Ukuchithwa kweAyi
1UJehova wathi kuJoshuwa: Ungesabi, ungabi-naluvalo; suka nabo bonke abantu bempi, ukhuphuke uye eAyi; bheka, nginikele esandleni sakho inkosi yaseAyi, nabantu bayo, nomuzi wayo, nezwe layo;
2uyakwenza kulo iAyi nenkosi yalo njengalokho wenza kulo iJeriko nenkosi yalo; impango yalo kuphela nezinkomo zalo niyakuziphangela khona. Wuqamekele umuzi emva kwawo.
3UJoshuwa wasuka kanye nabo bonke abantu bempi ukuba akhuphukele eAyi; uJoshuwa wakhetha amadoda ayizinkulungwane ezingamashumi amathathu, amaqhawe anamandla, wawathuma ebusuku.
4Wawayala ngokuthi: Bhekani, niyakuwuqamekela umuzi, emva komuzi, ningayi kude kakhulu nomuzi, nihlale nilungele nonke.
5Mina nabantu bonke abanami siyakusondela emzini; kuyakuthi lapho bephuma ukusihlasela njengakuqala, sibaleke phambi kwabo.
6Bayakuphuma, basilandele, size sibasuse emzini, ngokuba bayakusho ukuthi: Babaleka phambi kwethu njengakuqala, besesibaleka phambi kwabo;
7niyakusuka ekuqamekeleni, niwudle umuzi, ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu uyakuwunikela esandleni senu.
8Kuyakuthi lapho seniwuthathile umuzi, nithungele umuzi ngomlilo, nenze njengezwi likaJehova; bhekani, senginiyalile.
9UJoshuwa wayesebathuma, baya ukuyoqamekela, bahlala phakathi kweBethele neAyi ngasentshonalanga kwaseAyi; uJoshuwa walala lobobusuku phakathi kwabantu.
10UJoshuwa wavuka ekuseni kakhulu, wabutha abantu, wakhuphuka, yena namalunga akwaIsrayeli, phambi kwabantu, waya eAyi.
11Bonke abantu bempi ayenabo bakhuphuka, basondela, baya phambi komuzi, bamisa ngasenyakatho kwaseAyi; kwakukhona isigodi phakathi kwakhe neAyi.
12Wathatha amadoda kungathi izinkulungwane eziyisihlanu, wawaqamekelisa phakathi kweBethele neAyi ngasentshonalanga komuzi.
13Sebehleliwe abantu, lonke ibandla elalingasenyakatho komuzi nabaqamekeleyo babo ababengasentshonalanga komuzi, uJoshuwa waya ngalobobusuku phakathi kwesigodi.
14Kwathi inkosi yaseAyi ikubona lokho, ashesha avuka ekuseni amadoda omuzi, aphuma ukuhlasela uIsrayeli, yona nabantu bayo, endaweni enqunyiweyo ngaphambi kwehlane; yayingazi nokho ukuthi babekhona abayiqamekeleyo ngasemva komuzi.
15UJoshuwa nabo bonke abakwaIsrayeli benza kungathi bahluliwe phambi kwabo, babaleka ngendlela eya ehlane.
16Bonke abantu basemzini babizwa ukuba babaxoshe; bamxosha uJoshuwa, basuswa emzini.
17Akusalanga-muntu eAyi naseBethele ongaphumanga ukubaxosha abakwaIsrayeli, bawushiya umuzi ugengelezile, babaxosha abakwaIsrayeli.
18UJehova wathi kuJoshuwa: Yelulela umkhonto osesandleni sakho ngaseAyi, ngokuba ngiyakulinikela esandleni sakho. UJoshuwa welulela-ke umkhonto osesandleni sakhe ngasemzini.
19Abaqamekeleyo bashesha basuka endaweni yabo, bagijima lapho eselula isandla sakhe, bangena emzini, bawuthatha; bawuthungela ngomlilo masinyane.
20Lapho amadoda aseAyi ebheka emva kwabo, abona, bheka, umusi womuzi wenyukela ngasezulwini; ayengenamandla ukubaleka ngalapha noma ngalapha, lapho abantu ababebalekele ngasehlane sebephendukela ababaxoshayo.
21Ngokuba nxa uJoshuwa nabo bonke abakwaIsrayeli bebona ukuthi abaqamekeleyo bawuthathile umuzi nokuthi umusi womuzi wenyuka, base bebuyela emuva, bawabulala amadoda aseAyi.
22Labo abanye baphuma emzini ukuba babahlasele baze babe-phakathi kukaIsrayeli, abanye ngalapha, abanye ngalapha, bababulala, kwaze kwangasalamuntu owaphunyuka, wabaleka.
23Inkosi yaseAyi bayibamba isaphila, bayiyisa kuJoshuwa.
24Kwathi lapho uIsrayeli eseqedile ukubulala bonke abakhileyo eAyi endle ehlane, lapho ebebaxoshele khona, bese bewé bonke ngosiko lwenkemba baze baqedwa, bonke abakwaIsrayeli babuyela eAyi, balichitha ngosiko lwenkemba.
25Bonke abawa ngalolosuku, abesilisa nabesifazane, babeyizinkulungwane eziyishumi nambili, abantu bonke baseAyi.
26UJoshuwa akabuyisanga isandla sakhe awelula ngaso umkhonto, engakaqothuli bonke abakhileyo eAyi.
27Izinkomo kuphela nempango yalowomuzi uIsrayeli waziphangela khona, njengezwi likaJehova amyala ngalo uJoshuwa.
28UJoshuwa wayeselishisa iAyi, walenza laba-yiduma lenxiwa kuze kube-phakade; liyincithakalo kuze kube-namuhla.
29Inkosi yaseAyi wayiphanyeka emthini kwaze kwahlwa; ukushona kwelanga uJoshuwa wabayala ukuba behlise isidumbu sayo emthini, basintshinga ngasesikhaleni sesango lomuzi, wamisa phezu kwaso inqwaba enkulu yamatshe ekhona nanamuhla.
Ialtare entabeni yase-Ebali
30Khona uJoshuwa wamakhela uJehova uNkulunkulu kaIsrayeli ialtare entabeni yase-Ebali,
31njengalokho uMose inceku kaJehova wayala abantwana bakwaIsrayeli, njengokulotshiweyo encwadini yomthetho kaMose, ialtare lamatshe angabaziwe, angaphakanyiselwanga-muntu insimbi; banikela phezu kwalo ngeminikelo yokushiswa kuJehova, banikela ngeminikelo yokuthula.
32Waloba khona ematsheni impinda yomthetho kaMose ayilobayo phambi kwabantwana bakwaIsrayeli.
33Bonke abakwaIsrayeli namalunga abo, nezinduna zabo, nabahluleli babo babemi ngalapha nangalapha komphongolo phambi kwabapristi bamaLevi abathwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova, abafokazi nabokuzalwa ekhaya, inxenye yabo ibhekene nentaba yaseGerizimu, inxenye yabo ibhekene nentaba yase-Ebali, njengalokho uMose inceku kaJehova ebeyalile, ukuba babusise abantu bakwaIsrayeli kuqala.
34Ngasemuva wafunda onke amazwi omthetho, isibusiso nesiqalekiso, njengakho konke okulotshiwe encwadini yomthetho.
35Akwabakho-zwi kukho konke akuyalayo uMose, angalifundanga uJoshuwa phambi kwebandla lonke lakwaIsrayeli, nabesifazane, nabantwana, nabafokazi ababehamba phakathi kwabo.