Isono nesijeziso samadodana ka-Aroni
1ONadabi noAbihu amadodana ka-Aroni bathatha bobabili imicengezi yabo yomlilo, bafaka umlilo kuyo, babeka impepho phezulu, banikela phambi kukaJehova ngomlilo ongafanele, angabayalanga ngawo.
2Kwaphuma umlilo ngaphambi kukaJehova, wabaqeda, bafa phambi kukaJehova.
3UMose wayesethi kuAroni: Yikho uJehova akukhuluma, ethi:
Kubo abaseduze nami ngiyakungcweliswa,
phambi kwabantu bonke ngiyakukhazimuliswa.
UAroni wathula.
4UMose wabiza oMishayeli noElisafani amadodana kaUziyeli, uyisekazi ka-Aroni, wathi kubo: Sondelani, nibasuse abafowenu ngaphambi kwendlu engcwele, nibakhiphele ngaphandle kwekamu*.
5Base besondela, babasusa bembethe amabhantshi abo, babakhiphela ngaphandle kwekamu*, njengalokho eshilo uMose.
6UMose wayesethi kuAroni nakuEleyazare nakuItamari amadodana akhe: Ningathukululi izinwele zamakhanda enu, ningaklebhuli izambatho zenu ukuba ningafi, ingathukuthelelwa yonke inhlangano, kepha abafowenu, yonke indlu yakwaIsrayeli, mabalilele ukushisa akuphembileyo uJehova.
7Ningaphumi emnyango wetende lokuhlangana, funa nife, ngokuba amafutha okugcoba kaJehova aphezu kwenu. Benza-ke njengezwi likaMose.
8UJehova wakhuluma kuAroni, wathi:
9Ungaphuzi-wayini naluphuzo olunamandla, wena namadodana akho kanye nawe, nxa ningena etendeni lokuhlangana, ukuba ningafi; kuyakuba-yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu.
10Niyakwahlukanisa okungcwele nokungengcwele, okungcolileyo nokuhlambulukileyo,
11nize nifundise abantwana bakwaIsrayeli zonke izimiso uJehova azikhulumé kubo ngesandla sikaMose.
Izabelo zeminikelo zabapristi
12UMose wakhuluma kuAroni nakuEleyazare nakuItamari amadodana akhe aseleyo, wathi: Thathani umnikelo wempuphu osele eminikelweni yomlilo kaJehova, niwudle ungenamvubelo ngaseceleni kwealtare, ngokuba ungcwelengcwele,
13niwudle endaweni engcwele, ngokuba kuyimfanelo yakho nemfanelo yamadodana akho eminikelweni yomlilo kaJehova; ngokuba ngiyaliwe kanjalo.
14Isifuba sokuzuliswa nomlenze wokuphakanyiswa niyakukudla endaweni ehlambulukileyo, wena namadodana akho namadodakazi akho kanye nawe, ngokuba kuphiwe kube-yimfanelo yakho nemfanelo yamadodana akho emihlatshelweni yeminikelo yokuthula yabantwana bakwaIsrayeli.
15Mabalethe umlenze wokuphakanyiswa nesifuba sokuzuliswa kanye neminikelo yomlilo yamanoni ukuba bakuzulise, kube-ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova, kube-ngokwakho nokwamadodana akho kanye nawe, kubeyimfanelo ephakade, njengalokho uJehova eyalile.
16UMose wafunisisa impongo yomnikelo wesono; bheka, yayishisiwe; wabathukuthelela oEleyazare noItamari amadodana ka-Aroni aseleyo, wathi:
17Anidlanga ngani umnikelo wesono endaweni yendlu engcwele, njengokuba ungcwelengcwele, futhi niphiwe wona ukuba nisuse ububi benhlangano, niyenzele ukubuyisana phambi kukaJehova, na?
18Bhekani, igazi lawo alingeniswanga phakathi endaweni engcwele; bekufanele ngempela ukuba niwudlele endaweni engcwele, njengalokho ngayala.
19UAroni wathi kuMose: Bheka-ke, namuhla banikele ngomnikelo wabo wesono nangomnikelo wabo wokushiswa phambi kukaJehova; nokho ngehlelwe yilokhu mina; uma bengidlile umnikelo wesono namuhla, bekuzakwamukeleka emehlweni kaJehova na?
20Esezwile lokho uMose, kwaba-kuhle emehlweni akhe.