Ukwahlulelwa kweJerusalema
1Yeka ukwembesa kweNkosi indodakazi yaseSiyoni amafu ngentukuthelo yayo.
Uphonsile ubuhle bukaIsrayeli emhlabeni busuké ezulwini,
angasikhumbulanga isenabelo sezinyawo zayo ngosuku lwentukuthelo yayo.
2INkosi igwinyile onke amakhaya kaJakobe ingahawukelanga.
Ngentukuthelo yayo ibhidlizile izinqaba zendodakazi yakwaJuda,
yazidilizela emhlabathini, yangcolisa umbuso nezikhulu zawo.
3Yanquma ngokufutheka kolaka lwayo zonke izimpondo zakwaIsrayeli,
yabuyisela emuva isandla sayo sokunene ebusweni bezitha,
yashisa uJakobe ngomlilo wamalangabi odla nxazonke.
4Yansala umnsalo wayo njengesitha, yema njengomelene nathi ngesokunene sayo,
yabulala konke okwakumnandi emehlweni ethu.
Etendeni lendodakazi yaseSiyoni yathulula ukufutheka kwayo njengomlilo.
5INkosi isinjengesitha, imgwinyile uIsrayeli;
yagwinya zonke izindlu zakhe zobukhosi, yachitha izinqaba zakhe;
yandisile endodakazini yakwaJuda ukukhala nokulila.
6Yachitha idokodo layo njengelensimu, yaqeda indawo yayo yokuhlangana.
UJehova wenza ukuba kukhohlakale imikhosi emisiweyo namasabatha eSiyoni,
wadelela ngokufutheka kolaka lwakhe inkosi nompristi.
7INkosi yalilahla ialtare layo, yanengwa yindlu yayo engcwele, yanikela izingange zezindlu zayo zamakhosi esandleni sesitha.
Ziphakamisé izwi endlini kaJehova njengasosukwini lomkhosi omisiweyo.
8UJehova wayecebile ukuchitha ugange lwendodakazi yaseSiyoni; wawelula umucu wokulinganisa, akabuyisanga isandla sakhe ekuchitheni;
wenza ukuba kukhale ugange nodonga, kudangale kanyekanye.
9Amasango alo ashona emhlabathini; wachitha, wayaphula imigoqo yalo.
Inkosi yalo nezikhulu zalo baphakathi kwezizwe, lapho kungekho khona umthetho.
Nabaprofethi balo abatholi-mbono kuJehova.
10Amalunga endodakazi yaseSiyoni ahlezi emhlabathini, athule;
athelé uthuli emakhanda awo, abhincé indwangu yamasaka.
Izintombi zaseJerusalema zithobisela phansi amakhanda azo.
11Amehlo ami ayaphela izinyembezi, izibilini zami ziyaxhaphazela;
isibindi sami sithululelwe emhlabathini ngenxa yokuchitheka kwendodakazi yabantu bami,
ngokuba izingane nabancelayo bayadangala ezigcawini zomuzi.
12Bathi konina: Aphi amabele newayini,
lapho bedangala njengababulawayo ezigcawini zomuzi,
imiphefumulo yabo ithululelwe ezifubeni zawonina.
13Ngingafakaza ngokuthini ngawe, ngikufanise nani, ndodakazi yaseSiyoni, na?
Ngingakulinganisa nani ukuba ngikududuze, ntombi eyindodakazi yaseSiyoni na?
Ngokuba ukuchitheka kwakho kukhulu njengolwandle. Ngubani ongakuphulukisa na?
14Abaprofethi bakho bakubonele imibono eyize nobuwula;
abambulanga ukona kwakho ukuba babuyise ukuthunjwa kwakho.
Kepha bakubonele iziprofetho eziyize nezikhohlisayo.
15Bonke abadlula ngendlela bakushayela ihlombe,
bancimfe, banikine amakhanda abo ngenxa yendodakazi yaseJerusalema ngokuthi:
Yiwo lomuzi owawubizwa ngokuthi ubuhle obupheleleyo nentokozo yomhlaba wonke na?
16Zonke izitha zikukhamisela umlomo wazo,
zincimfa, zigedla amazinyo, zithi: Siwugwinyile.
Impela yilo usuku esilulindele; sesilufumene, silubonile.
17UJehova wenzile lokhu abekucebile;
uligcwalisile izwi lakhe, ayeyalé ngalo ezinsukwini zasendulo;
ubhidlizile engenasihawu, wenza ukuba isitha sithokoze phezu kwakho,
waphakamisa uphondo lwabamelene nawe.
18Izinhliziyo zabo zikhala eNkosini;
wena-lugange lwendodakazi yaseSiyoni,
izinyembezi mazehle njengemifula imini nobusuku.
Mawungazivumeli ukuphumula, inhlamvu yeso lakho ingayeki.
19Vuka ukhale ebusuku ekuqaleni kwemilindo,
uthulule inhliziyo yakho njengamanzi phambi kobuso beNkosi;
phakamisa izandla zakho kuyo ngenxa yokuphila kwezingane
ezidangala ngendlala ezingosini zezitaladi zonke.
20Bheka, Jehova, ubone ukuthi wenzile kanjalo kubani.
Abesifazane bayakudla yini izithelo zabo, izingane eziphathiweyo kahle, na?
Abaprofethi nabapristi bayakubulawa endlini engcwele yeNkosi, na?
21Balele phansi ezitaladini, abasha nabadala.
Izintombi zami nezinsizwa zami ziwile ngenkemba.
Wababulala ngosuku lwentukuthelo yakho, wabulala engahawukelanga.
22Wabiza njengasosukwini lomhlangano izesabiso zami nxazonke;
akubangakho ngosuku lwentukuthelo kaJehova owasindayo nowasalayo.
Labo engangibaphathile, ngabondla, izitha zami zibaqedile.