UJoshuwa uyala abantu
1Kwathi emva kwezinsuku eziningi, lapho uJehova esephumuzile uIsrayeli ezitheni zabo zonke nxazonke, uJoshuwa esemdala eneminyaka eminingi,
2uJoshuwa wabiza wonke uIsrayeli, amalunga akhe, nezinhloko zakhe, nabahluleli bakhe, nezinduna zakhe, wathi kubo: Sengimdala ngineminyaka eminingi;
3nibonile konke uJehova uNkulunkulu wenu akwenzile kuzo zonke lezizizwe ngenxa yenu, ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu nguye onilweleyo.
4Bhekani, nginabele lezizizwe eziseleyo zibe-yifa lezizwe zenu, kusukela eJordani, kanye nezizwe zonke engizinqumileyo, kuze kufike eLwandle oluKhulu ngasentshonalanga.
5UJehova uNkulunkulu wenu uyakuzixosha ngaphambi kwenu, azidungule ebusweni benu, nilidle izwe lazo, njengalokho ebekhuluma uJehova uNkulunkulu wenu kini.
6Yimani kakhulu isibindi ukugcina nokwenza konke okulotshiwe encwadini yomthetho kaMose, ukuze ningachezuki kukho ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo,
7ukuba ningangeni kulezozizwe ezisele phakathi kwenu, ningabizi amagama awonkulunkulu bazo, ningabafungi, ningabakhonzi, ningabakhothameli,
8kepha ninamathele kuJehova uNkulunkulu wenu, njengalokho nenzile kuze kube-namuhla.
9Ngokuba uJehova uxoshile ngaphambi kwenu izizwe ezinkulu ezinamandla, kepha nina, akukho-muntu omile phambi kwenu kuze kube-namuhla.
10Umuntu oyedwa uxoshile inkulungwane, ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu nguye onilwelayo, njengalokho ebekhuluma kini.
11Qaphelisisani ukuba nimthande uJehova uNkulunkulu wenu.
12Ngokuba uma nibuyela emuva, ninamathele ensalini yalezozizwe, zona lezi ezisele phakathi kwenu, niganiselane nazo, ningene kuzo, nazo kini,
13yazini nokwazi ukuthi uJehova uNkulunkulu akasayikuzixosha lezozizwe phambi kwenu, kepha zoba-lugibe nesihibe kini, nenkalivasi* ezinhlangothini zenu, nameva emehlweni enu, nize nibhubhe kulelizwe elihle uJehova uNkulunkulu wenu aniniké lona.
14Bhekani, namuhla ngiyahamba indlela yomhlaba wonke; niyazi ezinhliziyweni zenu zonke nasemiphefumulweni yenu yonke ukuthi akuphuthanga nento eyodwa kuzo zonke izinto ezinhle azikhuluma uJehova uNkulunkulu wenu ngani; kwenziwa konke kini, akuphuthanga nento eyodwa kukho.
15Kuyakuthi njengalokho zonke izinto ezinhle zenziwe kini akhuluma ngazo uJehova uNkulunkulu wenu kini, kanjalo uJehova ehlisele phezu kwenu zonke izinto ezimbi, aze anibhubhise kulelizwe elihle uJehova uNkulunkulu wenu aniniké lona.
16Uma neqa isivumelwano sikaJehova uNkulunkulu wenu akuyala ngaso, niye nikhonze abanye onkulunkulu, nibakhothamele, intukuthelo kaJehova iyakunivuthela, nibhubhe masinyane ezweni elihle aniniké lona.