Abantwana bakwaIsrayeli bayasokwa
1Kwathi onke amakhosi ama-Amori ayengaphesheya kweJordani ngasentshonalanga, nawo onke amakhosi amaKhanani ayengaselwandle esezwa ukuthi uJehova womisé amanzi aseJordani phambi kwabantwana bakwaIsrayeli saze sawela, izinhliziyo zabo zaphela amandla, kungabe kusaba-khona-sibindi ngenxa yabantwana bakwaIsrayeli.
2Ngalesosikhathi uJehova wathi kuJoshuwa: Zenzele omese bensengetsha, ubuye usoke abantwana bakwaIsrayeli ngokwesibili.
3UJoshuwa wazenzela omese bensengetsha, wabasika abantwana bakwaIsrayeli eDulini lamaJwabu.
4Nasi isizathu uJoshuwa abasoka ngaso: bonke abantu abaphuma eGibithe ababengabesilisa, onke amadoda empi, bafa ehlane ngasendleleni, sebephumile eGibithe.
5Ngokuba bonke abantu abaphuma babesokiwe, kepha bonke abantu abazalwa ehlane ngasendleleni ekuphumeni kwabo eGibithe babengabasokanga.
6Ngokuba abantwana bakwaIsrayeli bahamba iminyaka engamashumi amane ehlane, saze saphela isizwe sonke, yiwo amadoda empi aphuma eGibithe, lokhu engalalelanga izwi likaJehova, afunga kuwo uJehova ukuthi akayikuwabonisa izwe uJehova alifungela oyise ethi uyakusinika lona, izwe elivamé ubisi nezinyosi.
7Abantwana bawo abavusa esikhundleni sawo bona uJoshuwa wabasoka, ngokuba babengabangasokile, lokhu bengabasokanga endleleni.
8Kwathi sebeqedile ukusoka abantu bonke, bahlala ezindaweni zabo ekamu*, baze baphola.
9UJehova wayesethi kuJoshuwa: Namuhla ngilethulile kini ihlazo laseGibithe. Ngalokho igama laleyondawo lathiwa iGiligali kuze kube-namuhla.
Iphasika laseKhanani
10Abantwana bakwaIsrayeli bamisa eGiligali, bagcina iphasika ngosuku lweshumi nane lwenyanga ngakusihlwa emathafeni aseJeriko.
11Badla ezithelweni zezwe ngolwangakusasa emva kwephasika, amaqebelengwane angenamvubelo notshwele ngalona lolosuku.
12Imana* lanqamuka ngangomuso, nxa sebedla ezithelweni zezwe; abakwaIsrayeli ababe besaba-nemana futhi, kepha base bedla ezithelweni zezwe laseKhanani ngalowomnyaka.
Isikhulu sebandla lasezulwini
13Kwathi uJoshuwa esengaseJeriko, waphakamisa amehlo akhe, wabona, bheka, nanso indoda malungana naye enenkemba yayo ihoshiwe esandleni sayo; uJoshuwa waya kuyo, wathi kuyo: Uvuna thina noma izitha zethu na?
14Yathi: Qha, ngifikile njengesikhulu sebandla likaJehova. UJoshuwa wayesewa ngobuso emhlabathini, wakhuleka, wathi kuyo: Ithini inkosi yami encekwini yayo na?
15Isikhulu sebandla likaJehova sathi kuJoshuwa: Khumula isicathulo sakho onyaweni lwakho, ngokuba indawo omi kuyo ingcwele. UJoshuwa wenze njalo-ke.