phambi kukaJehova; kungumnikelo wesono.
25Umpristi wothabatha igazi lomnikelo wesono ngomunwe wakhe, alibhece ezimpondweni zealtare lomnikelo wokushiswa, igazi lawo alithulule ngasesinqeni sealtare lomnikelo wokushiswa.
26Onke amanoni awo uyakuwashisa ealtare njengamanoni omhlatshelo weminikelo yokuthula, umpristi ayenzele ukubuyisana ngesono sayo, ize ithethelelwe.
27Uma kona umuntukazana, enza kungengamabomu noma yikuphi kuyo imiyalo uJehova ayalé ngakho ukuthi akunakwenziwa, aze abe-necala,
28uma aziswa isono sakhe oné ngaso, woletha umnikelo wakhe wembuzi, insikazi engenasici, ngesono sakhe oné ngaso.
29Uyakubeka isandla sakhe enhloko yomnikelo wesono, awuhlabe umnikelo wesono endaweni yomnikelo wokushiswa.
30Umpristi wothabatha igazi lawo ngomunwe wakhe, alibhece ezimpondweni zealtare lomnikelo wokushiswa, lonke elinye igazi lawo alithulule ngasesinqeni sealtare.
31Onke amanoni awo uyakuwasusa, njengalokhu amanoni esuswa emhlatshelweni weminikelo yokuthula, umpristi awashise ealtare abe-yiphunga elimnandi kuJehova, umpristi amenzele ukubuyisana, aze athethelelwe.
32Uma eletha iwundlu libe-ngumnikelo wakhe wesono, woletha insikazi engenasici.
33Uyakubeka isandla sakhe enhloko yomnikelo wesono, awuhlabe, ube-ngumnikelo wesono, endaweni lapho behlabela khona umnikelo wokushiswa.
34Umpristi wothabatha igazi lomnikelo wesono ngomunwe wakhe, alibhece ezimpondweni zealtare lomnikelo wokushiswa, lonke elinye igazi lawo alithulule ngasesinqeni sealtare.
35Onke amanoni awo uyakuwasusa, njengalokhu amanoni emvu esuswa emhlatshelweni weminikelo yokuthula, umpristi awashise ealtare phezu kweminikelo yomlilo kaJehova, umpristi amenzele ukubuyisana ngesono sakhe oné ngaso, aze athethelelwe.